Isilinganisomali okulindeleke ukuba sisetshenziswe, ngokwevoti ngalinye, kulowo nalowo nyaka kulesi sabelomali esibekelwe iminyaka ethile, sehlukanise imali ekhona nesisetshenzisiwe ngaleso sikhathi.
Ningangitsheli izinto zenu eziseqhulwini. Ngikhombiseni lapho nisebenzisa khona imali yenu mina ngizobe sengiyanitshela ukuthi ziyini lezo zinto.
Namuhla sizokhombisa amalungu ahloniphekile ukuthi sihlose ukuyisebenzisa kuphi imali yethu, bese niyasitshela ukuthi ngabe iyazifeza yini izinto eziseqhulwini esifundazweni. Kodwa nikhumbule, "Imali iyinsiza nje. Ingakuthatha ikubeke lapho ufisa ukuya khona, kodwa ngeke ithathe isikhundla sakho wena njengomshayeli."
Noma, ngokwamagama othandiweyo wethu uMadiba, "Imali ngeke iyidale impumelelo, yinkululeko yokuyenza eyoyidala."
Unyaka ka-2010 uwunyaka lapho sizokwenza khona izinto ngokwehlukile. Indlela entsha yokwenza izinto ikhombisa umbono wethu ngezwe lethu kanye nesifundazwe sethu futhi ikhonjiswe kahle ngemiphumela eyi-12.
Ohulumeni baseKhaya abasenza ngobuqotho, ngokushesha nangokuzikhandla.
Ukuze sifeze umbono wethu oqukethwe kule miphumela, isifundazwe sesisungule uhlelo lokuqoqa imininingwane oluholwa yihhovisi likaNdunankulu. Lolu hlelo luqhutshwa ngokuqashwa kwamavolontiya. Asebenza emiphakathini eyahlukene ukwenza ucwaningo bese ebhala phansi izidingo zemiphakathi yakithi ngokungena umuzi ngomuzi. Imininingwane ephelele yomuzi nomuzi izosenza sikwazi ukubona amazinga obuphofu isimo sezempilo, kanye kanye namazinga emfundo emphakathini. Lokhu kuzonika isifundazwe ulwazi olwanele lokusungula izinqubomgomo kanye nezinhlelo ezizoba nemithelela emihle ekwenzeni ngcono izimpilo zabantu bakithi.
Izindleko ezishaya emhlolweni zokuqasha amavolontiya anele ukwenza lolu cwaningo lokungena umuzi nomuzi emiphakathini zisabalwa, ngakho-ke imali yalolu hlelo eyanele iyoze ibe khona uma sekucutshungulwa imali ngo-2010/11. Okwamanje iminyango kaHulumeni eqhuba lolu hlelo kumele isebenzise imali enayo ukuqhuba lezi zinhlelo.
Izinto eziseqhulwini esifundazweni ekufezekiseni le miphumela eyi-12 zisazoluthola uxhaso futhi nabanye abalingani bami abangoNgqongqoshe basazocacisa ngalokhu uma nabo sebethula izabelomali zeminyango.
Ukwethulwa kwezinhlelo zokuphilisana kanye nokuziphatha kahle emphakathini.
Isimo esingesihle njengamanje sezomnotho sesiqubule imibuzo mayelana nendlela yokuziphatha kanye nokubalulekile kanti futhi sekunomuzwa oqinile wokuthi umhlaba usudinga inkombamnotho entsha ezosikhombisa ingqubekela phambili. Kumele senze lokho u-Albert Einstein, owazuza indondo ayekholelwa kukho "umhlaba ngeke udlule kulesi simo esibi sezomnotho uma usalandela lezi zindlela ezifanayo nalezi ezawufaka kuso."
Kumele sifunde emaphutheni esiwenzile nakulawo enziwe emhlabeni wonke jikelele.
Sizoqala lomshikashika ngesiqubulo esithi SENZA OKUNINGI NGOKUNCANE. Ngeke sinciphise izinga lokuletha izidingo kubantu kodwa sizogxila ekusebenzeni ngokuzikhandla, ngokucophelela nangobuhlakani ukuze siphumelele kulesi simo esingesihle sezomnotho.
Nomakunjalo, namuhla sihlangana ngomoya wokuba sibheke empumelelweni. Umnotho wethu kawusantenga ntengi kakhulu manje. Empeleni sisimama ngesivinini esingaphezulu kunaleso esilindelekile ngenxa yenqubomgomo yomnotho wethu kazwelonke. Njengoba ngonyaka odlule sasikleliswe saba ngabe-15 ngabezokuncintisana kwezoMnotho eMhlabeni wonke jikelele, njengamanje iNingizimu Afrika seyikleliswe yaba sendaweni yesithupha emazweni ayi-133 "ngenxa yokusebenza kahle kwamabhange."
Umnotho womhlaba wonke jikelele usimama ngesivinini esikhulu kunalokho obekucatshangwa ngaphambilini. Njengoba umnotho womhlaba wonke jikelele usimama kulesi simo sokuntengantenga sango-2009, abe-International Monetary Fund (IMF) baphoqeleke ukuthi baqagule ukwenyuka komnotho wabo ngaphambi kwesikhathi ngama-3,9% kulo nyaka bese kuba ngama-4,3% ngo-2011.
ENingizimu Afrika uMgcinimafa kaZwelonke yena uqagula ukukhula ngempela kwe-GDP iye ema-2,3% ngo-2010 bese ikhula ngama-3,2% ngo-2011. Ukubuyela ezingeni lokukhula ngama-5% nangaphezulu minyaka yonke kuzodinga ukuthi sizikhandle kakhulu. Kudingeka siqise amaxhama, ikakhulukazi, ekubambeni iqhaza kwentsha kwezomnotho, emiphakathini yasemakhaya kanye nalabo ababencishwe amathuba.
Kodwa-ke yize sinethemba kumele sikhumbule ukuthi asikelulami kahle hle. Ngaphandle kokukhula komnotho okwenzeke ngamakwata okugcina ka-2009, iminotho yomibili kaZwelonke nowesiFundazwe ibilokhu izika unyaka nonyaka.
