Ukuze kuvikelwe isimo lapho abafundisi bangazithola bebekwe icala lokungaziphathi ngendlela efanele, kuseqwini ukuthi bazazi izilinganiso ezisetshenziswayo ukunquma ukuthi yizini ezithathwa ngokuthi ziyindlela embi nengafanele endaweni yomsebenzi.
a aphikisa noma ahluleka ukuhambiselana nembandela yalomthetho noma nanoma owuphi na umthetho othinta izindaba zemfundo b enza noma ebangela ukwenziwa okanye eyekela ukwenziwa noma ecimela into engalungile ezodala ihlazo endleleni yokuziphatha nasendleleni uMnyango oqhuba ngayo umsebenzi wawo emahhovisi wawokanye nasezikhungweni zawo c engalandeli imilayezo, noma enquma ukuthi angekhe alandele imilayezo esemthethweni ebuya kumuntu onegunya lokuyinikeza, noma ngamazwi noma ngezenzo abonisa ukungahloniphi d akawenzi umsebenzi wakhe ochazwe yisikhundla asiphethe ngendlela efanele e enza umsebenzi wakhe wangaphandle engatholanga imvume kumqashi wakhe, futhi uma lomsebenzi loyo uhlangene ngqo nomsebenzi womfundisi f ezama ukuthola usizo kumuntu wangaphandle ongaqashwanga nguhulumeni okanye umuntu ongasiyilungu lenyunyane malunga nendaba ephathelene nomsebenzi wakhe kanye nesimo sakhe sokuqashwa nokwenza umsebenzi wakhe; ngaphandle kokuthi lolusizo luzosiza ukuletha isimo sokulingana kumuntu obehlelelekile njengoba kuchazwa kumthetho wabasebenzi iLabour Relations Act noma ephalamende noma emthethweni weprovinsi lakhe g eziphatha ngendlela ekuyihlazo, engafanele ngengabukeki, okanye angabonisi kuhlonipha ngesikhathi somsebenzi noma ehlukumeza abanye abantu ngokubafuna isondo nezinye izindlela zokuhlukumeza h aphuza utshwala noma ezinye izidakamizwa ngesikhathi somsebenzi i akhuluma ngezindaba zomsebenzi angafanelekanga ukuzikhipha ngaphandle kwemvume yomqashi, noma asebenziswa ulwazi lwakhe lwalezindaba ukuthi enze imisebenzi angaqeshelwanga yona kulendaba akunakwanga ukuthi uye wakhuluma na ngolwazi lolu noma cha j ngaphandle kwemvume yomqashi aukele oma abize izimali ngokwenza umsebenzi wakhe awuqashelwe njengomfundisi, izihlobo zezimali ingabe ngamakhomishini, noma imiklomela kanye nezimali ezikhokhelwa loyo msebenzi awenzile kube akanalungelo lalezimali. Lezinto zihlanganisa nesimo lapho ahluleke ukubikela umqashi ukuthi wamukele lezimali k esebenzisa izinto noma izakhiwo zikaHulumeni ngokungekho mthethweni l uma onile m uma engazanga emsebenzini ngaphandle kwesizathu esizwakalayo; noma n akhuluma amanga noma enza inkulumo ekungasiyiqiniso ngenhloso yokuthola amalungelo omsebenzi nangenhloso yokulimaza igama nesithunzi sikahulumeni, noma uMnyango wezeMfundo okanye omunye umsebenzi wakahulumeni.
A1. Uma umsebenzi eboshiwe ngokuthi inkundla imthole enecala noma ekhululwe lokho akusho ukuthi uMnyango awunakumthathela izinyathelo zokumjezisa ngokusebenzisa lomthetho; nanoma ubufakazi obunikezwe ngesikhathi ebekwa icala, uma kutholwe buyiqiniso, kodwa abumkhululi umsebenzi ukuthi angasamangalelwa nguhulumeni kulandelwa ekubhalwe emthethweni wabasebenzi.
a embikelayo ngesinyathelo sokummisa emsebenzini ngumqashi esithathwe b achazele umfundisi ukuthi eziphi izizathu ezimenze wathatha lesinqumo c anikeze umfundisi ithuba lokuthi abonise izizathu zokuthi yini engenza ukuthi angamiswa emsebenzini, lokuthi kumele kwenziwe phakathi kwezinsuku ezingu-14 emuva kwalelosuku ekubhalwe lona encwadini.
