INingizimu Afrika inezibopho zamazwe ngamazwe ngaphansi kwezivumelwano ezibophezelayo nomthetho olawula ohulu-meni bamazwe ngamazwe endimeni yamalungelo esintu eqhu-bekisa ukulingana futhi enqabela ubandlululo olungalungile.
mfanelo zemvumelwano njengokuyala kweSivumelwano sokuSusa Zonke Izinhlobo zoBandlululo loBuzwe neSivume-lwano sokuSusa Zonke Izinhlobo zoBandlululo olubhekene nabeSifazane phakathi kwezinye.
Ukubakhona kobandlululo oluhleliwe nokungalingani, kakhulu maqondana nobuzwe, ubulili nomqhina kuyo yonke imikhakha yempilo ngenxa yobandlululo olunga-lungile lwamanje nolwedlule olwalethwa ababusi ababe-busa lelizwe bekwamanye amazwe, uhlelo lobandlululo nohlelo lokubuswa ngabesilisa; kanye nesidingo sokuthatha izinyathelo kuwo wonke amazinga zokususa ubandlululo olunjalo nokungalingani.
Lomthetho uyambophezela uHulumeni nabo bonke abantu.
LoMthetho awusebenzi kunoma imuphi umuntu futhi kangangoba uMthetho woMsebenzi wokuLunga, 1998 (uMthetho 55 ka 1998), usebenza kuyena.
Noma uHulumeni noma ngabe imuphi umuntu angebandlulule ngokungalungile noma imuphi umuntu.
ukunqabela ukufunyaniseka kwamathuba, kumbandakanya ukufunyaniseka kwezinkonzo noma amathuba ezinkontileka zokunika izinkonzo zenkokhelo.
i ukungalingani okuhleliwe ekufunyanisekeni kwama-thuba ngabesifazane ngenxa yokwaba umsebenzi ngobu-lili.
ngokwehluleka ukususa imigoqo/izithiyo ezikhawulisa ngokungalungile noma ezivimbela abantu abanemiqhina ekuthokozeleni amathuba alinganayo noma ukwehluleka ukuthatha izinyathelo zokulungiselela ngokufanele izidingo zabantu abanjalo.
yokuvuthela noma yokuhlwanyela inzondo.
Ngaphandle kokona noma imaphi amakhambi ohlobo lwe-cala legazi ngaphansi kwaloMthetho, inkantolo njen-gokuhambisana nesigaba 21 (a) futhi nalapho kufanele khona, ingaledlulisela kumQondisi oShushisela uMphakathi onamadla noma iliphi icala eliphathelene nokwazisa, uku-phakamisa, ukuhlanganyela noma ukudalula inkulumo eyin-zondo njengoba kucatshangwe kusigatshana , ukuze kuqaliswe icala lobulelesi njengokuyala koMthethi weZwe, noma umthetho oqondene.
Akukho muntu ongabeka noma imuphi umuntu ijoka lokuhlushwa.
ongazisa noma abonise noma isiphi isikhangiso/isincomo noma isaziso, Esingahunyushwa ngokufanele noma esingaqondwa ngokufa-nele njengesikhombisa inhloso esobala yokubandlulula noma imuphi umuntu: Kuqikelelwe ukuthi ukungena ebungcwetini bokubumba/bokuqamba, inhlakanipho yengqondo ukuphenya ngezesayensi, ukubika okulungile ngonako lomphakathi noma ukwazisa nganoma iluphi ulwazi, isikhangis/isincomo noma isa-ziso njengokuhambisana nesigaba 16 soMthethosisekelo, aku-vinjiwe yilesi sigaba.
uma owodwa noma engaphezulu yemibandela ehlelwe kundima (b) yencazelo "izizathu ezinqats-helwe" ziqiniswa; futhi ii ngaphandle kokuba umphendulicala eqinisa ukuthi ubandlululo alulungile.
