zulu.554.yourworld_tvguide
YISIKHATHI SE-TV!
INDODA EKHUTHELE
U-Laurence Fishburne ukhuluma ngokudlala indawo kaMorpheus emqoka engxenyeni yokuqala kuya kweyesithathu yefilimu ethi The Matrix. Bukela iThe Matrix 1 ku- SABC1 (October 11, 8pm)
Kukuphatha kanjani ukuba yingxenye yalawa mafilimu?
Kungiphatha kahle. Ngidlale indawo kaBatman, Superman, nekaRobin kanti sithola ithuba lokuba amaqhawe kuvuke ubungane ngaphakathi kithina.
I-The Matrix ikhuthazwa wukuxhumana ngamakhomphyutha. Ngabe kukhona okunye owakufunda ulungiselela ukudlala kule filimu?
Abantu abazihlupha ngalokho yizinsizwa zakwaWachowski (abaqondisi befilimu). Nginekhomphyutha, ngiyakwazi ukuyivula kanti kwanele lokho kimina.
Amalungiselelo ale filimu athatha isikhathi. Ngabe kuyakujabulisa ukuphela kwawo?
Ngijabula kakhulu. Ngingumlandeli weThe Matrix kanti engikulangazelele wukubuka lawa ma-movie hhayi ukudlala kuwona nje kuphela. Akuvamile ukuthi uthole ithuba lokudlala efilimini othanda ukuyibuka.
Ungachaza kafishane ukuthi le movie ixoxa ngani?
Ngingubani? Ngilandeni la? Ngila ngasiphi isizathu? Yile mibuzo ebuzwa yilawa ma-movie kanti kusemahlombe akho ukuphinda uwabuke ukuze kukukhanyele ukuthi akhuluma ngani! Kukuwena ukuzikhethela!
(UMTHOMBO: www.indielondon.co.uk)
Conversations on a Sunday Afternoon
(October 18, 10.15pm, SABC3)
Le ikhuluma ngokucwaswa kwabokufika eSA nangezingqinamba ababhekene nazo. U-Tony Kgorogoe udlala indawo yentatheli ezama ukuthola owesimame eyahlangana naye epaki kanti izohlangana nabokuhamba abayitshela ukuthi kungani bekhethe ukwenza iSA ikhaya labo.
ONGAKUBUKA
Scary Movie
(October 10, 7.30pm, SABC3)
Izinsizwa zandawonye, oMarlon noKeenan Ivory Wayans benza imisangano kule filimu efunze ethi I Know What You Did Last Summer. Emva konyaka belahle isidumbu sendoda abayibulala bengaqondile, idlanzana lentsha engenamqondo licuthelwa wumbulali obulala ephindelela.
AMA-MOVIE OKUBU-KWA
Ubuso obusha nobudala
Zibonele ukuthi abadlali abasha nabadala asebebuyile bazokwenzani kule midlalo
U-Onica utshela uTshidi ukuthi uKing ungumxhaphazi nomkhohlisi. Emva kokuntshontsha izidakamizwa zikaKing, u-Onica noTshidi bayahamba bayocasha eHillbrow. U-Naomi oyintatheli uxhumana noS’bu kanti udalula igama lomuntu oqede ubuntombi bukaJoy Cele ocula owoKholo. U-S’bu ongazibheki iziketi weshela uNaomi kodwa akamqomi nokuyinto ejabulisa uGail. NgoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, 6.30pm, e-tv
UPule (odume ngelikaBishop) uvakashelwa nguPalesa ejele ofuna iDNA yakhe ukuqinisekisa ukuthi ngabe ungubaba wakhe yini. Amaqhinga kaWayne avela obala ngesikhathi uJacques noKeke bethola ukuthi udlala ngabo ukuze athole igrosa yamahhala. Mhlawumbe wayengadlali uma ethi uyagembula. NgoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, 7.30pm, e-tv
U-KK noBarry bathembisa uThandaza okuthile. Kuthe uma izinhlelo zabo zibhuntsha bazama elinye iqhinga kodwa izinto azibahambeli kahle. NgoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, 9pm, SABC2
UZamani ungenwa amanzi emadolweni uma enoNeli kodwa bagcina bethandana. U-Ajax wexwayisa umfowabo ngoNeli kodwa akamuzwa. NgoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, 8pm, SABC1
EZAMA-SOAPIE
ESIKU-KHE-THAYO
nihlanganiselwe nguNtokozo Maseko
Sekuphele iminyaka isitokofela siyingxenye yesizwe esinsundu kanti ngaso abantu bathola ithuba lokuxhasana, bakhulisane bathokoze. I-Stokvel siveza leyo ngxenye yentokozo ngokulandela impilo kaMojo nonkosikazi wakhe uLerata bezitokofela iMajakathata neSweet Harmony.
U-Michael Kyle (Damon Wayans) ufisa ukuphila impilo ejwayelekile kodwa unkosikazi wakhe uJanet, indodana uMichael Jr namadodakazi, oClaire noKady banciphisa amathuba okufezeka kwesifiso sakhe.
Ophrojusa beGirlfriends okungumdlalo wamahlaya baphrojuse umdlalo wamahlaya olandela impilo yabesimame abathandana nabadlali bebhola elikhokhelayo.
Xhasa ithalente lakuleli ubukele umncintiswano wokuvunjululwa kwamakhono osomahlaya lapho uDavid Kau ongusomahlaya eyinhloko yamajaji khona. Emva kokuya kwamajaji ezweni lonke efuna osomahlaya abanekhono, umbukeli ukhetha obashaye bonke emakhanda.
Le iqanjwe ngo-Eve umculi we-rap odlala indawo kaShelly Williams ohola iqembu labesimame abathathu abanebhizinisi
lezingubo nabathanda abesilisa nokukhishwa. [z]
IZINHLELO ZEZEMIDLALO
