Nokuhlinzeka ababhali benqubomgomo ngolwazi oludingekayo ukukala ukusebenza koHlelo loMthetho waMacala oBugebengu eNingizimu Afrikha esisekelweni sesayensi.
Ushintsho noma izinguquko okumele zenziwe ezihlobene nezindlela nemithetho yokwethulwa kobufakazi ngendlelanqubo yamacala obugebengu, ibheyili nezindlela kanjalo nemithetho yokukhipha izigwebo, iziboshwa ezilinde ukuthethwa kwamacala azo nokuminyana emajele ukuphucula ukusebenza ngempumelelo nangendlela kohlelo lwamacala obugebengu.
Uma kunesidingo, ingqungquthela yokuhlanganisa nokuxhumana nabazohlomula oHlelweni loMthetho waMacala oBugebengu, lapha sibala nabamele iminyango kahulumeni, abafundisa ezikhungweni zemfundo ephakeme kanye nomphakathi wasemadolobheni.
Ithimba lokubuyekeza uBulungiswa bamacala obugebengu (iThimba lokuBuyekeza); nethimba lokuphathwa kobulungiswa bamacala obugebengu noCwaningo lweZindlela ezingasiza (iThimba loCwaningo).
Nokuqinisekisa ukwabiwa kwemiphumela yokugcina kubo bonke abanesabelo kulokho.
UNgqongqoshe woMnyango wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo kumele asebenze njengoSihlalo weThimba loCwaningo.
Ukukhipha yonke imiphumela ebalwe ngenhla.
IBhodi elinikeza usizo lwezoMthetho; kanye Nethimba labacwaningi abawaziyo umsebenzi wabo, lapha sibala neKhomishana yoKwenziwa kaBusha koMthetho waseNingizimu Afrikha.
UMqondisi Jikelele woMnyango wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo kumele asebenze njengoSihlalo weThimba loCwaningo.
Kumele kusungule ihhovisi lobubhalane ukuhlinzeka ukweseka amaThimba okuCwaninga nokuBuyekeza, Ihhovisi lobubhalane kumele libe seHhovisi loMnyango wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo.
Umbiko wokugcina kumele wethulwe kuMongameli wezwe, onyakeni owodwa kusuka ngosuku lokuqala ukusebenza kweThimba, nemibiko yesikhashana, uma idingeka.
