zulu.573.yourstories_crime
UKUFA ENKUNDLENI YEGALOFU
USamantha Forbes wayesanda kuqeda isikole esezimisele ngokuhlelela ikusasa lakhe
IBAHAMAS yizwe elineziqhingi ezingaphezu kuka-700 kwi-Atlantic Ocean. Alikude kakhulu neMelika futhi kulapho osozimali nosaziwayo bethanda ukuthatha amaholidi baye khona.
USamantha Forbes wayengesona isihlabani samafilimu, engesiye usaziwayo waseHollywood, engesiye umvakashi kodwa kwakungowasendaweni.
Nakuba ukufa kwale ntombazane eyayineminyaka engu-19 kungadonsanga abezindaba, kodwa kwashiya abantu bakulesi siqhingi beshaqekile.
Le ntombazane eyachazwa ngumama wayo "njengemnene nenothando" yatholakala ngelinye ilanga ekuseni ifile ngo-October 1999.
Isidumbu sayo sasinqunu inqunywe uqhoqhoqho, kubekwe kuso i-dollar.
Abaseshi bathola izingubo zakhe umufi ebangeni elingamamitha ambalwa kanye nekhondomu eyase isebenzile.
USamantha wahamba waya e-bar nomngani wakhe uMarjorie ngobusuku obalandelwa yilesi sehlakalo. Lapha laba besimame bobabili baba nokuhilizisana ngesikhathi uSamantha efuna ukuhamba nabesilisa ababili ahlangana nabo lapho.
"Nanamuhla ngisazisola. Kwakungafanele ngimyekele ahambe nabo," kusho uMarjorie.
Kwakukade kunetha ngalobo busuku nokusho ukuthi ayekhona amathuba okulahleka kobufakazi.
Lokhu kubandakanya iminwe, izinwele nezingubo okungenzeka ukuthi kwagezwa yimvula ngamahora aphakathi kokufa kukaSamantha nokutholakala kwesidumbu sakhe. Imvula yayingayisusa nembewu yangakwezocansi eyayikwikhondomu eyatholakala eduze.
Kwathi lapho izindaba zokufa kukaSamantha zizwakala ephepheni lendawo, kwaqhamuka ufakazi nobufakazi bokuqala obasiza amaphoyisa.
Odayisa e-bar watshela abaseshi ukuthi ngesikhathi uSamantha efika e-bar wayenokuqophisana nabesilisa ababili.
UKeith Lotmore, owayemazi uSamantha wayekhona e-bar ngaleso sikhathi. Wangenelela wazama ukumehlisa ulaka wamtshela ukuthi angakhathazeki ngalaba besilisa.
Emva kokuba laba besilisa sebehambile, uSamantha wajoyina uKeith nomngani wakhe uDominic Moss ukuze kuphuzwe ndawonye.
Bobathathu laba bahamba ndawonye baphuma e-bar.
Lokho kwenza uKeith nomngani wakhe baba abasolwa abakhulu.
Amaphoyisa abalanda bobabili ezobaphenya. Bashaywa beseshwa ngokwahlukana kodwa basho indaba efanayo.
Bathi bagibelisa uSamantha ngesikhathi eya ekhaya nokwathi emva kokumehlisa babuyela e-bar beyothenga ukudla.
Amaphoyisa awazange futhi abe nenhlanhla ngalaba abanye besilisa ababili ababenoSamantha ngobusuku afa ngabo.
Amaphoyisa abafuna abathola bavuma ukuthi baqophisana nalo muntu omusha kodwa bathi bamshiya e-bar yesibili base bebuyela ekhaya ngokushesha.
Emva kwalokho abaseshi kukhona abakukhumbula. Ngesikhathi kuhlolwa isidumbu sikaSamantha, owayesihlola waqaphela utshani kusona.
Into yokuqala ososayensi abayithola, utshani obabusezicathulweni zomsolwa. Isidumbu satholwa enkundleni yegalofu i-Emerald Golf Course.
Ebhekene nalobu bufakazi obungakholakali, umsolwa uKeith Lotmore wavuma ukuthi wayengakawatsheli amaphoyisa konke okwenzeka ngobusuku uSamantha afa ngabo.
Ngesikhathi besendleleni eya ekhaya likaSamantha, uDominic wayeseqalile ukusondela kulo muntu omusha - ngokusho kukaKeith. Emva kwalokho wathi mabamise imoto enkundleni yegalofu ukuze yena noSamantha bazingcebelekele.
UKeith wamlalela. Ngesikhathi imoto ima, uSamantha waphuma wabaleka.
UDominic wamlandela uKeith wase ebalandela. Kwathi lapho ezama ukunqanda uDominic ekuhlaseleni uSamantha, wamesabisa ngommbese.
UKeith watshela amaphoyisa ukuthi emva kwalokho uDominic wamdlwengula wambulala wamnquma uqhoqhoqho. I-dollar bill eyabekwa phezu kwesidumbu sakhe kwakuyindlela yokugcina yokumethuka.
Yena uDominic wathi nguKeith owabulala uSamantha.
Obunye ubufakazi babukeka beseka uKeith: utshani batholakala ezicathulweni nasemasokisini akhe kodwa hhayi ehembeni lakhe.
UKeith kwacaca ukuthi akazange aye phansi ngamadolo ngoba lokho kwakuzokhomba ukuthi nguye owadlwengula uSamantha.
Akuzange kumsize uDominic ukungakwazi ukukhipha izingubo ayezigqokile ngalobo busuku ngoba ethi akasakhumbuli ukuthi wayegqokeni.
UDominic Moss watholakala enecala lokudlwengula nelokubulala uSamantha Forbes owayeneminyaka engu-19.
Wagwetshwa iminyaka engu-25 ejele. Ngesikhathi ithimba lababephethe icala livumelana ukuthi uLotmore akazange abe nesandla ekudlwenguleni nasekubulaleni, lamgwebela ukwesabisa ngoba wayekhona ngesikhathi lokhu kwenzeka. Wagwetshwa iminyaka emithathu ejele.[z]
Indaba: Marissa Charles/Splash News
EZOBUGEBENGU
Wamdl-wengula wambu-
lala wase
ebeka
i-dollar
phezu kwesi-
dumbu sakhe njenge-nhlamba yoku-gcina
Inkundla yegalofu lapho isidumbu sikaSamantha satholwa khona. Izulu lalina, ngakhoke ayemancane amathuba okuthola ubufakazi.
UKeith Lotmore (kwesobunxele) uthi wayezama ukunqanda umngani wakhe uDominic (kwesokudla) ekuhlaseleni uSamantha. UDominic Moss uthi nguKeith owadlwengula wabulala le ntokazi.
Wadlwengulwa wanqunywa uqhoqhoqho. Kwabekwa icala amadoda amabili ngalokhu, ajika asolana wodwa. Ngubani owayekhuluma iqiniso?
1. I-dollar elashiywa wumbulali phezu kwesidumbu sikaSamantha.
2. Ikhondomu esebenzile eyatholakala eduze kwesidumbu. Ngoba lalina, amaphoyisa awakwazanga ukuhlola imbewu yangakwezocansi.
3. Utshani obasiza amaphoyisa ukuba abambe umbulali.
4 no-5. Izimpahla zikaSamantha - izicathulo no-bra nakho kwatholakala eduze kwesidumbu sakhe. Ngeshwa amaphoyisa awazange aphumelele ukuthola isikhali esasetshenziswa.
