Namhlanje sithe asihambele lendawo yase Nseleni ukuzobonisana nani ngezindlela esingazisebenzisa ukugwema izifo ezingasiphatha isidingo singekho. Lomkhankaso esikuwo namhlanje ukhombisa ngokusobala ukuthi abaholi bezwe liphela bakhathazekile ngokudlanga kwe TB kulelizwe.
Umkhankaso lona uqhuba lona okade sinawo endaweni yase Msinga ekuqaleni konyaka, uphinde ulandele lona asaba nawo enkabeni yedolobha leTheku, waze waphelela ezinkundleni zemidlalo elokishini lase Mpumalanga eHammarsdale ekuqaleni kwenyanga ka August.
Masikubeke kucace ukuthi abahlali balendawo esikuyo babalelwa ku 130 000 kanti ke laba okumanje abahambela izikhungo zethu belashelwa I TB bangu 700. Thina njengoMnyango asinayo nencane inkinga yokubelapha bonke laba abaphathekile. Kubalulekile kuwo wonke umuntu okhona lapha ukuthi azi aphinde atshele nalaba abangaphumelelanga ukuthi ukuhlolelwa I TB kanye nokuyelapha sikwenza mahhala.
Ukulapha lowo muntu ke kube sekudla thina imali engaphezu kuka R24 000, naye lona ophathekile azithole esihlala esikhathi eside esibhedlela, eseqhelelene namalunga omndeni wakhe.
Lezimpawu zifuna uphuthume emtholampilo ngoba nawe ungasiza ekuqedweni kwe TB.
yilabo abahlala nomuntu onayo, ongayelaphi izingane ezineminyaka engaphansi kwemihlanu abantu abaphila negcewane legculazi abantu abaxhaphaza kakhulu utshwala abantu abasebenzisa izidakamizwa abantu abakhathazwa istress, kanye nabantu abahlala ezindaweni ezingangenisi umoya ngokwanele.
Labo bantu abadla ama ARV's kuhle bazi ukuthi imithi ye TB ayixabene namaphilisi abo. Umehluko ukuthi awe TB uwadla izinyanga eziyisithupha kanti ama ARV's uwadla impilo yakho yonke. Khumbula , nawe ingakungena i TB uma uhlala nomuntu usenayo, nongayelaphi.
Thina njengoMnyango wezeMpilo siyazi ukuthi kubalulekile ukuthi udle ukudla okunomsoco ukuze uphile. Siyazi futhi ukuthi angeke ukwazi ukumelana namaphilisi kungekho lutho esiswini yingakho sikhipha ama food parcels sinekeza laba abaphathekile. Umphakathi ngokugcwele sithi wona mawubuyele enhlabathini, yiko nje ngiphethe lamathuluzi okwenza izingadi. Impilo iyasetshenzelwa.
