ZULU.561.ourwrld 1
EZALAPHA NALAPHAYA
ABAKHANGISI BAKWELASE-AFRICA
“INHLOSO wukubuyisa lobo buhle befesheni,” kusho uTeballo Khuzwayo ongomunye wababehlela umcimbi weRivets Fashion Lounge ehhotela iHilton eThekwini. “Lokhu kuzohlale kwenziwa zinyanga zonke nokuyilapho sizonika iTheku ithuba lokugqoka libukeke kahle liphinde libone imisiko yengqephu ephambili yabasiki abaphambili bakuleli dolobha.”
■ Izithombe nguSlash Luthando
▲UNtokozo Luthuli noNontle Mkhaliphi.
▲Yisikhathi sephathi!
UMHLABA WETHU
▲Ungowami! Izithandani zithokozela i-show.
▲Ungowami! izithandani zithokozela i-show.
►UBokang, Thabo no-Olwethu.
▲Izintokazi ezintathu zithokozela ubusuku edolobheni.
▲Ukhangisa ngezimpahla zikaWarren Morck.
Sihalalisela
INKOSI ENTSHA
UMHLABA WETHU
Sinethulela inkosi yokuqala yesimame yabesizwe saseValoyi…
NGESIKHATHI bemembesa isikhumba sengwe bemgcoba njengenkosi, kwaphakama abantu bonke bekikiza bethokozela inkosi yabo entsha.
UPhillia Nwamitwa (67) usesithathe ngokusemthethweni isihlalo sobukhosi njengenkosi yokuqala ngqa yesimame yabantu baseValoyi okuyisizwe samaShangani eduze kwaseTzaneen eLimpopo.
“Lokhu kunqoba akusikho okwami, kodwa ngokwabesimame bonke baseSA,” kusho inkosi itshela uBONA.
Ungugogo wabazukulu abangu-10 owathatha iminyaka cishe engu-40 elwela ukuba yinkosi. Uyinkosazana yenkosi uFofoza owakhothama engenayo inkosana ngo-1968.
Ngaleso sikhathi uPhillia wayeneminyaka engu-27 futhi engathathwa njengomuntu ongathatha ubukhosi ngoba engumuntu wesimame. Umalume wakhe uRichard nguye owaba yinkosi wabusa lesi sizwe waze wakhothama ngo-2001.
Emva kwalokho indodana kaRichard yayifuna ukungena ezicathulweni zikayise kodwa ngaleso sikhathi uPhillia wayezimisele ukulwela isihlalo sobukhosi.
Lolu daba lwayiswa enkantolo, kodwa lamlahla uPhillia ePretoria High Court naseSupreme Court Of Appeals eBloemfontein. Lezi zinkantolo zombili zanquma ukuthi kwakuphambene nesiko labangamaShangani ukuba owesimame abe yinkosi.
Inkantolo yoMthetho-sisekelo yona yathi uPhillia unelungelo lokuba yinkosi ngokuhambisana nomthetho-sisekelo omusha neBill Of Rights engakuvumeli ukucwaseka ngenxa yobulili.
■ Neville Maakana
▲UPhillia Nwamitwa.
◄▲Abesimame bezinhlanga ezehlukene bekhuleka enkosini entsha.
UMQONDO OMUHLE
WOKUHLONISHWA KWABESIMAME
Ilokishi laseRio de Janeiro iMorro da Providencia, ngenye yezindawo eziyingozi kwelaseBrazil, kodwa uhlelo lomsebenzi olwethulwa ngumthwebuli wezithombe waseFrance lubukeka luzoyishintsha yonke leyo nto.
Uma ubheka lesi sithombe uzobona abesimame abayizihlobo zalabo ababulawa ngabashushumbisi bezidakamizwa ngesikhathi besahlala ezindlini ezazingekho esimweni esifanele.
Kunezinhlelo zokusabalalisa lo msebenzi eSierra Leone, Kenya, Liberia nakwezinye izindawo.
EZEMISEBENZI
BAYAZI-THUTHUKISA
Kusanda kumenyezelwa abawina kumaSAB KickStart Awards aminyaka yonke...
IBHIZINISI lika-Ashley Uys iReal World Diagnostics lamenyezelwa njengeBusiness Of The Year emcimbini waminyaka yonke weSAB KickStart Awards lathola umklomelo ka- R200 000. Le nsizwa eneminyaka engu-25 iqophe umlando kwezesayensi ngama-kits okuhlola iHIV.
Umklomelo wesibili waya ku-Antonio Pooe wenkampani yaseGoli i-Exactech ebheka ubugebengu. UBev Gumbi waseKZN inkampani yakhe Isivuno Containers yathatha indawo yesithathu. Usebenzisa ama-container asemikhumbini awashintshe awenze noma yini.
Kwaphinde kwenziwa nemiklomelo emithathu eyisipesheli emkhakheni wezentuthuko. Kuyona kwawina UThembelihle Mkhwanazi waseMalahleni wabeMgabashe Coffins And Caskets Manufacturing, uThandeka Magagula weGlobal Communication Network Systems noMpho Makola wezabavakashi iLehudu Portfolio.
Lolu hlelo oluxhaswe ngabeSAB luvulekele kulabo ababencishwe amathuba beminyaka engu-18-35 abafuna ukuzisungulela noma ukuzikhulisela amabhizinisi abo.
►UBev Gumbi, Ashley Uys no-Antonio Pooe bethakasela ukunqoba kwabo.
UMHLABA WETHU
▲UThandeka Magagula, Thembelihle Mkhwanazi noMpho Makola.