Ukwenyuswa kwentengo kagesi ngabakwa-Eskom ngama-25% kungaphansi kunalokhu obekuhlongozwa.
Imiphumela yale nzikamnotho mikhulu futhi yehlukene. Kube nokuthuthuka okukhulu enzuzweni yokukhula komnotho ngesivinini kanye nasemathubeni emisebenzi kusukela ngo-2001-2008.
Inhlangano yoMhlaba ebhekelela ezabaSebenzi ibika ukuthi balinganiselwa ezigidini ezingama-34 abantu abalahlekelwe yimisebenzi emhlabeni wonke jikelele ezinyangeni eziyi-18 ezedlule. IBhange loMhlaba libalinganisela ezigidini ezingama-200 abantu abangase babe sezingeni lobuphofu ngenxa yenzikamnotho. ENingizimu Afrika bangama-870 000 abantu abalahlekelwe yimisebenzi lokhu kuqale le nhlekelela. EsiFundazweni saKwaZulu-Natal bangama-220 000 abalahlekelwe yimisebenzi kuze kuyoba yikwata yesine ka-2009.
Okudabukisayo, ukuthi le miphumela engemihle esikhathini esiningi ingase izwele kakhulu kulabo abadla imbuya ngothi. Ngokujwayelekile ishaya kakhulu intsha kanye nabesifazane okuyibona abayingxenye enkulu yabadla imbuya ngothi. Lezi zinombolo ezingezansi zisinika izibalo zabangasebenzi ngokweminyaka yobudala. Kuyacaca-ke lapha ukuthi kusamele sigxile kakhulu ekwandiseni amathuba omsebenzi wentsha.
Uhulumeni unendlela embaxambili yokubhekana nale nkinga - Yisu lesikhashana elizobhekana nalabo abaqeda kulahlekelwa wumsebenzi ngenxa yesimo somnotho esintengayo njengoba kubonakala ohlakeni oluyisivumelwano, bese kuzoba ngamasu azobhekana nabantu abangasebenzi kanye nalabo asebephose ithawula ekufuneni umsebenzi. Ngaleso sizathu, ngifisa ukuphinda isicelo sikaNdunankulu uMkhize asenza ngesikhathi ethula inkulumo yakhe eyibhekise esiFundazweni ukuthi izinkampani kumele zilisebenzise ithuba lohlelo lokuqeqesha ezinikwa lona.
Inzikamnotho igadle kwezwakala nasezimalini zikahulumeni. Ukuqoqwa kwentela kuZwelonke akuhambanga kahle ngonyaka ka-2009/10, kube ngaphansi ngemali elinganiselwa kwizigidigidi ezingama-R69. Kulindeleke ukuthi lolu khondolo luqhubeke ngisho nangonyakazimali ka-2010/11 ngenxa yodonda kwezinga lokuqoqa le ntela.
Yize iNingizimu Afrika kuyisebenzele ukuba negama elihle "ngokuba namabhange asebenza kahle" ekubolekeni imali ngenzalo ephansi, sonke siyazi ukuthi imali iyinto ebizayo ngakho-ke kumele siqaphele ukuthi singacwili kakhulu ezikweletini. Ngokwejwayelekile, amazwe acwile kakhulu ezikweletini (iJapan, iGreece, kanye ne-Italy) kungalindeleka ukuthi umnotho wawo ukhule kancane kakhulu ekuhambeni kwesikhathi kunamazwe anezikweletu ezincane(iChina, neChile).
Ukwenyusa izinga lokuboleka kudala ukuthi sibe sikhulu kakhulu isikweletu sezwe, lokho okuholela ekutheni libe nesikweletu esikhulu semali eyinzalo. NgokoMgcinimafa kaZwelonke, izindleko zokukhokha isikweletu ziqala ukulwisana nokutshalwa kwezimali kweminye imikhakha nokuwukhandolo olubonakala sengathi lusazoqhubeka naseminyakeni embalwa ezayo. Isikweletu sikaZwelonke kulindeleke ukuthi senyuke sisuka kwizigidigidi ezingama-R526 ekupheleni konyakazimali ka-2008/09 kuya kwizigidigidi eziphindwe kathathu nengxenyana (R1.3 trillion) ngonyakazimali ka-2012/13.
Ekuqinisekiseni ukuthi lesi sabelomali sibhekelela izinkinga nezidingo zabantu baKwaZulu-Natali, ngibe nemihlangano eminingi yokuthekelana ngemibono nemiphakathi ngokufanele kubhekelewe isabelomali. Lesi kuba yisithangami esihle sabantu bakithi ukuthi baveze lokho okusezinhliziyweni zezidingo zabo. Okuvele kwagqama kwathi bha ukuthi abantu bafuna sibhekelele izinto ezifana nokwakhowa kwamathuba emisebenzi, ukukhula komnotho kanye nokwehlisa izinga lobuphofu. Okunye okusondelene kakhulu nalokhu, yizinselelo ezihlasele imiphakathi yakithi ezifana nesandulela ngculazi nengculazi uqobo kanye nesifo sofuba okuyizifo ezingomashayabhuqe ezilokhu ziqhubekile ukuhlasela isiFundazwe nezwe lonke, kanye nemfundo eseqophelweni eliphezulu nokuthuthukiswa kwamakhono.
Umsebenzi wethu njengoHulumeni waKwaZulu-Natal wukuqinisekisa ukuthi imali yabelwa lokho okuyizidingo eziseqhulwini kubantu. Okunye futhi okubaluleke ngokufanayo wukuqinisekisa ukuthi izimali zikahulumeni zisetshenziswa ngobuhlakani nangobuqotho.
Ngokubonelela umnotho wethu okhula ngezinga eliphakathi nendawo kanye nokukhula kwezindleko zemalimboleko, uhulumeni ucubungula ukusebenza kweminyango yakhe ukuze kuthuthukiswe ukusebenza ngokuzimisela, ukwenza lokho okubalulekile ngemali kanye nokuyisa izinsiza lapho zidingeka khona kakhulu.
