zulu.551.beauty
Umhlahlandlela wamehlo abukeka kahle
BONA ZULU – July 2007
Ezobuhle
Yiba namehlo amahle abukeka kahle. Sikuphathele umhlahlandlela ozokusiza ukuze ukhethe imibala ezozwana nawe ongayisebenzisa emehlweni akho…
BONA ZULU – July 2007
Ezobuhle
AKUSIBO bonke abantu abangasebenzisa ama-eyeshadow a-grey namnyama anemibala ezothile esiwabona esetshenziswa kule sizini, khetha umbala o-brown. Umbala o-brown ubukeka kahle kakhulu kunalowo o-charcoal noma omnyama ngoba uphelelisa ubuhle bamehlo nobesikhumba esingagqamile.
Khumbula ukuthi i-eyeshadow ihlala isikhathi eside uma uqala ngokufaka i-foundation emehlweni (noma i-concealer) kanye no-powder. Kubuye kube ngumqondo omuhle ukukama izinkophe zakho ngaphambi kokufaka i-mascara. (Gcoba kome kuqala ngaphambi kokuphinda okwesibili.)
I-eyeshadow enombala osashokoledi ibukeka kahle uma uyisebenzisa ne-blusher enombala ompofu, ezindebeni ungasebenzisa
i-liner egqamile ngaphambi koku-gcoba i-lipstick enombala onsundu.
Yiba namehlo azothile
Step 1
Brasha i-eyeshadow engagqamile ngenhla emehlweni. (Khetha umbala ofana nesikhumba sakho ongacwebezeli kakhulu ngoba ocwebezelayo uzogqama.)
Step 2
Sebenzisa ibrashi uma ufaka i-eyeshadow.
Uma unamehlo amise okwe- almond, umbala wakho wufake ugcwale ngenhla emehlweni, kuze kufike ekupheleni kwezinkophe ezingezansi.
Ukuze amehlo abukeke emakhulu, faka i-eyeshadow emaceleni emehlweni akho.
Uma unamehlo amakhulu, faka i-eyeshadow ngenhla emehlweni kuze kufike ngezansi kwamashiya.
Step 3
Gqamisa amehlo akho nge-eyebrow pencil e-brown. Yifake ngemuva kwezinkophe nangezansi. Yithambise ngovolo noma usule kahle ngomunwe.
Faka okwasemini ebusuku
Umbala o-brown asiwuboni ufanele ukufakwa ebusuku kodwa uma uzowufaka nokucwebezelayo ungenza ubukeke usesitayeleni uqhakazile ebusuku.
Gqamisa amehlo akho nge- pencil egqamile ozoyifaka ezinkopheni ezingenhla. Faka umbala o-brown ocwebezelayo uwuhlanganise nowasemini.
Okunye ongakwenza wukusebenzisa umbala osagolide noma omunye ocwebezelayo emaceleni emehlweni. (Lokhu kuvuselela amehlo akhathele.) Faka okunombala ogqamile ngezansi kwezinkophe.
Uma ufake okunombala ogqamile emehlweni kungcono usebenzise i-gloss ezindebeni. Yifake yodwa noma uyifake ne-lipstick yakho oyisebenzisa emini. [z]
nguCHRISTINE HAMMANN
izithombe nguCHRISTOPHER LAURENZ
umkhangisi ngu-AVELA ophuma kwa-Ice
i-make-up nezinwele nguLISA BAILEY, esebenzisa iBloom