Akulona ubandlululo olungalungile ukuthatha izinyathelo ezihlose ukuvikela noma ukuqhubekisela phambili abantu noma izinhlobo zabantu ezimiswe kabi ubandlululo olunga-lungile nomaa amalungu alawo maqoqo noma izinhlobo zabantu.
noma ubandlululo lwehlukanisa ngokufanele noma ngo-kuvunyelwe umthetho phakathi kwabantu njengoku-hambisana nezilinganiso ezinqumeka zingathonywe yilutho olunye, ezifunekayo kulowo msebenzi.
Ezehlweni zenkulumo eyinzondo nokuhlushwa isigaba 14 asisebenzi.
zonke iziNkantolo eziPhakeme ziyizinkantolo zokulingana kulezo zindawo ezingaphansi kwazo.
aguqule noma ahoxise nanoma isiphi isaziso esik hishwe kulandelwa lendima.
d inhloko ephethe echazwe kwindima c kumele ibhale incwadi lapho iqoka khona imantshi eyodwa noma ngap-hezulu, abazokwengamela inkantolo yokulingana, nokuncike kwimigomo yesigatshana 2.
kuphela engaqokwa njengoba kuchazwe kwisigatshana.
bathathe zonke izinyathelo ukuqinisekisa ukuqokwa koyedwa okungenani ukwengamela inkantolo yokulingana endaweni abayiphethe; futhi bazise uMqondisi-Jikelele ngokushesha lapho kunejaji, imantshi okanye imantshi yokwengeza esiphothule uqe-qesho oluchazwe kwisigaba 31 no noma eqokwe kulandalelwa isigatshana.
abaphothule uqeqesho oluchazwe kwisigaba 31 no ; noma abaqokwe ukuba bongamele inkantolo yokulingana njen-goba kuchazwe kwisigatshana.
Lowo oqokwe ukwengamela inkantolo yokulingana kumele enze imisebenzi abuye asebenzise namandla awanikwe yiloMthetho okanye yinoma imuphi omunye umthetho.
Omabhalane bezinkantolo zokulingana a uMqondisi-Jikelele kuMnyango, ebhekele imigomo yesigatshana 2 kanye nemithetho engamele ukusebenza kwe-minyango kahulumeni, angaqoka umsebenzi oyedwa noma ngaphezulu kulowo Mnyango, noma aqoke omunye umuntu oyedwa noma ngaphezulu ngendlela enqunyiwe, abazoba omabhalane benkantolo yokulingana abayosiza leyo nkan-tolo abajutshelwe kuyo ukwenza imisebenzi yayo enqunyiwe.
ngaphambi kokuba kuqale ukusebenza kwesigaba 31; noma njengoba kubhekelwe kwisigaba31, futhi nogama lakhe livela kuhla oluchazwe kwisigatshana, abangaqokwa njengoba kuchazwe kwisigatshana (a).
abaphothule uqeqesho oluchazwe kwisigaba 316; noma abaqokwe ukuba bongamele inkantolo yokulingana njen-goba kuchazwe kwisigatshana (a)
uMqondisi-Jikelele unelungelo lokudlilisela imisebenzi noma amandla athile anawo ngaphansi kwalesigaba kunoma imu-phi omunye umsebenzi woMnyango ngaphansi kwemiban-dela eyobekwa nguye, kodwa lokho akumphuci lawo mandla awanikwe yilesigaba, futhi unelungelo lokuguqula noma ahoxise isinqumo esithathwe yilowo msebenzi ekusebenziseni lawo mandla.
Ukubakhona kofakazi nokukhokhwa kwemali yofakazi emacaleni avuka ekusebenzeni kwaloMthetho makunqunywe nguNgqongqoshe ngendlela enqunyiwe.
nesikhundla samandla omthetho, kuye ngesigatshana kanye nanjengokuba kungekho okunye ukuhlinzeka osekwenziwe kwizimiselo ngaphansi kwesigaba 30 saloM-thetho.
