Tyres 1 (Maize) 									Zulu

Ukuthenga amathaya epulazi



Instructions: 

Folio strap: Amathaya 

Byline: Ibhalwe nguGoodyear 

Use Goodyear logo 

 

Ukukhetha amathaya epulazini kubaluleke njengokukhetha ugandaganda noma umshini ozosebenza ngalawo mathaya. Kufanele ubheke indlela ithaya lakhiwe, ukusinda elizokwazi ukuthwala nobukhulu balo – lokhu kubalulekile. 



Abaningi abantu bacabanga ukuthi onke amathaya ayafana, kodwa abakhi balezo zinto njengeGoodyear bazama ukwakha amathaya azozwana nezimo ezahlukene zemisebenzi lapho azosebenza khona. Lokhu kuphathelene nendlela kwakhiwe isinyathelo sethaya elithile, iraba elisetshenzisiswe nokulinganisa ukuqina komoya namandla ukuthwala. 



Amathaya azosethenziswa kanjani?

Ngokokuqala lapho kukhethwa amathaya kagandaganda kufanele uzibuze ukuthi: azosetshenziswa kanjani? Kuzoba manzi, kuzobakhona izindawo ezinodaka? Unjani umhlabathi ngaphezulu – uthambile noma unesihlabathi? Injani indawo lapho usebenza khona: inamagebhugebhu noma ilingene? Lokhu kuzokwenza ukuthi kusetshenziswe kanzima futhi amathaya kufanele abenamandla ukusebenza isikhathi eside. 



Ngokujwayelekile amathaya asebenza epulazini lapho kumanzi khona nalapho kukhona udaka avama ukuba nemisedlana esenyathelweni esidlula nga-25% ngokujula uma kulinganiswa namanye amathaya ajwayelekile. Lokhu kusiza ukuthi amathaya abambe kahle ezindaweni ezishelelayo, futhi ayakwazi ukulahla udaka olungena ngaphakathi kwemisele oluzokwenza ukuthi amathaya angakwazi ukubamba kahle ashelele. 



Isibonelo: ithaya elakhiwe ukusebenza ezindaweni ezithambile ezinesihlabathi lizoba nemisedlana ebanzi, ethambile ukuze ithaya lizokwazi ukuhamba ngaphezu komhlabathi. Kodwa ithaya elivama ukusetshenziswa zonke izindawo lapho komile, alibanzi futhi liqinile – lokhu kuzokwenza ukuthi lelo thaya lizozigubhela umgodi esihlabathini, alingeke liye phambili. 



Isisindo somthwalo

Okulandelayo ngukuthola ukuthi ithaya lizothwala umthwalo osinda kangakanani, lapha kufanele ubheke konke okuthwalwayo: amathulusi, imishini, amathangi, amanzi (nokusinda kwalawo manzi angina phakathi kwethaya). Ubukhulu nenani lamaphulayi (ply rating) kufanele kulingane nokusinda komthwalo, uma kungenjalo ithaya alingeke libambe kahle, lizodleka masinya, kakhulukazi alingeke lizebenze ngokuphepha, lizodala ingozi. 



Umoya ophakathi kwethaya ulinikeza ikhono lokuthwala umthwalo othile, ngakho-ke uma wandisa umthwalo, kufanele usebenzise ithaya elikhulu (ubukhulu bomoya nabo bese buyanda), noma sebenzisa ithaya elinenani lamaphulayi elingaphezulu, noma ungasebenzisa kokubili lokhu – qhapela kodwa ulandele umlayezo wabakhi bogandaganda. 



Amathaya angemuva asebenza kakhulu ukuthwala umthwalo futhi ahambisa amandla kagandaganda emhlabathini. Kanjalo ubukhulu bethaya nenani lamaphulayi kukhombisa ukuthi ithaya likwazi ukuthwala nokudonsa isisindo somthwalo esithile kuphela, uma umthwalo ungaphezu kwalokhu ithaya lizodlika liphele masinya. 

Ubukhulu bethaya

Ubukhulu (isayizi) bethaya bubalulekile. Izinto ezibalulekile lapho sibheka ubukhulu bethaya zilokhu: ububanzi beseksheni (SW), ububanzi beseksheni lapho sekukhona umthwalo (LSW) (lokhu kuzokutshela ukuthi ithaya lizokwazi ukuhamba ngaphakathi kwamalayini ezitshalo) nobubanzi besiyingi (overall diameter (OD)) okukhombisa ubude (ukuphakama) bethaya lapho seligcwele umoya. Ithaya futhi lifanele lingene kahle liqine lilingane nobubanzi beremu (rim) (RW) nanobubanzi besiyingi beremu (RD). 



Isisindo sokuhambisa ugandaganda kahle

Ekugcineni, amathaya nogandaganda kukwazi ukusebenza kahle kuphela uma isisindo sikagandaganda nesisindo somthwalo sihambelana (siyazwana). Lokhu kubalulekile uma ufuna ukusebenzisa onke amandla omshini nokusebenza isikhathi eside umshini ungaphuki. 

