zulu.566.yourstyle_free
Izipho zika
Phendula amakhanda
Abenzi beBlack Chic® bayazi ukuthi imfihlo yokuba nezinwele ezinhle iqala ngokuba nesikhumba esinempilo nezinwele ezinde eziwusilika, ezithambile nezicwebezelayo ngaphandle kokuchitha imali eningi!
Zama uchunge lweBlack Chic® Permanent Hair Colour Crèmes oluneDeep Penetrating Conditioner. Ukushuba kwayo okusakhilimu kwenza kube lula ukuyisebenzisa! Emibaleni eyisithupha khetha ozokufanela uphendule amakhanda ngezinwele ezinhle.
UBONA uphisana ngamahampa emikhiqizo yeBlack Chic® angu-11 abiza R360 iyinye. Thumela igama lakho, ikheli nenombolo yocingo yasemini kuleli kheli: BONA/Black Chic Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma u*SMSe BLACKCHIC ku-35919.
Okwezinwele zakho
Imikhiqizo yakwaBlue Magic yokunakekelwa kwezinwele ikunika isiqiniseko sokuthi izinwele zakho zizobuyela esimweni sazo. I-Blue Magic Cholesterol Conditioning Rinse ithambisa iswakamise izinwele ukuze zibe zinhle. Yenza ukuba zingaphuki, zingakhathali futhi zingahlakazeki ibuyise impilo kwezomile nezonakele.
I-Blue Magic Bergamot Hair & Scalp Conditioner iqeda ukoma, ukubaba kwezinwele nenkwethu. Ivikela izinwele kuzo zonke izimo zezulu.
I-Blue Magic Styling Gel (Extra Hold) eyezitayela zezinwele ezingalawuleki kalula kanti indlela ethakwe ngayo yenza yome ngokushesha, izinwele zingabi nezimpephelezi.
UBONA unamahampa angu-10 eBlue Magic abiza R400 iyinye ophisana ngawo. Bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo kwi-postcard uyithumele kuleli kheli: BONA/Blue Magic Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma u*SMSe BLUEMAGIC
ku-35919.[z]
Ngeminye imininingwane shayela ku-031-700-8263,
e-mail:info@jstricklandafrica.com noma uvakashele iWebsite yabo: www.jstricklandafrica.com
OKWAMAHHALA
Yisikhathi sephathi
Kunamaphathi azobanjelwa ezweni lonke okugubha ukwethulwa kwewayini i-4th Street. (Bheka ngezansi ukuthi la maphathi azobanjwa ngaziphi izinsuku).
UBONA unama-party kits e-4th Street ayisishiyagalombili ophisana ngawo. Iyinye ibiza R500 kanti ihambisana newayini, izingilazi, ibhakede lamaqhwa, indwangu yetafula nesikibha. Ukuze uthole eyakho bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo yasemini kwi-postcard uyithumele kuleli kheli: BONA/4th Street @ Cappello, Box 27203, Rhine Road, 8050, noma u*SMSe 4THSTREET ku-35919.
Izinsuku zamaphathi e-4th Street: Cappello New Town 4/09/09; Sunnyside 26/09/09; Polokwane 14/11/09; Sunnyside 12/12/09; Shell House, Blouberg 13/02/10; New Town 27/02/10.
Isikhumba esibushelelezi
I-JOHNSON’S® Baby Jelly inendawo kunoma yiliphi ikhaya kanti umndeni wonke ungayisebenzisa. Iswakamisa ngokuphelele, ivikele ingane ebumanzini nokwenza ibe ngumkhiqizo okahle ongawusebenzisa enganeni ukuze ivikeleke ekutshabukeni.
UBONA uphisana ngamahampa angu-20 emikhiqizo yakwaJOHNSON’S® Baby abiza R200 iyinye. Kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo yasemini uthumele kuleli kheli: BONA/JOHNSON’S Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma u*SMSe JOHNSONS
ku-35919.
® Umkhiqizo wakwa © Johnson & Johnson (Pty) Ltd 2009
Usuku lokuvala: September 30, 2009.
*(I-SMS ibiza R3.)