Onke amacala angaphambi kwenkantolo makaqhutshwe enkantolo evulekile, ngaphandle nanjengokuba inkantolo ingayala ngokunye ngenxa yeminako yokuphathwa kobulungiswa.
b Ukusebenza kwendima a, ephathelelene nokuqiniswa komyalo, iyalengiswa kuze kube noma yikuphi ukudlulisa okucatshangwe kusigaba 23 sekuphethiwe.
Umuntu ofuna ukumangala njengokuyala kwalo noma nga-phansi kwaloMthetho makazise umabhalane wenkantolo yokulingana, ngenhloso yokwenze njalo, ngendlela enqunyiwe.
hekiswe kuyo njengenye inkundla ngokubona kwesiphathimandla engaluphatha kangcono ngokufanele udaba njengokuyala kwamandla nemisebenzi kwaleyo enye inkundla.
b Uma isiphathimandla esongamele sinquma ukkuthi udaba luzothethwa enkantolo yokulingana, isiphathi-mandla esongamele masilukhombe udaba kumabhalane wenkantolo yokulingana okufanele phakathi kwenkathi enqunyiwe yalokhu kukhonjwa anike usuku lokuthethwa kodaba.
imibono yesikhulu esifanele kunoma iyiphi enye inkundla ecatshangiwe.
Umabhalane wenkantolo yokulingana makalwedlulisele udaba futhi azise abahlanganyeli odabeni ngokwedluliswa kwalo, ngendlela enqunyiwe, ekwamukeleni umyalo okubhekiswe kuwo kwisigatshana.
Inkundla enye ekukhulunywa ngayo mayiluvavanye udaba ngokushesha ekumukeleni udaba oludluliselwe kuyo njengokuyala kwamandla nemisebenzi yalo.
yehluleka ukulivavanya udaba ngaphakathi kwesikhathi esifanele njengoba kumi kanjalo; noma ingakwazi ukulixazulula udaba ngokwenelisa oyedwa noma bobabili abahlanganyeli futhi oyedwa noma boba-bili abahlanganyeli becala kanjalo, isikhungo esinye masiluphindisele emuva kwinkantolo yokulingana olwa-vela kuyo, ngendlela enqunyiwe, ukwahlulelwa, ngapha-kathi kwesikhathi esinqunyiwe kusukela osukwini olwaphindiselwa ngalo kwinkantolo yokulingana.
uHulumeni nezikhungo zoMthethosisekelo mazisize, njen-goba kunokwenzeka ngokufanele, noma imuphi umuntu ofuna ukumangala njengokuyala kwalo noma ngaphansi kwaloMthetho, ngokulungiselela ukuba kwenzeke ukuba umuntu akhonjiswe isikhulu/umsebenzi ofanele ukuze enze okudingekile ukuqhubekisela phambili udaba okukhulunywa ngalo.
Inkantolo yokulingana ekumangalwa kuyo amacala njen-gokuyala kwalo noma ngaphansi kwaloMthetho mayenze uphenyo ngendlela enqunyiwe bese inquma noma ubandlu-lulo olungalungi;e lwenzekile, inkulumo eyinzondo noma ukuhlupha, kuye ngesimo, kwenzekile, njengoba kushiwo.
umyalo wokuthobela noma isiphi isihlinzeko soMthetho.
Umyalo owenziwe inkantolo yokulingana njengokuyala kwalo noma ngaphansi kwaloMthetho unomphumela womyalo wenkantolo eshiwo owenziwe ecaleni lombango, lapha kufanele khona.
ingadlulisela noma iliphi icala elingaphambi kwayo kunoma isiphi isikhungo soMthethosisekelo esiqondene noma umgwamanda ofanele ukuze luxazululwe, kushwelezwe noma kuboniswane.
Inkantolo inawoonke amandla asizayo/alekelelayo adingekile noma ahambisana nawo ngokufanele ekwenzeni imisebenzi yayo nokusebenzisa amandla ayo, kumbandakanya amandla okunika imiyalo yesikhashana noma izinqumo zokuvimbela.
