IMIBUZO: Yonke imibuzo mayelana nokuqukethwe kulesekhula kumele idluliselwe ehhovisi lesiqephu sakho.
UGDE njengomqashi uyazi ukuthi kuyilungelo labasebenzi ukuthi baphathwe kahle njengoba kubandakanywa kumthetho-sisekelo wase Ningizimu Afrika kanye nesemithethweni ephathelene nendlela yokuphathwa kwabasebenzi.
Kuyisibopho somqashi kanye nomsebenzi ukuthi balandele imilawulo ye LRA futhi bahloniphe nezibopho zabaphathi babo mayelana nalokhu.
Zonke lezimali zizoqala ukudonswa nge 1 Okthobha 1999.
Amalungu walezinyunyane iSAOU, NAPTOSA, PSA, PAWUSA, COSATU kanye nalezo zoMnyango wezeMfundo ezingena phansi kweCOSATU, uma efuna ukuphikisa umqashi ngokuthi wona awazange angene ndawo esitelekeni, noma uma afuna ukuthi awazange alalele imibiko ebuya kumanyunyane wabo lapho bebelayelwa ukuthi benze nanoma yini ethe yabenza ukuthi bangakwazi ukwenza umsebenzi abaqashelwe wona; kumele banikezele kumqashi ngencwadi yesiqinisekiso echaza ukuthi abazange bangenele isiteleka phambi kosuku lwe15 Septemba 1999. Kumahhovisi weziqephu lencwadi kumele inikezwe uDEC, kwamanye amahhovisi wezifund nasehhovisi elikhulu lencwadi kumele inikezwe abaqondisi abakhulu. [Funda okubhalwe kusekhula 30 no130/1998 uthole khona namafomu ekumele agcwaliswe].
Izicelo zekhefu azizokwamukelwa ngumqashi ngalesikhathi sesiteleka, kuzakwamukelwa nje lezo ezenziwe ngaphambili uma kuyizicelo zalabo bayokuthola izingane, izicelo zokubhala izamanesheni kanye nezicelo zabantu abangaphilanga uma umuntu ethe wagula isikhathi esedlula izinsuku ezingu 14, futhi uma lezi zicelo zokugula zihamba nencwadi, noma isithifikethi, ebuya kudokotela okanye eminye imithola-mpilo.
Labo basebenzi abathe baziphatha ngendlela embi ngesikhathi sesiteleka bazokuthathelwa izinyathelo zokujezisa.
Nanoma omuphi na umsebenzi otholwe esesitelekini ngokungekho emthethweni uzakuthathelwa isinyathelo sokujezisa futhi kungadlulelwa nasesinqumeni sokuthi axoshwe emsebenzini wakhe. Inombolo yocingo olusipesheli olubekelwe yonke imibiko nemibuzo mayelana nalendaba ithi 0800600933.