Sikhuluma-nje, sengihlangene nabo bonke abalingani bami, okungoNgqongqoshe, ukuxoxa ngezabelomali zevoti nevoti. Lokhu kusinike ithuba lokucubungulisisa ingcindezi eba khona uma kusetshenziswa imali, sifune izisombululo sisonke; futhi ngifisa ukubabonga ngokubamba iqhaza kwabo ngokuzimisela kulezi zingxoxo.
iThebula 1 ukhombisa ukwabelwa koMnyango ngamunye.
Imali eningi ingene kwezeMfundo. Isabelo sezeMfundo sizonyuka sisuka kwizigidigidi ezingama-R26,058 ngo-2009/10 siye kwizigidigidi ezingama-R33,292 ngo-2012/13. Lokhu kukhombisa ukwenyuka okungalinganiselwa ku-8,5% ngonyaka (ukulinganisa) no-3,5% ngokwezimali zangempela. Lokhu kwenzelwa ukubeka phambili okuseqhulwini ezinhlelweni zikahulumeni, okungukuthuthukisa izinga lezemfundo.
Ukubhekelela ukuntuleka kwengqalasizinda, njengamanje kwakhiwa izikole ezingu-8 kanti ezingama-200 zamabanga aphansi ezinezinkulisa (ECD) ezizohlomula ngamagumbi okufundela angomahamba nendlwana. Ngokuhambisana nalokhu, isibalo samagumbi okufundela isigaba-R esifundazweni sesenyukele ku-5 500 kule minyaka eyisihlanu edlule.
Ingane elambile ngeke ikwazi ukwenza kahle esikoleni. Ngalokho, uhlelo lukazwelonke lokuphakela izingane ukudla ezikoleni selunwetshelwe ukubhekelela nabafundi bezikole zamabanga aphezulu eziku-Quintile 2. Lokhu kuzokwenza lolu hlelo lufinyelele kubafundi abangu-1 845 000 ngo-2010/2011 kanti sizokwenyukela ku-2 168 821 ngo-2012/13.
Lesi sabelomali sizoqhubeka ukusetshenziselwa ukuthuthukisa izinga lokulethwa kwezidingo zezempilo esifundazweni. Lokhu kuhlanganisa nohlelo oludidiyelwe lokulwa nesandulela ngculazi nengculazi uqobo, nokuvimbela ukusuleleka kwengane kunina ingakazalwa nempilo yabesifazane kanjalo nohlelo lokulwa nesifo sofuba.
Isabelo esinikezwe uMnyango wezeMpilo sizohlinzekela ukwelashwa kwabantu abayizigidi ezingama-33 918 308 ezibhedlela nasemitholampilo ngonyaka ka-2012/13. Lokhu wukukhula ngenani eliyizigidi ezi-7 727 150 kusuka onyakeni wezimali zika-2009/10. Kulezi zibalo, isigidi esi-1 775 407 ngesezingane ezingaphansi kweminyaka eyisihlanu yobudala.
Isabelo esinikezwa uMnyango wezokuThutha senyukile kusuka kwizigidigidi ezi-R5,232 ingo-2009/10 saya kwezi- R6.267 ngo-2012/13 okukhombisa ukukhula ngonyaka okungu-1,3% ngokwezibalo zangempela (6,2% ngokulinganisa). Lokhu kuzokwenza uMnyango ukwazi ukuqhubeka nokwakhwa, ukunakekela nokulungisa imigwaqo yesifundazwe, uhlele, ulawule uphinde unikezele ngezinhlelo ezisezingeni zokuthutha, uphinde ulawule nezimoto emigwaqeni. Lokhu kuzokwenza lo Mnyango ukwazi, phakathi kokunye, ukuvuselela imigwaqo engalinganiselwa kwi-1 400 000 m2 ngonyaka uphinde upheshe kabusha oyitiyela olinganiselwa kwi-1 800 000 m2. Ziningi izinhlelo eziqhutshwa yilo Mnyango usebenzisa amandla okusebenza kwabantu, futhi lo nyaka wezimali uzokwenza ziqhubeke izinhlelo zikaZibambele eziqasha osonkontileka abangama-40 000 njalo ngonyaka. Ngokuhambisana nohlelo lwe-EPWP, uMnyango uzosungula amathuba emisebenzi ayizigidi ezi-5,240 ngonyaka.
Ukuthola izidingongqangi ezinjengezezindlu kanye namanzi aseduzane KwaZulu-Natal kuyakhuphuka kancane kancane kule minyaka. Isibonelo, njengamanje ingaphezulu kwesigidi esi-1.3 semindeni eseyihlomule ngezindlu ezisezingeni uma kuqhathaniswa nayizinkulungwane ezingama-910 000 ngonyaka ka-2001. Sesehlile Isibalo semindeni engakabi nawo amanzi ahlanzekile sisuka kwizinkulungwane ezingama-594 000 ngonyaka ka-2001 njengoba sebebalelwa kwizi-100 000 njengamanje.
UMnyango wezoLimo, ezeMvelo nokuThuthukiswa kweziMiphakathi yasemaKhaya uzogxila ekuthuthukiseni izindawo ezisemakhaya, ukuvuselela ezolimo kanye nakwingqalasizinda yezenhlalo nezomnotho kanye kulondolozwa kweMvelo. Isabelomali salo Mnyango senyukile sisuka kwisigidi esi-R1,999 ngo-2009/10 saya ezigidini ezi-R2,481 kunyaka wezimali ka-2012/13 nokuwukukhula kancane ngonyaka okulinganiselwa ku-2,5% (7,5% ngokulinganisa). Lesi Sabelo sizoqinisekisa ukuthi imindeni eyizinkulungwane ezi-791 956 engenakudla izohlomula ngezinhlelo zokungenelela kwalo Mnyango kulo nyaka wezimali. Ngaphezu kwalokho, bangaphezulu kwezinkulungwane ezi-800 000 ngonyaka abazohlomula ngezijumbana zembewu.
zizoqoqelwa ndawonye ku-Provincial Revenue Fund uma sekwedlule unyaka ka-2010. Kodwa lo Mnyango usazokwazi ukuqhubeka nokugxila ekuphuculeni izinga lokuphathwa komasipala, ukutshala izimali kwingqalasizinda, ukwandisa ulwazi, nokukhuthaza nokubusa ngokubambisana.