Kunoma iliphi icala njengokuyala kwalo noma ngaphansi kwaloMthetho, inkantolo, icelwa inoma imuphi wabahlan-ganyeli, noma ngentando yayo uma isiphathimandla esonga-mele sibona ukuthi kunokusiza ubulungiswa, inabiza ukuzoyisiza oyedwa noma bobabili abantu abafanele futhi abanokutholakala futhi abangavuma ukuhlala futhi benze njengabasizi.
Abeluleke ababekwe njengokuyala kwesiagatshana , bacatshangwa ukuthi bangamalungu enkantolo ngezinhloso zaloMthetho, kuye ngesigatshana.
Isiphathimandla esongamele masilihlehlise iala maqon-dana nanoma iluphi udaba noma inkinga okubhekiswe kuyo endimeni (a) bese sihlala sodwa ukuthetha lelo cala kanye nesinqumo salolo daba noma inkinga.
Nanini lapho isiphathimandla senza isinqumo njengoku-yala kwendima (a)masinike izizathu zaleso sinqumo.
Kuzo zonke izindaba ezenzeke ngempela okutholiwe noma isinqumo seningi lamalungu enkantolo singokutholiwe noma siyisinqumo senkantolo, futhi uma kwenzeka ukuba kube ngoyedwa umluleki, okutholiwe noma isinqumo senkantolo siyoba namandla.
singayala ukuba icala liqalwe kabusha; noma iii uma umluleki engekho, lihlehliswe icala ukuze kutholakale ukubakhona komluleki.
b Isiphathimandla esongamele masinike izizathu zanoma isiphi isiyalo okubhekiswe kuso kundima i noma ii.
uma lowo mhlanganyeli ecaleni engasizwa ummeli; futhi ii uma isiphathimandla esongamele sinombono wokuthi abeluleki abathintekile benze ngokusobala okutholiwe okungalungile.
Umabhalane wenkantolo yokulingana makaziyise lezo zizathu kanye nerekhodi lecala kwinkantolo ephakeme yokwedlulisa okukhulunywa ngayo, ngesikhathi esi-nokwenzeka kahle, ngendlela enqunyiwe, ukuzobukezwa.
Inkantolo yokwedlulisa inamandla okuqinisa okutholiwe okushiwo noma ukwenza noma imuphi umyalo ofanele maqondana nalokho okutholiwe ukuthi ngombono wen-kantolo yokwedlulisa engabe kwenziwa njengoba kumi kanjalo.
Noma imuphi umuntu onesikhalo/owoniwe yinoma imuphi umyalo owenziwe inkantolo yokulingana njengokuyalela kwalo noma ngpahansi kwaloMthetho, angawedlulisa lowo myalo obhekene naye eNkantolo ePhakeme enesikhundla samandla omthetho noma kwinkantolo ePhakeme yokwe-Dlulisa, kuye ngesimo.
Ekudluliswei, iNkantolo ePhakeme yookweDlulisa, kuye nge-simo, ingenza lowo myalo odabeni njengoba ingacabanga kufanele.
Phezu kokuba isigatshana sihkinzeka kanjalo, noma imu-phi umuntu okhononda nganoma imuphi umyalo owenziwe inkantolo yokulingana, kuye ngemithethonqubo yeNkantolo yoMthethosisekelo, angawedlulisela ngokuqondile ngqo kwiNkantolo yoMthethosisekelo ukuyoxazululwa.
Uma kwenzeka kuba khona iziphathimandla ezenza izinqumo ezishayisanayo ezindabeni ezifanayo maqondana nendima (b) sencazello "izizathu ezenqatshelwe", isinqumo masiyiswe kwiNkantolo ePhakeme enamandla, ukuze sibukezwe.
iNkantolo ePhakeme ekukhulunywa ngayo mayenze isixazululo maqondana nesizathu okubhekiswe kuso endimeni (a) futhi emuva kwalokho ingenza noma imu-phi umyalo njengokuyala kwaloMthetho njengoba ibona kufanele, emuva kokubheka udaba.
