zulu.552.kaka
“Umuntu onekhono likaKaka, uqhamuka kanye eminyakeni engu-50,” kusho uParreira.
BONA ZULU – June 2007
UMA ungumhlaziyi wezebhola kufanele uzilungiselele ukubiza amagama angajwayelekile abezizwe emoyeni. Kodwa… amanye amagama alula angakudalela inkinga.
Baningi abahlaziyi bezebhola abasenenkinga namanje ukubiza igama lomdlali uRicardo Izecson Dos Santos Leite uma ebambe ibhola.
Mhlawumbe uzomangala ukuzwa ukuthi igama elithi “Kaka” ngolimi lwesiPutukezi lichazani - ngempela lichaza lokhu nawe okucabangayo - engeke ngakuchaza lapha!
Konke kwaqala ngesikhathi esemncane. Umfowabo omncane kaRicardo uRodrigo, wayengakwazi ukubiza igama elithi “Ricardo” kahle, ngaleyo ndlela waqala wabiza umfowabo omdala ngokuthi wu “Caca,” nokuyigama elijwayelekile eliyisifinyezo saleli gama eBrazil.
Njengabo bonke abantu abayizelamani, uRodrigo naye waqala wabona ukuthi - ukuthi “Caca” kubizeka ngokufana nokuthi “Kaka” nokuyilona gama elachuma.
Ngesikhathi ekhula, uRicardo wazama ukukhuza abantu ukuba balibize kahle, kodwa lokho kwenza ukuba baqhubeke bamgcone. Namuhla sekuyigama eliyisidlaliso esikhulu ngenxa yokuthi naye lo mdlali wenza izimanga enkundleni.
Inhlekelele yengozi
Ngesikhathi lo mdlali eseneminyaka engu-18 - ngoSeptember ikhono lakhe ebholeni lase liqala ukubonakala. Kulapho futhi aba sengozini eyacishe yakhubaza umsebenzi wakhe wokuba ngumdlali webhola.
“Ngadayivela emanzini nokuyilapho ngafike ngashaya phansi ngekhanda ngephuka ithambo lesithupha emgogodleni,” kusho kukhumbula yena.
Abaningi babengaboni ukuthi ngilimele kangakanani.
“Ngabuyela emumva eSao Paulo ngaziqeqesha izinsuku ezimbili kodwa kunzima ukubekezelela ubuhlungu ngaleyo ndlela bangenza ama-X-ray amaningi.”
Odokotela batshela uKaka ukuthi unenhlanhla ukuba angakhubazeki nokuthi ingozi yayingakapheli.
Lesi sigameko samenza wabona ukuthi cishe walahlekelwa yinto akade engaziphilisa ngayo.
“Ngiphilela amagoli nezifiso,” kusho yena. “Ukuba seqenjini lesizwe, ukudlala kwiWorld Cup, ukuwina iLigi nokuphumelela siqu sakho? Ukushada, ukuba nezingane.”
Emva kwesikhathi esingangonyaka, wayesebuyele enkundleni. Waqala umdlalo ebhentshini kwiSao Paulo. Iqembu labo lalehlulwa ngegoli elilodwa sekusele imizuzu engu-14 ukuphela komdlalo ngesikhathi umqeqeshi emfaka.
Ingakapheli imizuzu emibili, uKaka wayeseshaye amagoli amabili.
Ukusinda kwakhe kule ngozi kanjalo nokuphumelela kwakhe emsebenzini wokudlala ibhola - uthi uBonga uNkulunkulu kanti kumanje ingxenye yomholo wakhe uyinikela ebandleni lakhe.
Amakinati
Lo mdlali wasesiswini wajoyina i-AC Milan ngo-2003 ngemali encane kakhulu eyachazwa njengamakinati ngumnini wekilabhu uSilvio Berlusconi.
Lo mdlali owayesemncane washeshe wazibonakalisa. Ingakapheli inyanga, wayeseziphendlele indawo esikimini esikhulu edlala njalo eseshaye amagoli angu-10 emidlalweni engu-30 ngaleyo sizini yokuqala ekwiMilan, wawina ne-Italian Serie A Championship ne-European Super Cup.
Wayeyingxenye yabadlali basesiswini abahlanu ngesizini ka-2004-05 edlala emva komgadli u-Andriy Shevchenko. UKaka washaya amagoli ayisikhombisa emidlalweni engu-36 yeLigi waphinde wawina i-Italian Super Cup nekilabhu.
Elinye lamagoli akhe ayohlale ekhumbuleka kuze kube yinamuhla emdlalweni ababewudlala neFenerbahçe SK wokuqala we-AC Milan kwiChampions League ka-2005/06.