Lo Mnyango uzokuphinde uqhamuke nezinye izinhlelo ezintsha, njengohlelo lweTourism Buddy oluqeqesha abantu abazolekelela abavakashi ngolwazi oluyilona lona ngesikhathi seNdebe yoMhlaba. Lesi sabelomali, siphinde sihlinzekele nangezinhlelo zokusungulwa kohlaka olwaziwa nge-Agri-Business Development Agency, okuwuhlelo oluyisipesheli okuhloswe ngalo ukuthuthukisa ukubuyekeza ukusetshenziswa komhlaba kanjalo nokulekelela abalimi abasafufusa, kuhlanganisa nokuhlonza izimakethe ezifanele zokudayisa.
Inzalo yokubolekwa kwemali izogcinwa ifana, okuzoba nomphumela wokuthi ukukhula kwayo kube ngu-4,5% kuphela ngonyaka. Lesi Sabelo futhi sibhekelele nohlelo oluqondene nokulekelelwa komasipala olubizwa nge-Municipal Support Programme oluqhubekayo nokweseka luphinde lusize omasipala ekuthuthukiseni izindlela zokuphatha nokusebenzisa izimali kanjalo nokubika ngokusebenza kwazo.
Isabelomali soMnyango wezobuCiko namaSiko senyukile sisuka ezigidini ezingamakhulu ama-R267,323 ngonyakamali ka-2009/10 saya kwezingamakhulu ama-R358,124 kunyakamali ka-2012/13. Lokhu wukukhula ngo-5,2% ngokwezibalo zangempela (10,2% ngokulinganisa). Lokhu kukhula kwenziwe wukuthi kunyakamali ka-2010/11 kunesamba semali ekhishwa kanye kuphela eyizigidi ezingama-R56,943 okungeyezinhlelo ezehlukene zokwakha ingqalasizinda njengokuvuselela nokwakha izikhungo zezobuciko, ukulungisa amahholo nezindawo zokukhempa. Lo Mnyango usuqale nohlelo lokufaka ngaphansi kwawo yonke imitapo yolwazi yomphakathi kunyakamali ka-2010/11 nokwenziwa ngokwezigaba ezehlukene.
UMnyango wezeMidlalo nokuNgcebeleka wenyuselwe isabelomali sawo sasuka ezigidini ezingamakhulu ama-R266.187 kunyakamali ka-2009/10 safinyelela kwezingamakhulu ama-R383,364 kunyakamali ka-2012/13 nokuwukukhula kancane okulinganiselwa ku-7,8% kwangempela (12,9% ngokulinganisa). Njengoba kubaluliwe phambilini, lokhu kukhula kancane kwenziwe wukususwa kwezimali zokuthuthukisa umdlalo kanobhujuzwayo eHhovisi likaNdunankulu zeza kulo Mnyango. Ingxenye enkulu yesabelomali ngumhlomulo onombandela obhekele ukuthuthukiswa kwemidlalo edlalwa ngabantu ngabaningi nezokungcebeleka nokuthuthukiswa kwale midlalo ezikoleni nasemiphakathini ngezinhlelo ezehlukene.
Isabelomali sesiShayamthetho sesiFundazwe senyukile sisuka ezigidini ezingama-R306,768 kunyakamali ka-2009/10 saya kwezingama-R380,684 ka-2012/13 nokuwukukhula okulinganiselwa ku-2,5% (7,5% ngokulinganisa). Lesi Sabelo sihlanganisa imiholo nemihlomulo yamalungu esiShayamthetho. Lesi sabelomali siphinde sihlinzekele nezinhlelo ezihlanganisa ukubamba iqhaza komphakathi, okuhloswe ngazo ukuthuthukisa ukuxhumana kwesiShayamthetho nomphakathi wesiFundazwe.
Isabelomali soMnyango weziNdaba zaseNdlunkulu senyukile sisuka ezigidini ezingamshumi ama-R40,643 kunyakamali ka-2010/11 saya kwezingamashumi ama-R48,560 kunyakamali ka-2012/13, okuwukwenyuka okungu-1,2% (6,1% ngokulinganisa). Inhloso wukuthi lo Mnyango uguqulwe ube wuhlobo lwesikhungo olungaphansi kukahulumeni kuwona lo nyaka, lapho esizofakwa khona ngaphansi kukaVote 1: okuyiHhovisi likaNdunankulu.
Ezezimali wubuciko bokudlulisa imali isuka kwesinye isandla iye kwesinye ize iphele.
Ngenxa yokulokhu sisebenzisa imali esingenayo ebolekwayo, isifundazwe asikwazi ukuhlonza siqinisekise inzuzo esingayenza. Ngenxa yalokhu, siphoqeke ukuba sibuyekeze zonke izinzuzo ezenziwa yisifundazwe okungaba yisigidi esi-R115,226 kunyakamali ka-2010/11, esi-R126,857 ongabakhona kunyakamali ka-2011/12 kanye nesiyi-R105,237 kunyakamali ka-2012/13. Emuva kokubalisisa kahle lezi zimali ezibuyekeziwe, isifundazwe silinganisela ekuqoqeni imali eyisigidigidi esi-R1,804, esi-R1,943 neszi-R2,068 kule minyakamali, kanti iningi layo izoqhamuka ezimalini ezikhokhelwa amalayisense ezimoto, ukugembula, nasemalini ekhokhwa yiziguli. Yize kunjalo, isifundazwe sidinga ukucubungula siqhamuke nezindlela ezintsha zokwakha inzuzo futhi uMnyango woMgcinimafa wesuFundazwe uphezu kwamaqhinga okwenza alokhu.