Ukusebenza kwendima (a) kuyalengiswa kuze kube noma yikuphi ukudlulisa okucatshangwe kulesi sigaba sekuphethiwe.
UKUQHUBEKISA UKULINGANA 24 Isibopho esijwayelekile sokuqhubekisa ukulingana uHulumeni unemfanelo nesibopho sokuqhubekisa nokufeza ukulingana.
Bonke abantu banemfanelo nesibopho sokuqhubekisa ukulingana.
makenze amasu olwazi ngenhloso yokuba loMthetho waziwe.
iKhomishani yamaLungelo eSintu yaseningizimu Afrika kanye nezinye izikhungo zomthethosisekelo, ngaphezulu kwanoma iyiphi enye imfanelo, ingacela noma iyiphi enye ingxenye ewela ngaphakathi kwencazelo kaHulumeni noma imupphi umuntu ukuyinika ulwazi lwanoma iziphi izinya-thelo eziqondene nokufezwa kokulingana kumbandakanya, lapha kufanele khona, kwenziwa ngomthetho noma ngesi-gungu nangokuthobela umthetho, ngezindlela zomkhuba wokuziphatha kanye nangezinhlelo, njengokuyala koMthe-thosisekelo noma imuphi umthetho.
ngokucela kuMnyango ngendlela enqunyiwe, imibiko evamile maqondana nenani lamacala nohlobo nompphumela wawo.
ngokuphoqelela nokuqapha ukuphoqelelwa kwamapulani okulingana, izindlela zokuziphatha namasu okulungisa ezithuthukiswe yibona; kanye nangokwenza imibiko evamile kumagunya aqaphile aqondene noma izikhungo njengoba kungahlinzekwa kwizimiselo, lapho kufanele khona.
Ngokuvumelana nesigaba 26, bonke abantu, izinhlangano ezingekho kuHulumeni, izinhlangano ezikulowo mgwa-manda nezikhungo zendabuko maziqhubekise ukulingana ebudlelwaneni bazo neminye imigwamanda nasemisebenzini yazo yomphakathi.
Uma kuqinisiwe ekubekweni kwanoma iliphi icala ukuthi ubandlululo olungalungile ngesizathu sobuzwe, ubulili nomqhina lwaba nengxenye olwayidlala ekwenzeni icala, lokhu makuthathwe njengesim esincokolozayo ngenhloso yokugweba.
iKhomshani yamaLungelo eSintu yaseNingizimu Afrika, embikweni wayo okubhekiswe kuwo kusigaba 15 soMthetho weKhomishani yamaLungelo esintu, 1994 (uMthetho 54 ka 1994) makabandakanye inani elinqunyiwe elikhombisa uku-thi ubandlululo olungalungile ngesizathu sobuzwe, ubulili nomqhina luphikelela kangakanani eRipaliki, imiphumela yalo nezincomo zokuthi iyiphi indlela enhle kakhulu yokuxa-zulula izinkinga.
ukuqhubekisa ukulingana maqondana nobuzwe, ubulili nomqhina.
uNgqongqoshe makanqume njalonjalo ukuqondana/ ukuhlangana kwemikhuba equkethwe kwiSheduli 1 ngezi-nhloso zokukhulisa, zokuguqula, zokuphendula noma uku-susa imikhuba kwiSheduli 1, ngezincomo zeKomidi lokuBukeza ukuLingana.
Uhlu olubonisa imikhuba kuSheduli 1 allona olokugcina/ olunqamulayo juqu futhi lufanele lubhekwe futhi lubukezwe yiKomidi lokubukeza ukuingana njalonjalo.
nanoma iluphi udaba oludinge ukunqunywa ukuze kufezwe izinjongo zaloMthetho.