UKaka waqala ukugijima kusukela esiswini senkundla wadlula abadlali abathathu ngaphambi kokuba ashaye ibhola elaphuma ngaphansi kukanozinti weFenerbahce uVolkan Demirel.
Indlela adlala ngayo yashiya ababhali bezemidlalo bengawuvali umlomo bemqhathanisa noDiego Maradonna esavutha ngezikhathi zakhe.
Ukudlalela iBrazil
UKaka waqala ukudlalela izwe lakhe ngesikhathi iBrazil idlala neBolivia ngoJanuary 2002. NgoMay 2002 umqeqeshi uLuiz Felipe Scolari wambizela eqenjini laseBrazil elalizodlala koweNdebe yoMhlaba.
NjengoRonaldo eMelika ngo-94, uKaka wathathwa kwahanjwa naye ukuze ayobuka, afunde ukuze azilungiselele umqhudelwano olandelayo, nakuba athola ithuba lokudlala kancane imizuzu engu-20 ngesikhathi iBrazil idlala neCosta Rica.
“Ukungena kwiWorld Cup uneminyaka engu-20, ukuba kanye nabadlali abaphezulu kwaba yinto enkulu,” kusho uKaka. “Ufunda okuningi kubadlali - ukwenza izinto, ukuqhubeka uzame ngisho ngabe kukhona lapho wenze khona iphutha, uze ugcine uphumelele kokuzamayo.”
“Lapho uyabona ukuthi laba bantu abangabadlali abangosaziwayo nakuba bebakhulu, kodwa bangabantu njengabanye abantu.”
“Umuntu onekhono elifana nelikaKaka namakhwalithi, uqhamuka kanye eminyakeni engu-50,” kusho uCarlos Alberto Parreira owasebenza nalo mdlali ngesikhathi esaqeqesha iBrazil.
“Uyisibonelo sesikhathi esizayo kuwo wonke umdlali oseqenjini laseBrazil.”
Kwinhlolovo eyayiphethwe ngelinye lamaphephabhuku aseBrazil lapho kwakubuzwa khona ukuthi Ngubani umdlali ongcono emhlabeni? uKaka wathola amaphesenti angu-82 amavoti, ekubeni uRonaldinho wathola amaphesenti angu-11. UKaka waphinde wathola amavoti amaningi kwinhlolovo eyabe isiyenziwa yiphephabhuku lezemidlalo lase-Italy.
UKaka ‘wabantwana’
Kukhona futhi labo abathi uKaka ungomunye wabadlali bebhola ababukekayo othandwa abesimame. Uphinde futhi aziwe ngokuthi wuWayne Rooney waseBrazil... ngaphandle kwenhlamba namahlazo ezocansi.”
“Kunzima ukucabanga umuntu ofana noDavid Beckham efika yedwa kwi-interview efake ibhengela lesiliva elaliqoshwe ukuthi ‘Jesus.’
Kodwa ukwethembeka kukaKaka kubalulekile kuyena. Kunombhalo othi I belong to Jesus nothi God is faithful othungelwe ezicathulweni zakhe zebhola kanti ukholelwa entweni ahlale eyikhuthaza.
Ukwenza isibonelo, lo mdlali wavotelwa kabili ezweni lakhe njengomdlali webhola omuhle ngokukhangayo okhonzwe ikakhulu ngabantu besimame abasebasha - asebaziwa ngokuthi amaKakazetes – uyaziqhenya ngokuzigcina emsulwa ngokocansi kwaze kwaba uyashada noCaroline Celico ngoDecember 2005.
“Ngikholelwa othandweni, ngiyakuvikela lokhu,” kusho yena. “Namuhla ucansi seluyinto enkulu kangangoba abantu baya ocansini ngaphandle ngisho kokwazana amagama - lokhu angihambisani nakho.
“Ngivikela ucansi oluhambisana nothando. Kubekiwe naseBhayibhelini: uNkulunkulu akakugxeki ukuya ocansini.”[z]
UKaka wenza izimanga!
Bambiza ngo “Wayne Rooney waseBrazil” kodwa “ngaphandle kokwethuka namahlazo ezocansi” – kuthi lapho ethola ibhola angavinjwa yilutho
indaba ngu-ISAAC KWELA
izithombe: GETTY IMAGES/GALLO IMAGES
Udlalela uNkulunkulu
BONA ZULU – June 2007
u
t
‘Ngihambisana nocansi oluhambisana nothando’
Edlalela iqembu lesizwe laseBrazil.
