Ukusebenza ngendlela efanele kwaMabhizinisi Angaphansi Kukahulumeni State Owned Enterprises SOE kubaluleke kakhulu kunoma yimuphi uhulumeni osathuthuka Ukungaqondakali nokukhula komnotho womhlaba, amandla ezimakethe, nokungenisa kwezindlela zembulunga yonke zokulondoloza imali kuletha inselele kuyo yonke imibuso njengoba ithuthukisa inqubo-mgomo yokuthuthukisa iminotho yayo. Ngakho-ke siye sanquma ukusebenzisa igunya lombuso ezindaweni zomnotho eziyinhloko ukuze siqinisekise injongo ezinzileyo.
Amabhizinisi kahulumeni kufanele abe ngazinzileyo nazimele kwezezimali ukuze akwazi ukuhlanganisa zonke izidingo zezimakethe zezimali kuzwelonke nasemazweni omhlaba. Nakuba uhulumeni engase asize lamabhizinisi ngezimali lapho esasungulwa nakwezinye izimo kamuva kufanele akwazi ukukhula ngezimali zawo nasezimakethe zezimali.
Ukusebenza ngendlela efanele enye into ebalulekile kakhulu kumabhizinisi kahulumeni. Lokho kusebenza ngokufanele kudinga izinga lokuphatha, izisebenzi kanye nezobuchwepheshe okuhambisana nenqubo engcono kakhulu Ngokubambisana la mabhizinisi kahulumeni angaba nengxenye enkulu emnothweni ngolondolozo-mali lwawo, izisebenzi kanye nocwaningo lwawo kanye nangezinhlelo zawo zentuthuko.
Njengoba uhulumeni efisa ukuthuthukisa izinga lokuzuza ngedayimane eNingizimu Afrika, u-Alexkor yiyona nqola yokwenza lokhu. Nokho, kunezindima ezimbili ezengeziwe okumelwe uzifeze futhi ezibalulekile ngenxa yezizathu zentuthuko. Eyokuqala kulezi, njengenqola yezohwebo kufanele ihlanganise umphakathi wase-Richtersveld entuthukweni yawo. Eyesibili esanda kwenzeka kodwa inomgomo ohlanganisiwe owukunikeza isisekelo sokuhlelwa kabusha kwezindawo zedayimane zaseNamaqualand. Nokho, ukungaqiniseki ngomhlaba sekuye kwabeka u-Alexkor esimweni esibucayi ngakwezezimali nasezimweni zokusebenza.
U-Infraco uye wasungulwa ukuze siqinisekise ukuthi sithuthukisa isisekelo esibalulekile kwezokuxhumana. Akulula kangako ukuncintisana nolwazi lomnotho womhlaba ngaphandle kwamanani aphansi, athembekile kanye natholakala kabanzi amaza okuxhumana (bandwidth). Kunamabhizinisi angaqhubeka ekhona emnothweni wethu kodwa ngeke akwazi ngenxa yokuthi amanani ethu amaza okuxhumana awakwazi ukumelana nawo. Ukukhula komnotho waseNingizimu Afrika kuye kwakhutshazwa amaza okuxhumana angekho esimweni nabizayo.
Manje esigxile kukho kakhulu ukuqedela izidingo zokuxhaswa nokuhlelwa kabusha kwamaqhinga ka-SAA, okuzokwenza ukuba i-SAA ithembele kakhulu ezimalini zayo. Nokho ukuhlakazwa nokwenziwa kabusha kwezinye izingxenye kungaba okudingekile. Lokhu kuzohlanganisa ngokuyinhloko ukwenziwa lula kohlelo lwabasebenzi, ukufaka abalingani kanye nokukhishwa kwemisebenzi engenasidingo. Izingxoxo zokubonisana nezinyunyana ziyaqhubeka.
Nakuba lenkampani inengxenye ebalulekile engangamaphesenti angu-30 embonini yokhuni, manje imane nje ifake amaphesenti angu-2,5 kuphela emnothweni wayo yonke imboni, kanye namaphesenti angu-3,5 okuqashwa. Ngakho i-cabinet iye yagunyaza ukuthi ingxenye esasele ka-Safcol, amahlathi ase-Komatiland, kufanele ichithwe.
Ngo-2006/07 ibhodi labaqondisi liye lagunyaza uhlelo lweminyaka emihlanu lolondolozo-mali engango-R64,5bn. Lolu hlelo lweminyaka emihlanu luye lwabuyekezwa ngo-2007/08 futhi manje selufinyelele ku-R78bn. Lolulondolozo-mali lwaluhloselwe ukusimamisa nokwandisa ukusebenza ngokukhulisa umthamo wensimbi yethu exubene netshe kanye namalahle, ukuthuthukisa ingqalasizinda yamachweba kanye nokwandisa umumo wepayipi elisuka eThekwini liye eGoli.
Sisebenzisana nebhodi manje sisohlelweni lokuhlela kabusha uhlaka lokusebenzisana ekusebenzeni ezindaweni ezintsha zama-container ezakhiwayo njengamanje echwebeni laseNgqura futhi sizokwenza isaziso esiningiliziwe ngakho maduze nje.
Sidinga ukuqinisekisa ukutholakala kwezinto ezibalulekile ngakho indlela engcono kakhulu yokwenza lokhu ukuthuthukisa umthamo wethu. Nokho, lowomkhiqizo wethu kufanele uhambisane nowamazwe omhlaba ngenani nangezinga. Imizamo yokubambisana phakathi kuka-JPF, uMnyango Wezemfundo, uMnyango Wezabasebenzi nama-SETA athintekayo kanye na-SOE iyaqhubeka ukuba kubhekwe izifundo, amakholeji kanye nalabo abaneziqu abangase bakwazi ukuqedela uqeqesho lwabo lomsebenzi emabhizinisini kahulumeni ngaphambi kokuba bahlolelwe umsebenzi ofanele.