Noma isiphi isimiselo esenziwe ngaphansi kwalesi sigaba esi-bangela uHulumeni incithakalo, masenziwe kuboniswana noNgqongqoshe wezeZimali.
a Noma isiphi isimiselo esenziwe ngaphansi kwalesi sigaba masibekwe ezithebeni zePhalamende izinsuku ezingama-30 ngaphambi kokumenyezelwa kwaso kwiGazethi uma iPhalamende ihlezi kulesoo sikhathi.
Izimiselo ezenziwe njengokuyala kwalesi sigaba, futhi kakhulu isigatshan 1a asiphathelene nenqubo ophenyweni, mazi-lungiselele ukuthi ukusebenza kwaloMthetho kulula, kulungile futhi kuyathwaleka, njengoba kungenzeka.
Nakuba kuchazwe ngokunye kwisigaba 16 , alukho udaba oluyoqala enkantolo yokulingana ngaphandle uma kukhona ongamele inkantolo nomabhalane wenkantolo.
b uNgqongqoshe kumele asakaze lomthetho ngazo zonke izilimi ezisemthethweni kungakapheli iminyaka emibili kuphasiswe loMthetho.
uMqondisi-Jikelele kumele athathe zonke izinyathelo ezifa-nele ngezinsiza anazo ukuqinisekisa ukuthi inkantolo yoku-lingana ngayinye kwiRipabliki inomabhalane oyedwa okungenani.
baqeqeshe abazongamela izinkantolo ngezindlela zokuphila kwemiphakathi; futhi babuye bahlinzeke ngezindlela, izinqubo namazinga afa-nayo okumele alandelwe yilabo abongamele izinkanolo zokulingana ngenkathi besebenza babuye basebenzise amandla abawanikiwe.
kuqeqeshwe omabhalane ngezindlela zokuphila kwemiphakathi; futhi kubuye kuhlinzekwe ngezindlela, izinqubo namazinga afanayo okumele alandelwe ngomabhalane bezinkantolo zokulingana ngenkathi beqhuba umsebenzi wabo.
uNgqongqoshe kumele athule umbiko phambi kwePhala-mende njengoba kunqunyiwe, oqondene nokuqukethwe kanye nendlela oluqhutshwa ngayo uqeqesho oluchazwe kwizigatshana no.
ilungu loMkhandlu kaZwelonke weZifundazwe.
lineminye imisebenzi namandla njengoba kunqunyiwe.
amalungu eKomiti lokuBukeza ukuLingana okubhekiswe kuwo kusigaba 36(a), (d) no (e) abekwa inkathi eyiminyaka emihlanu futhi angabuye aphinde abekwe ekupheleni kwesi-khathi sabo sokuphatha isikhundla.
Ezinye izivemelwano nemibandela yokubekwa kwamalungu eKomiti lokuBukeza ukuLingana zinjengoba zinqunyiwe.
Umsebenzi wokupatha ohlangene nokwenza imisebenzi yeKomiti lokuBukeza ukuLingana ufanele wenziwe iziphathimandla ezikhonjwe nguMqondisi-Jikelele woMnyango.
Amalungu eKomiti lokuBukeza ukuLingana anelungelo kulowo mvuzo, izinkokhelo ezinqunyiwe kanye nezinye izi pho zesihle njengoba zinganqunywa nguNgqongqoshe wezeZimali.
iKomiti mayiphenye bese yenza izincomo ezidingekayo kuNgqongqoshe ngaphakathi konyaka owodwa.
oluvimbela inkantolo ekunqumeni ukuthi lezi zizathu zimbandakanyiwe kwesisodwa noma kwezingaphezulu izizathu maqondana nendima (b) yencazelo "izizathu ezinqatshelwe" noma kwesisodwa noma kwezingaphe-zulu izizathu ezibhalwe kundima (a) yencazelo "izizathu ezinqatshelwe".
Izinsuku ezahlukile zinganqunywa mayelana nezihlinzeko ezahlukile zaloMthetho.
Ukwehluleka ukuhlonipha umgomo weholo elilinganayo emsebenzini olinganayo.
Ukwenza iholo elingalingani elehlukanisayo elisukela obandlululweni olungalungile lingapheli.