Ukudidiyela lesi sabelomali kudinge isifundazwe ukuba sibukisise kahle izinto okumele sizibeke eqhulwini. Isibonelo, izimali ezibhekele ukusingathwa kwemidlalo yeNdebe yoMhlaba ka-2010 ebezingaphansi kwemiNyango eyehlukene, kudingeke ukuba zibyiselwe esikhwmwni soMgcinimafa wesiFundazwe bese zididiyelwe ndawonye ukuze zabiwe kabusha ngendlela ezobhekelela izinto ezisemqoka, njengoba zingeke zisadingeka futhi emuva kwale midlalo. Ngakho-ke, izamba zezimali eziyisigidi esiyi-R172.513, esiyi-R181.139 nesiyi-R193.196 kunyakamali ka-2010/11 zibuyiselwe ezimalini zesifundazwe ukuze zabiwe kabusha. Lezi zimali ziqhamuka kakhulukazi eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, okuyiwona owafaka izimali zawo ekwakhiweni kwezinkundla ukuhlelela imidlalo yeNdebe yoMhlaba ezifundeni eziyisihlanu.
IsiFundazwe semukela ezinye izimali eziyizabelo ezengeziwe eziphuma kuHulumeni oMkhulu kunyakamali ka-2010/11 MTEF.
Yize kunjalo, ingxenye enkulu yesabelo esengeziwe isuke ibekelwe amaholo njengoba kubekiwe ethebuleni 2 ngezansi.
Njengoba kuchaziwe ethebuleni 2 ngenhla, imali eyizigidigidi ezi-R2,123, ezi-R2,268 nezi-R2,413 zengezelwe isifundazwe kulezo okwabelwana ngazo kulo nyakamali.
Kubalulekile ukuba le Ndlu iqaphele ukuthi lokhu kwengezwa akukeneli ukuhlinzekela zonke izindleko zesivumelwano ngamaholo kanjalo nokuqhuba uHlelo lokuPhuculwa kwamaholo emikhakheni ehlukene. Ngokwesilinganiso sethu sisilele emuva ngemali ebalelwa kwisigidigidi esi-R1,1 kulezo zindawo ezimbili ezidinga kukhishwe imali, futhi uma zingakhokhwa ziphelele ngokuzayo, zoya ngokuya zikhula zikapakela kunyakamali ka-2010/11 bese ziba nomthelela omubi esabelwenimali.
Ngaphandle kwalezi zamba ezibalulwe ngenhla, isifundazwe sithola imali encane kakhulu emalini okwabelwana ngayo ngenxa yemininingwane eguquguqukayo enomthelela ohlelweni lokwaba imali. Iningi lale mali okwabelwana ngayo iqonda kwezinye izinhlelo zesiFundazwe eziseqhulwini, engizokhuluma ngazo kamuva.
Izimali eziyimihlomulo enemibandela zikhombise ukukhula kunyakamali ka-2010/11 njengoba zikhule ngezigidigidi ezi-R2,158, ezi-R2,301 nezi-R3,405. Kumele kuqashelwe ukuthi lezi zimali zifakwe emiNyangweni efanele njengoba kukhonjisiwe Thebuleni 1.
i-Infrastructure Grant ebheke ezifundazweni ehlinzekelwe ezeMfundo, ezeMpilo nezokuThutha izokwehla ngemali eyizigidi ezi-R2.136 ngonyaka ka-2010/11 ngenxa yokuguqulwa kancane kwezinto wuMnyango woMgcinimafa kaZwelonke, yenyuke ngonyakamali ka-2011/12 nango-2012/13 kusukela ezigidini eziyi-R17.265 nezingama-R285.696, ngokulandelana. Imali eyengeziwe eyizigidi ezingama-R52.954 wesabelo sonyaka ka-2012/13 ukuthuthukiswa kwengqalasizinda ezikoleni.
Imali ebhekele ebhekele ukulwisana negciwane lesandulela ngculazi nayo uqobo eyaziwa nge-Comprehensive HIV and AIDS ithola uchatha onyakenimali ka-2010/11 kanjena: izigidi ezingama-R485,729 ngonyakamali ka-2010/11, izigidi ezingama R787,325 ngonyakamali ka-2011/12 kanye nesigidigidi esi-R1,151 kunyakamali ngo 2012/13. Lokhu kwengezelwe ukweseka ukuzibophezela kukahulumeni ekulweni nokubhebhetheka kwegciwane lengculazi kanye nayo uqobo. Ukweseka lokhu, izinga le-CD4 count labantu abahaqwe yisifo sofuba nabakhulelwe liyashenxa ku-200 liya ku-350, kanti ukwelashwa okuphindwe kathathu kwezingane ezizalwa negciwane lesandulela ngculazi nayo uqobo kuzohlinzekwa kuzo zonke izingane.
Ngenxa yesizathu sokusebenzisa imali esingenayo nebolekiwe ebhange, iKhabhinethi ivumelene ngokufaka kuphela izimali kulezo zinhlelo zesiFundazwe ebone zisemqoka nokuba igxile ekufakeni izimali ezengeziwe ukuqinisekisa ukuthi kuncishiswa izikweletu zemalimboleko. Ngakho-ke, imali eyengeziwe okwabelwana ngayo ngenxa yemininingwane eguquguqukayo engike ngakhuluma ngayo phambilini, yasetshenziselwa ukwehlisa isikweletu semalimboleko. Ngaphezu kwalokho, kuzongezwa nangezimali ezibuyiswe yiminyango ezazabelwe imidlalo yeNdebe yoMhlaba ka-2010. Lezi zinhlelo eziseqhulwini zesiFundazwe ezilandelayo zithole uchatha, imali yazo yafinyelela ezigidini ezingama -R328,169, nezingama-R330,351 kanye nezingama-R355,984 kulo nyakamali.
Ukufakwa ngaphansi kwesiFundazwe kwayo yonke imitapo yolwazi yomphakathi.
Inzuzo yonyaka ingamaphawondi angamashumi amabili, imali esetshenziswe ngonyaka ingu-nineteen six, imiphumela, yinjabulo. Inzuzo yonyaka ingamaphawondi angamashumi amabili, imali esebenzile ngonyaka ingamaphawondi angamashumi amabili, imiphumela, ukudangala.
