Ucansi oluvikelekile kuchaza ukuthi sebenzisa ijazi lomkwenyana zikhathi zonke.
Ucansi oluvikelekile luchaza ukuthi isitho sangasese sowesilisa singangeni esithweni sangasese sowesifazane.
Kuchaza ukuthi iya ocansini nomngani oyedwa. (ubungani obuthembekile).
Ucansi oluvikelekile kuchaza ukuthi wena nomngani wakho nihlolwe igazi ukuze kutholakale ukuthi aninalo igciwane. Nobabili seningaya ocansini. Nakho lokhu kuseyilo ucansi oluphephile.
Umuntu onegciwane lengculaza angaphila isikhathi eside uma ezinakekela.
Phuza amanzi ahlanzekile.
Mboza ukudla ukuze izimpukane zingezukwandisa amagciwane.
Geza izandla emva kokusebenzisa indlu yangasese.
Geza izandla ngaphambi kokudla.
Lahla udoti ngendlela efanele.
Gcina ikhaya nendawo ohlala kuyo ihlanzekile.
Ukugqugquzela ukusetshenziswa kwamajazi omkhwenyana.
Ukugqugquzela ucansi oluphephile.
Nokuthi cha ocansini.
Abantu abanengculaza nabo banamalungelo njengawo wonke umuntu. Ilungelo lokuhlonishwa.
Ilungelo lokuba nomuzi.
Ilungelo lokuvikelwa kweminining wane ngabo.
Ingculaza isifo esibulala amasosha omzimba sishiye umuntu engavikelekile ezifweni.
Ingculaza ibangwa ukuphelelwa amandla kwamasosha omzimba. Umuntu angaphila negci-wane lengculaza iminyaka eminingi engatshengisi izimpawu.
Ingculaza noma isandulela ngculaza iphakathi kwethu, iyiqiniso, kanti futhi iyabhebhetheka ngesivinini esiphezulu. Lesisifo singasinqoba kuphela uma singahlangana sibambane ngezandla ukuze sisindise isizwe sethu. Sonke lesisikhathi besivale amehlo sithemba ukuthi ingculaza akusilo iqiniso. Ngokwenza njalo sivumele isandulela ngculaza ukuba sibhebhetheke yonke leminyaka. Izwe lethu lihamba phambili ngale-sisifo. Usuku nosuku isibalo esingango 1500 sabantu batheleleka ngalesisifo eMzansi Afrika. Abantu abangaphezu kwezigidi ezintathu sebe-naso lesisifo.
Njengabahlanganyeli abalwa nesandulela ngculaza noma ingculaza kumele sihlanganise sonke izinhla zethu, kanye namandla nemiqondo yethu.
Ayikho enye indlela esingavikela ngayo ukwanda kwengculaza ngaphandle kokuziphatha kahle kwethu.
Kumele sisebenzisane futhi sisekele izikhungo zezempilo ekuphenyeni ikhambi lengculaza nesandulela sayo. Kumele sazise zonke izingcebo zesizwe ukuthi zihambise imilayezo yokuvikela ingculaza, sinike uxhaso kulabo asebenaso lesisifo nabasondelene nabo.
Kumele sibambane ngezandla njengabahlanganyeli, sazi ukuthi ukuhlangana kwethu kungaba nemi-phumela emihle.
Kumele sazi ukuthi esikwenza namhlanje sikwenzela ikusasa lethu nesizwe sethu. Umasindawonye njengabahlanganyeli silwa nengcu-laza nesandulela ngculaza singanqoba.
Igciwane lesandulela ngculaza lingena emzimbeni ngezindlela ezilandelayo: Ngokuya ocansini ngaphandle kokuse benzisa isivikeli e.
Umama angathelela ingane yakhe ngesikhathi ingaphakathi kuye, noma ngesikhathi ebeletha. Ngokuthelekisa ngegazi elinegciwane.
wane. Ukuthinta igazi lomuntu onegciwane lengculaza e.g igazi lihlangane nokuvuleka kwesikhumba, noma isikhumba esilimele.
indlebe, ngaphansi kwekhwapha noma kwizimvilapho.
Izilonda ezingapholi emlonyeni.
Izimpawu zesifo sofuba, ukukhwehlela nokujuluka.
Ukukhishwa isisu okungapheli okubuye kuhambisana nokuphalaza.
Ukulahleka komqondo nokukhohlwa kalula.
Ziningi izindlela zokuvikela ingculaza. Isikhathi esiningi ingculaza ithelelana ngoko-cansi. Kumele uye ocansini oluvikelekile uma ufuna ukuphepha.
