Chaza indlela yokuphucula umthetho elandelweyo kulolucwaningo lokudayisa ucansi ngabantu abadala?
Chaza zonke iziphakamiso ezahlukene ezidalulwe emphakathini?
Okokuqala, ngaphansi koMthetho welizwe lakithi ukudayiswa kocansi ngenhloso, nokuthenga ucansi kumuntu omdala ngenhloso kanye futhi nezinye izenzo eziphathelene nokudayiswa kocansi kuphambene noMthetho.
Okwesibili, zonke iziphakamiso ezicukethwe kuleliPhepha-ngxoxiswano zikubona kuyicala ukudayiswa kocansi ngabantu abasebancane; ukuphoqelela ukudayisa ucansi ngaphandle kwesivumelwano; kanye futhi nokuhweba ngabantu ngenhloso yokudayisa ucansi. IKhomishani ibona ukuthi ukuphoqelela umuntu ukudayisa ngocansi kuphambene nomthetho kanti futhi lesisiphakamiso kufanele sifakwe kwi-Repoti yeziphakamiso zokugcina zeKhomishani.
Isiphakamiso sesibili sithi akube yicala elingaphelele izenzo zabantu ezihambisa ukudayiswa kocansi, amabhizinisi okudayisa ucansi kanye namakhasimende ocansi. Abantu okuyibona abadayisa ucansi abaphuli umthetho ngoba babonwa kungabantu okufanele bavikelwe.
Isiphakamiso sesithathu sithi akulawulwe futhi kuvunyelwe ngokomthetho ukudayiswa kocansi kuhambe ngendlela ebekiwe njengokukhipha amalicense wamabhizinisi ocansi, kubhaliswe abantu abadayisa ngocansi kanti futhi izindawo eziyingozi lapho abantu abadayisa ngocansi besebenzela khona zidalulwe. Ngaphansi kwalesisiphakamiso, ukudayiswa kocansi ngabantu abadala kuvunyelwe, kodwa kufanele kuhambe ngendlela ebekiwe. Ukudayiswa kocansi okungahambi ngendlela ebekiwe akube yicala.
Isiphakamiso sesine sithi ukudayisa ucansi akungabonwa njengesenzo esiphambene nomthetho. Lokhu kuhambisana nokuthi ukudayiswa kocansi kuthathwa njengenye yezidlela ezivunyelwe zokusebenza- kodwa ukusetshenziswa kwemithetho yabasebenzi kuloludaba akusho ukuthi lokho kuyikona sizathu sokungaphuli umthetho. Kudwa akuthathwe njengomgomo obekwe nguhulumeni.
Chaza kafushana ukuthi yingani ungenawo umbono mayelana nomdlalo webhola lendebe yomhlaba kanobhutshuzwayo?
Ucwaningo selulonke olumayelana namacala aphathelene nezocansi (okusho ukuthi i-Project 107), olwacala ngo 1998 lunegunya elibanzi. Inhloso yalolucwaningo wokuphucula kabanzi indlela yokuhanjiswa kobulingiswa ngokuphathelene nawo onke amacala amayelana nocansi kanye nokudayiswa kocansi ngabantu abadala, nokucwaningisisa imithetho ephethelene namacala ukuze kwenziwe iziphakamiso-sivivinyo ezihlose ukuphucula izindlela zokuhanjiswa kobulungiswa ukuze kulwiswe udlame oluhambisana nocansi nokuthi lezi iziphakamiso-sivivinyo zilethe izinguquko.