Amalungu azokhumbula ukuthi isifundazwe siqale ukuhlela izimali sibeke emqondweni ukonga okungu-7,5% ngenxa yokuthi kwehliswe ngalesi sibalo, izimali ezibekwa yimiNyango yokuthenga impahla nosizo ngonyakamali ka-2009/10. Inhloso kwakuwukukhokha imali eyasetshenziswa yisifundazwe singenayo esikhathini esiyiminyaka emithathu. Ukuqalwa koHlelo lokuPhucula amaholo abasebenzi emikhakheni eyahlukene okwakungalindelekile ezingxoxweni zamaholo kwenze isifundazwe sasheshe sabona ukuthi ngeke sakwazi ukufeza le nhloso yokukhokha imali esiyikweleta ibhange kulesi sikhathi ebesibekiwe kunyakamali ka-2009/10. Lokhu kwenze ukuthi isiFundazwe siqhubeke nokuhlela isabelomali ngendlela yokuthi kube nemali esalayo nakulo nyakamali. Ukuqinisekisa ukuthi kunokukhula kusasa futhi akulokhu kuthikamezeka ukuphakelwa kwezidingo zomphakathi ngenxa yokwenyuka kwezindleko zokusebenzisa imali engekho nezinzalo ezihambisana nalokhu, lo nyakamali uhlelelwe ngendlela yokuthi kunciphe ukwenza lokhu okungagcini nje ngokuchitha imali yethu kodwa okwenza silahlekelwe nayimali engenayo.
Le mali ezosala isho ukuthi imali asiyabe ngezilinganiso ezincishisiwe kancane (ngemuva kokunciphisa ngo-7,5% emalini ebekelwa ukuthenga impahla nosizo), kanye nokufaka ingxenye yemali isiFundazwe esiyithola ngokuguquguquka kwemininingwane yemali okwabelwana ngayo ezinhlelweni eziseqhulwini zesiFundazwe. Ngamafuphi: isenti nesenti esizolonga sizolifaka ekukhokheni imali esiyikweleta ibhange esayisebenzisa singenayo.
IThebula 3 ngenhla likhombisa ngesabelomali esiklanywe kusukela ngonyakamali ka-2009/10 esithe xaxa ngenxa yemali etholwa yisiFundazwe, kodwa alikuvezi ukusebenza kwezimali ezisetshenziswa yimiNyango. Ngakhoke, isabelomali okulindleke ukuthi sisale siyenyuka sisuka kwisigidigidi esi-R1.211 kunyakamali ka-2010/11 siya kwesingu-R1.805 kunyakamali ka-2011/12 nakwezi-R2.220 ngonyakamali ka-2012/13. Lokhu kumele kwanele ukuba isifundazwe sikhokhele ibhange imali esayisebenzisa singenayo kunyakamali ka-2010/11, inqobo nje uma isifundazwe singakhungathwanga wukwenyuka okungalindelekile kwezindleko ngenxa yezivumelwano zamaholo. Izimali zesiFundazwe nezikaZwelonke zisengcindezini enkulu ngenxa yezivumelwano zezingxoxo zamaholo zonyaka ka-2009. Njengoba uNgqongqoshe uGordhan ememezele kwinkulumo yakhe mhla ziyi-17 kuNhlolanja 2010, ukuthi ukuya phambili, kuzodingeka ukuba kuthotshwe izinga lokwenyuswa kwamaholo ukuqiniseka ukuthi imali yokukhula emisebenzini yomphakathi ikhona futhi ukuze ukusetshenziswa kwezimali kungathunazi ukuphakelwa kwezidingo zomphakathi.
Ngesikhathi ngethula izinguquko kwisabelomali sika-2009/10, ngakubalula kule Ndlu ukuthi kuzoba nezinhlelo zokunciphisa izindleko ezizoqinisekisa ukuthi isimo sezimali zesiFundazwe sibuyela kwesinempilo. Lezi zinhlelo zokunciphisa izindleko ngezokuthi isifundazwe sense okuningi ngokuncane esinakho. Kumele kuqapheleke futhi ukuthi lezi zindlela azisungulelwanga kuphela unyakamali ka-2009/10, kodwa zizoba khona kuze kube isifundazwe sikhokha yonke imali esiyikweleta ibhange.
Imihlangano, Imihlangano yokubumba amaqhinga, nemihlangano yokucobelelana ngolwazi kumele kubanjelwe emahhovisi emiNyango esikhundleni sezindawo ezizimele.
Ukwehliswa kokulala okwandulela umsebenzi okungenasidingo.
Akuqiniswe imigomo nenqubo yokukhiswa kwemisebenzi kahulumeni ukuze kunqandwe ukwenzelela nokukhwabanisa phakathi kwabasebenzi bakahulumeni nezinkampani ezikhankasela umsebenzi.
Ngifisa kuzwakale ngokucacile ukuthi iningi lalezi zindlela zokunciphisa izindleko ziyinqubo ejwalekile ezikhungweni zikahulumeni okumele ziqhubeke noma sesisesimweni esihle nesikweletu sesisiqedile. "Umbuso omuhle kuwumphumela wokusebenza ngokuzikhandla"-asizikhumbuze njalo lokhu.
Ngiyajabula ukubika ukuthi iningi lemiNyango kahulumeni izisebenzisa ngomdlandla lezi zindlela zokunciphisa izindleko kanti eminye yenza okungaphezulu kokudingekile. Lokhu kuyancomeka futhi ngale ndlela yokubambisana siyophumelela-angikungabazi lokho.
