zulu.1291.queen
SIXOXISANA NO-
U-Queen Latifah ukhuluma nge-movie yakhe yakamumva, ukuthokoza kwakhe ngobukhulu bakhe - indawo athanda ukuhlala kuyona, kodwa akaphumelanga obala ngokuthi uyisitabani yini noma cha...
AMA-MOVIE
UKHIPHE i-movie entsha, kodwa umhlaba uthanda ukwazi ukuthi ngabe uQueen Latifah uyisitabani yini noma cha.
Kuthiwa ngo-October ngonyaka odlule lo mdlali washada nomqeqeshi wakhe weminyaka emine, uJeanette Jenkins emva kokuba elaseCalifornia ligunyaze ukushada kwabantu abayizitabani.
ULatifah wakuphika lokho kodwa kwabonakala izithombe zabo bezingcebelekela olwandle - nokuyinto eyaba yindaba enkulu!
Lezi zinkulumo zabuye zaqinisekiswa wukudlala kwakhe kwi-movie ethi Set It Off ngo-1996 lapho ayedlala khona indawo yokuba yisitabani.
Kodwa lesi sihlabani somdlali asikakakulungeli ukuphumela obala ngodaba lobulili baso.
"Angisiboni isidingo sokutshela abantu ngempilo yami kanti anginandaba nabakucabangayo," usanda kusho kanjalo.
Angenankinga ngokuphawula ngako yi-movie yakhe entsha ethi The Secret Of Bees ezobonakala eSA kule nyanga. Kule movie uLatifah udlala indawo yomnikazi wepulazi lezinyosi elibuye libe yikhaya labantu abahlangabezane nezinkinga empilweni.
Phakathi kwabo kukhona noDakota Fanning intokazi esencane eyabalekela ubaba wayo owayeyihlukumeza, kanye noJennifer Hudson osenkingeni nengalo yomthetho.
"Ngiyakuthanda ukudlala indawo yowesimame ophumelelayo, onendawo yakhe ahlala kuyona nodadewabo abuye abe nebhizinisi," kusho uLatifah.
Usezakhele imali enhle ngomculo nangama-movie akhe. Kodwa zikhona izingqinamba adlule kuzona empilweni yakhe.
Lo mdlali ogama lakhe langempela nguDana Owens, owazalwa ngoMarch 18, 1970, wakhula ehlupheka e-East Orange eNew Jersey. Uthi kwakudingeka ukuba ube yisiqhwaga ukuze ukwazi ukumelana nempilo yakhona. Kodwa lokho akusho ukuthi akanayo inhliziyo enhle.
Usamkhumbula namanje umfowabo uLancelot. Wayeyiphoyisa njengobaba wakhe washona ngo-1992 ehamba ngesithuthuthu asithengelwa nguLatifah. Ithuna lakhe liyindawo aphephela kuyona.
"Uma ngikhathele ngikhandlekile ngiya ethuneni likamfowethu engingeke ngitholwe muntu kulona," kusho yena.
"Angiyiphenduli i-cellphone yami uma ngikhon. Lokho kunginikeza ukuthula."
"U-Latifah wathola i-Oscar nge-albhamu yakhe ethi Chicago wathola i-Emmy nge-drama ye-AIDS ethi Life Support.
Lo m'rapper' obuye abe ngumdlali ukhangisa ngeziphaqulo zakwaCover Girl nezakwaJenny Craig. Kodwa uLatifah uthi yi-movie ethi Taxi abantu abamkhumbula ngayo.
"Kade ngise-Egypt kanti abantu bakhona bangazi ngisekwiTaxi.
"Ngicabanga ukuthi baningi abangazi ngenxa yeTaxi. Abanye angiluzwa ngisho nolimi abalukhulumayo ngize ngizwe ngoba sebephatha igama elithi Taxi ukuthi bakhuluma ngani."
Mayelana nezikhangiso zakwaJenny Craig, uLatifah wathola ukugxekwa ngokuvuma ukuthuthukisa uhlelo lokwehlisa isisindo somzimba. Wayevame ukuthi akanankinga ngobukhulu bakhe. Uthi isinqumo asithatha wasithatha ecabangela impilo yakhe.
"Angikaze ngibe nenkinga ngomzimba wami," kusho yena.
"Kodwa ngolunye usuku ngafunda udaba ephephabhukwini olwaluthi uma wehlisa isisindo sakho ngo-5 kuya ku-10% unganciphisa amathuba okuphathwa yisifo sikashukela nesenhliziyo ngengxenye.
"Ngavele ngathi, 'Nasoke isizathu esizokwenza ukuba ngehlise isisindo sami.'"
Nakuba uLatifah ebuye azivocavoce, uyavuma ukuthi usazifela ngokudla.
"Ngidla engikutha-ndayo kodwa ngiyajima. Bengikhuthaza amantombazane ukuze angazenyezi ngemizimba yawo. Namanje ngizowakhuthaza ngokuthi angabukeka kangcono kakhulu kunakuqala.
"Ngingachitha umzuzwana owodwa noma emibili ngiwakhombise ukuthi
angaphila kahle.
Njengoba iningi labantu besilisa libesaba abesimame abanamandla, abazimele, asalokhu eqhubeke njalo amahlebezi aphathelene nobulili bukaQueen Latifah.
"Ningacabanga noma yini eniyithandayo. Abantu abanqeni ukuqhamuka nezinto ezingesilo iqiniso. Engikwaziyo wukuthi ngeke ngishade."[z]
Bengi-hlale ngenza isiqini-seko sokuthi amanto-mba-zane ama-khulu awaze-nyezi
U-Queen Latifah ekanye nadlala nabo kwiThe Secret Life of Bees.
U-Latifah uthi wayengesabi ukubhekana nezinyosi kwi-movie.
U-Latifah nomqeqeshi wakhe uJeanette Jenkins - kunamahlebezi athi babethandana bagcina beshadile.
UTHI UBUWAZI?
U-Queen Latifah wayeneminyaka eyisishiyagalombili ngesikhathi omunye wabazala bakhe emupha igama lakhe lasesteji. Lelo gama yigama lesi-Arab elichaza "ubumnene".
