zulu.562.questions
BONA ZULU July 2008
SIXOXA NESIHLABANI
10 imibuzo kaHHP
1. Yini eyakusa emculweni?
Ngihlale ngithi umculo yiwo owakhetha mina. Umama wami ungumqambi wezingoma zamakhwaya nombhidi. Ubaba unenqwaba yamarekhodi ayehlale ewadlala. Umculo yinto eyingxenye yomndeni wami kanti nami ngisawulalela umculo omdala njengowamaTavares, Lionel Richie noStevie Wonder.
2.Walikhetha kanjani igama lakho lomculo - kanti wena elakho langempela ungubani?
Igama lami nginguJabulani Tsambo. Abangani bami bangibiza ngoJabba. Nami ngangifuna ukuzibiza kanjalo ngesikhathi ngiqala emculweni kodwa omunye umngani wami wathi angizibize ngoHip Hop Pantsula. Leli gama lakhula nami ngoba kukhona kimina lapho kuhlangana khona i-hip hop nobupantsula.
3. Wazizwa unjani uwina kumaSAMAs?
Noma ngubani oseke wawina uzokutshela ukuthi kumnandi kangakanani ukuwina ngemizamo yakho. Sekuphele cishe iminyaka elishumi ngilapha, ngakhoke kwasiza kakhulu ukubekezela.
4. Ngabe ubukhulu bomzimba wakho buyinkinga uma ucula esteji?
Isisindo sami silokhu sinjena, ngakhoke anginankinga ukuphilisana naso. Njalo emva kokucula, abantu baqonda kimina bazongitshela ukuthi sengibenze nabo bayithanda imizimba yabo emikhulu - yinhle leyo nto!
5. Uma ubhala izingoma zakho, yimuphi umyalezo osuke ufuna ukuwudlulisa?
Ngibhala ngezinto ezenzekayo empilweni yami ngaleso sikhathi. Izingoma ezifana nezithi Go Diragalang, Harambe neDafur yizingoma eziqwashisayo engicabanga ukuthi zimayelana nesikhathi sanamuhla.
6. Ungayichaza kanjani i-hip hop ngokwaseSA - sikuphi ngokwezinga lomhlaba?
I-hip-hop eSA ithola udumo ngokumangalisayo. Kuqala babengayilaleli, bengayithengi kodwa manje isinedumela. Sinabantu abangoMC abanekhono elimangalisayo nabaculi abaningi be-hip hop okuthi lapho kukhona abaculi baphesheya, kucelwe bona ukuba babavulele.
7. Wathandwa kakhulu ngesikhathi uwina iStrictly Come Dancing. Yini owayifunda kule-show, ngabe iyithinte kanjani impilo yakho noma ukucula kwakho?
Akubanga lula ukwenqaba. Emva kwalokho ngazama ngafunda esikhathini samasonto angu-8. Lokho kwangikhombisa ukuthi ngingenza noma yini engibeke kuyo umqondo wami.
8. Yini owayifunda ngesikhathi ukwiRhythm City?
Ngafunda ukuthi kimina kuningi okungaphezu kukaJabba i-rapper nomdansi. Ngesikhathi ngise-high school, ukudlala emidlalweni yasesteji ngenye yezinto engangizenza. Kodwa ukuvela emdlalweni ofana nalona, obophele izihlabani - kwadingeka ukuba ngizimisele.
9. Unazo izingane, uzoshada nini?
Nginendodana eneminyaka engu-4 uLeano Laone - nguyena muntu ongenza ngivuke ngiyosebenza nsuku zonke. Umshado ususondele, ngizokunika usuku maduze-nje.
10. Sitshele esingakwazi ngo-HHP?
Uma ngingaculi, ngisuke ngisekhaya ngidla i-sushi noma ngizidlalela i-X-Box.[z]
Ithuba labafundi bakaBONA lokubuza izihlabani zabo imibuzo
YITHUBA LAKHO!
Buza uDoc Khumalo imibuzo. Imibuzo yakho mayifike kithina ngaphambi komhlaka 30 July. Siyokukhiphela izimpendulo oshicilelweni lukaSeptember. SMSa igama ASK nombuzo wakho (amagama angabi ngaphezu kuka-160) ku-35919. I-SMS ibiza R3 - noma uthumele umbuzo, igama nedolobha lakho nge-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
BONA April 2008