Ngaphezu kokunciphisa ngo-7,5% engikhulume ngakho phambilini, isifundazwe sesisebenzise umthetho i-first charge rule (ngokwesigaba 34 sePFMA) okokuqala ngqa ngonyakamali ka-2009/10 esilinganisweni esiguquliwe. Lokhu kwenziwe ngoba ukusetshenziswa kwezimali kweminye imiNyango eminyakeni edlule kungangendlela yokuthi ngisho unganciphisa ngo-7,5% ngeke kwanele ukubuyisela isimo kwesejwayelekile. Lokhu kuchaza ukuthi imiNyango ethintekile, okungowezeMfundo, owezeMpilo, nowezokuThutha, iphinde yancishiselwa futhi ezabelweni zayo zokusebenzisa imali, ukuze ikwazi ukukhokha ngokugcwele imali eyayisebenzisa ngokweqile kunyakamali ka-2008/09.
ezibhekele ukusetshenziswa zincishiswe ngezigidi eziyi-R111.466 kwezeMfundo, ezingama-R758 kwezeMpilo nezingama-R185.492 kwezokuThutha. Kubalulekile ukuqaphela nokuqonda kahle ukuthi lezi zimali azisuswanga kule miNyango kodwa zifakwa kuyona ngaphansi kwezimali ezazingagunyaziwe ukuthi zisetshenziswe ukuze uMgcinimafa wesiFundazwe akwazi ukuzelusa.
Ngo-2010/11, imiNyango wezeMfundo nowezokuThutha, izophinde ingene kulolu hlelo okwesibili, njengoba isabelo sayo sincishisiwe ngemali eyizigidi eziyi-R106.039 neziyi-R185.466, ngokulandelana. OwezeMpilo awukahlawuliswa wona kulo nyakamali, ukuvumela ithimba eliqokelwe ukubumba amaqhinga azoshintsha izinto kulo Mnyango elihlanganisa uMnyango kaMgcinimafa, nowezeMpilo.
Ngaphezu kwalokho, ikomidi elibhekele ukusetshenziswa kwezimali zikahulumeni i-Standing Committee on Public Accounts (SCOPA) sagunyaza izamba ezithize ukuba zisetshenziswe futhi lezo zimali ziyobhekelelwa emthethweni sivivinyo esiyolawula ukugunyazwa kokusetshenziswa kwezimali okwakukade kungagunyaziwe esiyothulwa kwisiShayamthetho sesiFundazwe. Yize kunjalo kunezamba eziningana ezingazange zigunyazwe, nokwenza zingene ngaphansi komthetho i-First Charge kuleyo miNyango ethintekayo.
Kusobala ukuthi uhulumeni akanayo indawo yokunyakaza. Ukusebenzisa ngendlela imali ekhona yiyona ndlela KUPHELA.
Ngaphandle kwezindlela zokunciphisa izindleko ezigunyazwe yiKhabhinethi, kusenokunye ukuchitheka kwezimali okudinga ukuqedwa. Izinhlelo zethu zokuthenga impahla kahulumeni zisasikhathaza. Njengoba uNgqongqoshe uGordhan akubeka: "Indawo enkulu echitha imali iphinde yenze kungenziwa kahle umsebenzi yinqubo esetshenziswa wuphiko lwezokuthengwa kwempahla. Ukudidiyeleka kwezenzo zenkohlakalo, ukungasebenzi kahle kophiko lwezokuthenga impahla kahulumeni, ukungahleli ngendlela kanye nokugxambukela kwezinkampani ezizimele, kungayisizathu esenza umphakathi ungakutholi ukunikezelwa ngezidingo okufanele imali yawo".
Izindlela zethu zesiFundazwe zokunqanda ukuchitheka kwezimali ezibhekiswe kuyo yonke imiNyango ukuba ithathe izinyathelo ezinqala ukulwa nenkohlakalo nokukhwabanisa, okuqhubekayo nokuvuzisa izimali zesiFundazwe.
Siyanxusa futhi kosomabhizinisi ukuba imisebenzi abayenzela uhulumeni ifanelane nemali abayikhokhisayo. Ukunyusa amanani ngenxa yokuthi kudayiselwa uhulumeni akunaso isizathu esiphathekayo. Ningazihlanganisi nabasebenzi abakhohlakele, lokhu kuwukweba izimali engabe zisiza abampofu ngezidingongqangi. Kumele siwushitshe lo mqondo wokuthi kuyazitamuzelwa kwahulumeni uma sifuna kuhlomule bonke abantu.
Izinsuku zokunika izinkampani ezingawazi umsebenzi kodwa ezixhumanisayo kuphela sezibaliwe, kanjalo nalabo basebenzi bakahulumeni abasebenzisa uhulumeni ukuzicebisa bona. Sekuboshwe abantu abaningi kanti futhi baningi abasozoboshwa.
Inhloso yenqubomgomo yaseNingizimu Afrika ebeka abebencishwe amathuba phambilini i-Black Economic Empowerment (BEE) ayikaze ibe ngeyokunothisa abantu abambalwa. Ingumgomo obalulekile wokukhulisa amaqhinga obhekiswe kakhulu kulezo ngxenye ezibuthaka nokungalingani kwamathuba ezomnotho. Kumele sikhulise izindawo ezihambisana nokukhulisa umnotho, ukuthuthukisa kanye nokuthuthukisa ezamabhizinisi amancane, kungabi nje wukusabalalisa umcebo okhona. Ukuthuthukisa kumayelana nokuhlomisa abantu ngamakhono ukuze bakwazi ukubamba iqhaza kwezomnotho, bathuthukise izimpilo zabo akukhona ukuxebula izimali ezishisiwe kuhulumeni.
IsiFundazwe siqhamuka nezindlela ezizoqeda inkohlakalo ophikweni lwezokuthenga impahla, kodwa zinike umphakathi izidingo ezifanele imali yawo. Ihhovisi likaMgcinimafa nelikaNdunankulu aseyayiphothula le ndlela.
UNdunankulu ukugcizelele enkulumweni yakhe yesiFundazwe ukuthi, "Uhulumeni ubheka izindlela ezingasetshenziswa yiyo yonke iminyango ukuze kulawulwe ukuphathwa kokukhishwa kwamathenda nokujwayela ukuqhathanisa intengo nokuvikela ukwenyuswa kwemali ngendlela engafanele".