Ukusilalisa abantu ngokungalungile kuzikhungo zemfundo, kumbandakanya abafundi abanezidingo ezingavamile.
Ukwehluleka ngokufanele nangokwenza ukulungisela ukungefani emfundweni.
Ukwenza izilingo zesayensi kubantu ngaphandle kwemvume yabo elumukile.
Ukwalela ngokungalungile noma ukunqabela noma imuphi umuntu ukufunyaniseka kwezimfanelo zokunakekela ngem-pilo noma ukwehluleka ukwenza izimfanelo zokunakekela ngempilo zifunyaniseke kunoma imuphi umuntu.
Ukwenqaba ukwelapha ngemithi okuphuthumayo/engozini kubantu bamaqoqo athile abakhonjwe ngesisodwa noma ngaphezulu zezizathu ezinqatshelwe.
Ukunqaba ukuhlinzeka ngokufanele abadala ngezinkonzo zempilo.
Ukukhipha abantu endlini ngokunganaki-mthetho/ngokufohloza kwesisodwa noma ngaphezulu zezizathu ezinqatshelwe.
Ukudwebela umugqa obomvu ngesizathu sobuzwe nokuma kwezokuhlalisana.
Ukubandlulula ngokungalungile ngokuhlinzeka ngebhondi yezindlu, imali yokwebolekwa noma usizo lwemali oluseke-lwe kubizwe, ubulili noma ezinye izizathu ezinqatshelwe.
Ukwehluleka ngokufanele ukulungisela izidingo ezingavamile zabadala.
Ukumisa kabi umuntu noma abantu ngokungalungile, kum-bandakanya ngokungalungile noma ngokungafanele ukun-qaba ukunika izinkonzo kubantu ngoba nje isisekelo kuwukuma KWESANDULELA NGCULAZI/INGCULAZI.
Ukusilalisa noma imuphi umuntu kubulungu besikhwama somhlalaphansi ngokungalungile noma ekwamukeleni noma isiphi isipho sesihle esikhwameni kwesisodwa noma kwezingaphezulu zezizathu ezinqatshelwe.
Ukubandlulula ngokungalungile amalungu noma abamukeli besikhwama somhlalaphansi.
Ukugidlela izivumelwano noma imibandela engalungile nebandlululayo umuntu amenywa ngaphansi kwayo noma angeniswa ngayo ukuba umhlanganyeli.
Ukugidlela imibandela ebekela umncele ngokungalungile noma ukwalela abantu abakumaqoqo ajiyezekile ukungena emsebenzini oqeqeshelwe.
Ukubekela umncele ngokungalungile noma ukwalela ama-lungu ukufunyaniseka kwezipho zesihle noma izimfanelo ngenxa yesizathu esinqatshelwe.
Ukunqaba ngokungalungile noma ukwehluleka ukuhlinzeka ngezimpahla/izinto noma izinkonzo noma ukwenza izimfa-nelo zitholakale kunoma imuphi umuntu noma iqoqo labantu kwesisodwa noma ngaphezulu zezizathu ezinqatshe-lwe.
Ukugidlela izivumelwano, imibandela noma imikhuba eyenza imikhokha yobandlululo olungalungile olwedlule ingapheli noma ukusilalisa maqondana nokufunyaniseka kwezinsizo zemali.
Ukubekela umncele ekufunyanisekeni kwamathuba ezinkontileka zokunika izimpahla nezinkonzo.
Ukunqaba ngokungalungile ukubheka isicelo somuntu sobulungu benhlangano noma iklabhu nganoma iziphi izizathu ezinqatshelwe.
Ukwalela ngokungalungile ilungu ukufunyaniseka, noma ukubekela umncele ilungu ukufunyaniseka kwanoma isiphi isipho sesihle esihlinzekwe inhlangano noma iklabhu.
Ukwehluleka ukuqhubekisa ukungefani ekukhetheni amadlanzi/amathimu amele.
