ZULU.568.pastor
Wenza
ahlale ekushumayela
WAFUNDA ukuthi UNKULUNKULU Ufunani emva kokuchitha isikhathi ezilile esicongweni sentaba. "Ngathatha iBhayibheli ngahamba nalo ngaya esicongweni sentaba," kusho kuchaza uSimon Mokoena. "Lena kwakuyiyona ndlela yami yokuguquka ezindleleni zemikhuba yami emidala ngiqale kabusha. Ngangazi ukuthi isicongo saleyo ntaba yiyona ndawo lapho ngangizoxhumana kahle ngokwenhliziyo noNKULUNKULU," kuqhuba yena.
Ukholwa wukuthi UNKULUNKULU Wayiphendula imithandazo yakhe ngokumkhuthaza ukuba asungule ibandla iTyrannus Apostolic Church.
Walisungula eminyakeni engu-8 eyedlule, kanti linekomkhulu lalo eQwaqwa. Kumanje linabalandeli abangu-80 000. Kubikwa ukuthi ngelinye lamabandla akhula ngesikhulu isivinini eSA.
"Ngaphambi kokuba ngiyohlala entabeni, kwakunokuthula empilweni yami," kusho kuvuma uMokoena owaqeqeshwa njengomfundisi ngabesonto elizinze eGoli, kodwa kumanje uthanda ukubizwa ngoMphostoli.
Emva kokuqeqeshwa njengomfundisi, wasungula isikole sezenkolo i-Show-Tell Bible Fellowship.
"Ngangisisebenzisela ukufundisa nokushumayela Izwi likaNKULUNKULU iminyaka engu- 15."
Inhloso yebandla akusikho kuphela ukuthandazela abagulayo nokushumayela Izwi likaNKULUNKULU.
"Izinhloso zethu zibandakanya ukuthuthukisa inhlalo yomphakathi ngezinhlelo zemisebenzi," kusho uMphostoli uMokoena.
"Ukusungulwa kwamathuba emisebenzi, ngezinye zezinhlelo zethu."
Bangaphezu kuka-100 abakhonza kuleli bandla abasebenza efemini yalo. Lapha benza imifaniswano yesonto, amaT-shirt abhaliwe, amabhengela namakha.
"Ngaphambi kokuba uJesu bambethele, wagcotshwa ngamafutha namakha ngowesimame. Ngisho nasekuVukeni Kwakhe, WayesaNuka amakha," kuchaza uMokoena.
Isonto futhi ngeke lisimame ngaphandle komculo. "Umculo yindlela elula yokushumayela Izwi likaNKULUNKULU. Ukukhula kwebandla lethu ngokushesha kulele emculweni wekhwaya yethu."
UMphostoli Mokoena ukholwa wukuthi abantu kufanele basizane, nokuyisiqubulo sakhe.
"UNKULUNKULU Wasinika izandla ukuze sisizane.
"Inhloso yethu enkulu wukufinyelela kubantu sivuselele izimpilo. Sinika iminikelo kwabasweleyo nasezikoleni. Sisanda kunikela ngo-R10 000 esikhungweni sezintandane."
"Ngokosiko lethu, noma iyiphi ingane - ngeyakho," kusho yena.
"Sifundisa abantu inkolo yakudala yokuhlonipha abadala nokuhlalisana ngokuthula nomakhelwane, ukugibelisa abesimame abadala emotweni yakho nokuhlonipha obaba njengezinhloko zemindeni.
"Sifundisa abesimame ukuba nesibopho ekukhuliseni imindeni yabo kahle. Unkosikazi ohlakaniphile ngowakha umndeni wakhe - onganakekeli, udicilela phansi umndeni wakhe."[z]
Indaba: Force Khashane
EZENKOLO
Ibandla lamaTyrannus lithathwa njengelicebile nelikhula ngamandla kunawo wonke eSA kanti lizimaketha lizithuthukise ngendlela yesimanje ngosizo lwamaDVD, nangezincwajana zikanokusho ezicwebezelayo...
UMokoena wafikelwa yizwi lokuba asungule ibandla ngesikhathi ezilile entabeni.
Umfundisi efika ezojoyina ibandla lakhe emicimbini yalo yasentabeni.
UMofumahadi Mathokoana noJacob Zuma ngabanye babantu abaphezulu asebeke bavakashela uMphostoli Mokoena.
Amalungu amaTyrannus amukela umholi wawo. Leli bandla kumanje linamalungu angaphezu kuka-80 000.
UGreen Mohale ongumholi we-ba ha Mopedi wayeyisitatanyiswa emigubhweni yaleli sonto.
''
UNKULU-NKULU Wasinika izandla ukuba sisizane
Leli bandla linezinhlelo zemisebenzi yomphakathi eziningi okuhloswe ngazo ukudala intuthuko.
Babuyela emakhaya emva kokuKhonza UNKULUNKULU.
