zulu.563. letters may
Ewine
NGANGITHI akudokwe ligayelwe mina ngesikhathi kudutshulwa owesimame phambi kwami. Angizihluphanga ngokubiza amaphoyisa phezu kokuba ngangimazi umbulali...
... emva kwalokho, kwabulawa umama wami!
Ngangithi akudokwe ligayelwe mina ngesikhathi amasela entshontsha ama-cellphone abantu esitaladini...
... kwantshontshwa eyami!
Ngangithi akudokwe ligayelwe mina ngesikhathi kugqekezwa kwamakhelwane...
... kwagqekezelwa mina!
Ngangithi akudokwe ligayelwe mina ngesikhathi abadlwenguli bedlwengula abantu...
... badlwe-ngula indodakazi yami!
Ngangithi asikho isidingo sokuyofakaza ecaleni lokubulala...
... kwabulawa ubaba wami kwangatholakala fakazi!
Zihluphe, nami ngizihluphe uma abantu benza izenzo zobugebengu ngoba sonke siyahlukumezeka ngenxa yabo!
Uzozisola uma ungabuthatheli zinyathelo ubugebengu!
William Mosepedi, Bloemfontein
u-R100
Kusemahlombe ethu sonke ukulwa nobugebengu!
Izincwadi
USAQHUBEKA umkhankaso wokulwa ne-AIDS kanti kufanele uzibuze ukuthi kudalwa yini ukuthi abantu baqhubeke baziphathe budlabha bazifunele isigwebo sentambo"
Zintathu izinto intsha okumele ihlome ngazo empilweni ukuze yehlise izinga lokuphathwa yilesi sifo...
Ukuthatha izinqumo: qiniseka ukuthi uthatha izinqumo eziyizo ukuze ungenzi ozozisola ngako. Ngamanye amazwi, cabanga ngaphambi kokwenza! Khumbula ukuthi kulula ukungena esilingweni!
lUkuxhumana: xoxisanani nidingide lezi zinto. Beka uvo lwakho ulalele nemibono yabanye.
lIzinjongo: uma unezinjongo ezinhle ngeke ukuvumele ukungena esilingweni esizokudicilela phansi.
Hlalela ethembeni. Phila impilo eqondile uzinakekele!
MM, Soweto
Umlingo
wokuphila
Uma sivula amehlo sibona ubuhle bempilo nobumnandi obuhambisana nokuphila, kuyasikhanyela ukuthi umhlaba uyindawo engenamkhawulo enayo yonke imilingo.
Uma sivula izinhliziyo zethu sizwa ubumnandi bokuphila nabantu esihlangana nabo nsuku zonke, siba nentokozo ejulile.
Sengathi izinhliziyo zethu zingahlala ziwulangazelela umlingo wokuphila nobumnandi bokubona okusha.
Thokozela impilo!
Megan Nkga, Mabopane
Yingozi!
BONA ZULU - May 2006
SINGAKHALA nje nge-AIDS, kodwa kukhona omunye umbulali ozichachazelayo - utshwala.
Kubuhlungu ukubona izinga eliphezulu intsha ephuza ngalo utshwala - ngisho nezingane ezineminyaka engu-10 zingene shi kulo mkhuba.
Iya e-nightclub eseduze nawe ubone ukuthi intsha iziphatha kanjani uma isidakiwe.
Empeleni wutshwala obubhebhethekisa i-AIDS.
Uma umuntu omusha esephuzile, ngabe angazihlupha ngokuya ocansini ezivikelile"
Masifundise intsha ngotshwala nengozi ehambisana nophuzo.
Ikusasa lethu lilengela engozini uma siziphatha kabi.
SD, Bizana
Omunye umbulali!
Zwakalisa uvo lwakho:
bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor,
Box 32083, Mobeni,
4060, South Africa
i-fax: 031-912-2720
i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
u
t
KUNGANI"
Uyelani ocansini nami ngingafuni"
Ulibulalelani ikusasa lami"
Ngenzeni kuwena"
Nginempilo okumele ngiyiphile. Ayingifanele le mpatho! Uma ungasenandaba nempilo - yeka mina!
Izingane azikwazi ukukhuluma - ukuba bezikwazi, bezizosho lawa mazwi kwabazidlwengulayo.
Masiyeke ukuhlukumeza izingane zethu!
Mamokoche Mokete, Lesotho
Funda ukuzithathela izinqumo!
Ngenza uGrade 10 kulo nyaka - kanti konke kusahamba kahle. Kodwa sesifikile isikhathi sokukhetha engizokwenza uma sengiqedile esikoleni.
Kusemqoka ukwazi ukuthi lokho kusho ukuthini.
Kukhona intsha esadidekile. Yenza izinto ezenziwa abanye.
Umlayezo wami uthi zenzele okuzozwana nawe uzithathele izinqumo ozosizakala ngazo.
Dineo Z, Lesotho
Abanye baqamba amanga...
Ngiyazi ukuthi izinga lokudlwengulwa kwabantu kuleli lizwe liyethusa - kodwa kuthiwani ngabesimame abaqamba amanga bathi badlwenguliwe kube kungenjalo"
Ngike ngaba kuleyo nkinga. Intombi yami yathi ifuna ukuqambela ubaba wayo amanga ithi uyidlwengulile.
Yathi isizathu salokho wukuthi ubaba wayo akafuni sithandane.
Ngazama ukuyibonisa ngokuthi lokho kuyiphutha kodwa yangangilalela.
Namuhla ngisejele kanti nobaba wayo futhi ulapha ngenxa yokuboshelwa ukuthi yamqambela amanga yathi uyidlwengulile...
Oboshiwe, Bloemfontein Correctional Services
Indlela ebheke empumelelweni injengomjaho
Indlela eya empumelelweni injengeComrades Marathon. Kungathatha iminyaka ulungiselela ukugijima kuyona kanti kumele ubekezele.
Ukuphumelela kudinga uzakhele isisekelo esiyiso. Ukwenza isibonelo, ungazitsheli ukuthi uzophasa i-exam uma ungatadishi.
Njengoba sengike ngasho, kudingeka usebenze kanzima kodwa ekugcineni uvuna izithelo ezinhle.
NM, Mdantsane
Usuku olwaguqula impilo yami
Abazali bami badivosa ngineminyaka eyisikhombisa. Ngangibona ukuthi kukhona okwakushaya amanzi kanti kwadingeka ukuba ngamukele ukuthi umama usehambile mina ngizohlala nobaba.
Ngangimkhumbula umama ngingaqondi ukuthi yini emenze wahamba. Ekukhuleni kwami, ubaba wangichazela ukuthi yini eyaholela ekudivoseni kwabo.
Phezu kwalokho, ngazitshela ukuthi ngeke ngibashiye abami abantwana uma senginabo ngisho noma ngingaba nayiphi inkinga.
Kodwa ukukhula ngaphandle kukamama kwangiqinisa - lowo ngumlayezo engithanda ukuwubhekisa kubo bonke abakhula ngaphandle kwabazali.
Nizophila nifunde ukuzibambela ezintweni!
Constance Mbokane, Ekangala [z]
BONA ZULU - May 2006
Izincwadi
Umbono omuhle
Konakele esikhathini samanje ngenxa yokuthi abantu sebemkhohliwe uNkulunkulu. Bakithi, uma sikhuleka ngokukholwa, izinto ezimbi ezinjengodlame, ubugebengu, indlala neHIV/AIDS zizophela.
EMP, Welkom
Ungasebenzisa
igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo yokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