EZALAPHA NALAPHAYA
Phuza!
Phuza!
I-Standard Bank Soweto Wine Festival yaminyaka yonke okungeyesine yahanjelwa abantu abangaphezu kuka-4 000. Lesi sibalo asikholakali njengoba le festiveli yayivulwe cishe amahora amathathu ubusuku ngabunye.
Ingqikithi yayo enkulu yayilele ekwandiseni ulwazi ngamawayini nokuthengiswa kwawo emphakathini wabansundu bakuleli - iWine Class yanika ababehambele lo mcimbi ithuba lokufunda kabanzi ngewayini.
▲UDaphne, Lerato noKeketso.
AMAKHONO AVUTHAYO
UMHLABA WETHU
Onguphrojusa weTV yaseSoweto nongumethuli wezinhlelo usanda kuthola umklomelo weSAFA Soweto Award ngokukhuthaza izakhamuzi kuleli lokishi ukuba zizibandakanye nezemidlalo. Utholakala kwiSpytwotshamaya ngo-6pm ngoLwesithathu kwiSoweto Community Television (DSTV channel 150)
Uneminyaka engu-12 nje vo kodwa usephumelele ukufeza iphupho lakhe lokuba ngumsakazi wohlelo iReahola, okuluhlelo lwezingane kwiQwaQwa Community Radio. Nizomuzwa ngesikhathi samaholidi esikole efundisa ethokozisa abalaleli.
▲ULucky Ndlovu noRene Palm bethokozela iwayini elimhlophe.
▲Abanye ababehambele ifestiveli.
ezase-
africa
NIGERIA
U-Mohammadu Bello Abubakar usenkingeni. Lo mshumayeli oyiSulumane usanda kuboshwa emva kokugasela kwabomthetho ekhaya lakhe entathakusa wathweswa icala “lokwehlisa inkolo yakhe isithunzi” kanye “nokushada ngokungemthetho.” Unamakhosikazi angu-86 kanti iziphathimandla zenkolo yakhe zithi lokho kuphambene neKoran. Ngokwale nkolo kufanele uthathe amakhosikazi amane kuphela. Kodwa u-Abubakar onezingane ezingu-170 uyaliphika leli cala. Uma limlahla, uzogwetshwa intambo.
RWANDA
Okhethweni lwakamuva abesimame bathole izihlalo ezingu-56,25% ephalamende kuleli lizwe. Alikho iphalamende elinabesimame abangaka emhlabeni! “Abesimame bangabaholi abahle,” kusho omunye umvoti. “Banozwelo kanti bayasilalela. Bayaziqonda nezinkinga zemindeni nezabantwana bethu.”
LESOTHO
Kutholakale idayimane elinesisindo esingu-478 carats emayini yaseLetseng ngokwabakwaGem Diamonds abangabanikazi bale mayini.
Yidayimane lika-20 leli kwamakhulu asetholakele, kodwa “ukuhlolwa kwalo kukhomba ukuthi lizokhiqiza itshe elizoqopha umlando ngombala walo omuhle nangokucaca kwalo,” kusho okhulumela le nkampani.
UMHLABA WETHU
KENYA
Ubugebengu budlangile kanti akekho ophephile. Amaphoyisa aseKenya kudingeke ukuba aqinise ezokuphepha e-Alego-Kogello, indawo okuhlala kuyona ugogo kaBarack Obama ogaqele esobumongameli eMelika emva kokugqekezwa kwekhaya lakhe. “Abantu abenze lokhu bacabanga ukuthi u-Obama ungithumela izindodla zemali,” kusho uSarah Hussein Obama (88) etshela izintatheli.
UGANDA
UNsaba Buturo, ongungqongqoshe wezamasiko uphezu kombhidlango wokuqeda ukugqokwa kweziketi ezimfishane akhala ngokuthi ziphazamisa abashayeli kugcine sekudaleke izingozi. Watshela izintatheli eKampala ukuthi ukugqoka iziketi ezimfishane kufana nokuhamba nqunu ezitaladini. “Uma ugqoke isiketi esifishane ungadala izingozi ngoba kukhona abantu abaxegelwa yizimilo. Ukugqoka iziketi ezimfishane kufanele kuthathwe njengehlazo ojeziselwa lona ngokomthetho.”
IZIHLABANI
UBABA OZIQHENYAYO!
ISILILO
Siyohlala simkhumbula
UKhabzela ongasekho emhlabeni uyohlala ekhunjulwa abalandeli bakhe kanti kusanda kumbulwa itshe lesikhumbuzo sakhe eNewtown, eGoli. UMolefi Sebatie wayekhona ethwebula izithombe…
UMHLABA WETHU
◄Kukhunjulwa uDJ Khabzela…
►U-Kelly Khumalo enandisa ngephimbo lakhe elimtoti.
U-Arthur noKellelo no-Owami.
▲USomizi Mhlongo nezi ‘mpintshi’ zakhe bezohalalisela omuntuza ba-Arthur.
“Ngangimatasa ngakha umndeni ngesikhathi abanye begubha ukungena onyakeni omusha,” kusho u-Arthur Mafokate encokola mhla kugujwa usuku lokuzalwa kwamadodakazi akhe u-Owami (7) noKellelo (4), abazalwa ngoSeptember! UMolefi Sebatie wathwebula izithombe…
◄U-Prosper noRobbie Malinga.
▲U-Bridgette Mailula noBusi Mabasa.
▲U-Obed Sibasa noKedibone Moloi