Amanani akhushulwa kakhulu uma uhulumeni efuna usizo lwezinkampani ezizimele ngokusebenzisa uhlelo "lokucela izilinganiso zamanani" esikhundleni sokuthi kumenyezelwe ithenda bese kuncintiswana.
Lolu hlelo olusha luzonikeza yonke imiNyango uhlu lwamanani angalesi sikhathi ezinto ezithengwayo. Uhlu lwamanani luzobuyekezwa nsuku zonke futhi umsebenzi oyothenga okuthize ngenani elingaphezulu kwelibekiwe, uyochaza ukuthi kungani enza njalo.
Luzosebenza njengenqubo ye-Reuters yona ekhipha uhlu lwamanani azo zonke izinto emakethe ngaleso sikhathi bese lukumisa ukukhishwa kwe-oda uma inani lokuthengwayo lingaphezulu kwalesi esibekwe yile ndlela.
Luzophinde lunike ithuba abezinkampani ezinikeza umsebenzi ithuba lokuncintisana bebodwa. Ngaphambi kokuba lwethulwe lolu hlelo, uhulumeni uzobhekisisa indlela okuthengwa ngayo. Ngalokhu uzokwazi ukubona ukuthi yiziphi izinto ezivamise ukuthengwa kakhulu nezidingo ezidingeka njalo, ubheke ukuthi kuchithwa malini kulezi zinto ngonyaka nokuthi ngobani abazikhiqizayo kumbe abanikezela ngazo, njalonjalo.
Lolu hlelo luzoxhumana ngqo nabanikezeli balolo sizo abavele banezinkontileka noMgcinimafa kaZwelonke (ngokwejwayelekile abahlala beba nezinkontileka bavamise ukungambi eqolo). Olunye uhlangothi lwale nqubo luvumela ukuba kuphinde kuxoxiswane ngazo zonke izinkontileka ezikhona kosomabhizinisi nohulumeni wesiFundazwe ukuze kwenele izinhlangothi zonke.
Sibheke ukuba le ndlela ibe isiphothuliwe ngonyakamali ka- 2010/11. Sekuyisikhathi manje sokuthi kube nguhulumeni oqagula amanani okuthenga izinto angathathi noma yini kuye ngokuthi kuthengwa ini ngenxa yamandla anawo okuthenga.
Kusukela ngonyaka ka-1994, isiFundazwe singenele umshikashika wokuqeda ukusalela emuva kokwakhiwa kwengqalasizinda ebeyenza kubekhona ukungalingani kwempilo yezakhamisi, yenze ngcono indlela yokutholakala kosizo nezidingo kuhulumeni esiFundazweni sonke. Lokhu kuziveze ngokwakhiwa kwengqalasizinda efana nezikole, imitholampilo nemigwaqo.
Iningi lezakhiwo ezakhiwa kusukela ngonyaka ka-1994, sezidinga ukuvuselelwa nokunakwa ngendlela esezingeni eliphezulu. Ukuze isakhiwo sisebenze ngendlela efanele, siding ukunakekelwa njalo. Ongoti abaningi bayavumelana ngokuthi kudingeka okungenani imali engu-4% kuleyo okwakhiwa ngayo isakhiwo ukuze sinakekelwe sihlale sisesimweni sengathi sisha, nokumele kube yingxenye yokusinakekela.
Ibalelwa ku-49% imali eyisabelo esibekelwe ukunakekela ingqalasizinda. Ukunakekela impahla yesiFundazwe kuyaselula isikhathi sokusebenza kwempahla. Lapho kungenzeka khona, imiNyango iyanxuswa ukuba isebenzise imigomo ye-Expanded Public Works Programme (EPWP) ukwandisa isibalo sabantu abathola amathuba emisebenzi ekunakekelweni kwengqalasizinda.
Lokhu kuzokwenza isiFundazwe sikwazi ukuthola umhlomulo obekelwe lolu hlelo.
Igranti yohlelo i-EPWP yenyusiwe kusukela ezigidini ezingama-R84 kulo nyakamali yaya kwezingama-R169.470 kunyakamali ka-2010/11. Nalapha akunasilinganiso esitheni kuya ngokuthi isiFundazwe sidinga engakanani bese sifaka isicelo sokwesekwa ngale mali. Wumzamo omuhle lona owenza imiNyango yakhe amathuba emisebenzi, ekubeni inikezela ngezidingo emphakathini. Njengoba izinga labangasebenzi liphezulu, izinhlelo ezizokwenza kuqasheke abantu abaningi yizona ezizoba seqhulwini.
Kunabantu abambalwa abasemqoka ababambe iqhaza ngezindlela ezehlukene ukuqinisekisa ukuthi siyakwazi ukwethula isabelomali sonyakamali ka-2010/11 namuhla. Ngithatha leli thuba ukudlulisa ukubonga kwami kuNdunankulu uDkt. Z.L.
Sabelomali sika-2010/11. Sibonga asiphezi futhi kuNgqongqoshe uPravin Gordhan, ngobuhlakani bakhe nokusiqapha ekulungiseleleni isabelomali salo nyakamali. Ithimba lomnyango wezeZimali lisinikeze iziyalo eziphusile kulo msebenzi, ngibonga angiphezi kubona.
KuSihlalo weKomidi lesiShayamthetho leziMali uNksz Belinda Scott neKomidi lonkana, ngithi siphokophelele ukuqhubeka nokuxoxisana okusezingeni eliphezulu nani.
Ngithanda ukubonga nakubasebenzi boMnyango wami, beholwa ngobuqotho nguSimiso Magagula ngokuqinisekisa ukuthi lo mqingo wesabelomali usezingeni eliphezulu.
KoNgqongqoshe, "Imihlomulo yethu ifana nezicathulo, uma zizincane kakhulu ziyasimpintsha kabuhlungu, kodwa uma zisixega ziyasikhuba, siwe."10 Sengathi imihlomulo yenu kulo nyakamali ingafana nezicathulo ezisilingana kahle, zingasimpintshi kakhulu kodwa zibe nkulu ngokwanele ukuthi kungene unyawo lukhululeke.
