zulu.549.Illness
Izifo zezingane
Izinsuku zesikole
Uma ingane yakho isiqalile esikoleni yahlangana nezinye izingane, sekungenzeka ithole ukufa kwazo...
ESIKOLENI ingane yakho izohlangana nezinye eziningi bachithe amahora amaningi begqumelene ndawonye ekilasini. Noma yingasiphi isikhathi eyodwa noma ngaphezulu kungenzeka zingaphili kahle nokuyinto engabeka ezinye engcupheni yokwamukela izifo namagciwane afafazeka ngokukhulu ukushesha.
Make sibhekisise ezinye zezifo ingane yakho engase ibe sengozini yazo...
n Chicken pox. Lesi ngesinye sezifo ezidlange kakhulu ezinganeni zeminyaka ephakathi kwemibili neyisishiyagalombili. Sithelelana ngamagciwane asemoyeni nangokuthintana.
Izimpawu: Lesi sifo siqala ngemfiva, ikhanda, umphimbo obuhlungu nokungavumi ukudla. Uyaqubuka ebusweni, okhakhayini, esifubeni, emumva, ezingalweni nasemilenzeni - emva kosuku noma ezimbili. Ngokushesha ukuqubuka kuba namanzi, kuqine uma sekoma bese kuxebuka.
Siyingozi kangakanani" I-paracetamol yemfiva nokokwehlisa ukuluma yizona zinto ezidingekayo. I-Aspirin akufanele isetshenziswe ngoba ingenza ingane yakho igule kakhulu.
Uma ukuqubuka kushisa, kuba bomvu noma kuthamba, kungenzeka ukuthi ingane inokufa kwamagciwane okudinga ama-antibiotics kudingeke ukuba iyiswe emtholampilo noma kudokotela. Ukwelashwa okuyikho kuyadingeka uma ingane yakho ikhombisa ukwethuka, iphalaza, intengantenga uma imile noma ilala njalo.
n Diphtheria. Lesi yisifo esifafazeka ngomoya, amathe noma amafinyila omunye esimphethe.
Izimpawu: Uma i-diphtheria isemakhaleni kuphela, iqala njengomkhuhlane. Emva kwalokho amafinyila aba wubomvu obunuka kabi obungenza isikhumba emakhaleni nasodebeni olungenhla sibe nezilonda.
Uma igciwane liba emumva emphinjeni usuku olulodwa noma ezimbili, kuba yinto ejwayelekile kwenze umphimbo ube buhlungu uhambisane nomkhuhlane, kuvele untwentwesi olumhlophe noma olu-grey emphinjeni lumboze amathansela, olwangeni nasemaceleni. Lolu ntwentwesi lungahamba luye lufinyelele emankankeni noma epayipini lomoya.
Siyingozi kangakanani" Uma usola i-diphtheria, yelaphe ngokushesha. Izingane kufanele zihlukaniswe ukuze kugwemeke ukubhebhetheka kwalesi sifo esiyingozi. Wonke amalungu omndeni nabanye abasondelene nawo kufanele abhekwe kakhulu, asebenzise ama-antibiotics ukuze angangenwa yilesi sifo.
n I-measles. Lona ngumkhuhlane odala isifo esimandla esikhumbeni nasemgudwini wokuphefumula. Lesi sifo sisabalala uma umuntu esimphethe ethimula amagciwane engena komunye emakhaleni noma emphinjeni.
Izimpawu: Ingane ingakhombisa izimpawu zokukhwehlela okomile, amakhala anamafinyila, amehlo abomvu avuvukele, ukucinana emakhaleni, ukuthimula nemfiva ephezulu.
Ukuqubuka kuvame ukuvela ebusweni nasemqaleni izinsuku ezimbili kuya kwezine emva kokuqala kokugula, bese kusabalala esifubeni, ngemumva kugcine ezingalweni nasemilenzeni.
Siyingozi kangakanani" Njengoba kungekho ukwelashwa okuqondene ngqo ne-measles, ebaphethe bahlaliswa bodwa - bavame ukulala belashwe nge-paracetamol, umuthi wokukhwehlela nokhilimu wesikhumba ukuze kwehle imfiva, ukukhwehlela nokuluma.
I-measles yehlisa izinga lokusebenza kwamasosha omzimba enganeni kanti lokhu kuthatha amasonto ambalwa kwenze ingane ibe sengcupheni yokungenwa yizifo kalula.
Uma kuyimfiva eqhubekayo, hambisa ingane yakho kudokotela noma emtholampilo ngokushesha.
n Meningitis. Lesi sifo siyingozi kakhulu, sidala ukushisa ontwentwesini olumboze umqondo nomgogodla. Singesinye sezifo eziyingozi ezinganeni ngoba singabulala.
Izimpawu: Nakuba siyingozi, sivame ukuqala ngezimpawu ezijwayelekile ezingesiyo ingozi.
Ingane iba nemfiva iphathwe yikhanda, kungavumi idle, ibe nokwezela noma icasuke kalula ikhale nangokukhanya okuhlaba kabuhlungu emehlweni, ihlushwe nayintamo.
Uma lesi sifo siqhubeka, kungenzeka sibe mandla kakhulu.Siyingozi kangakanani" Uma ingane yakho isengcupheni yokuthola i-meningitis, ihambise emtholampilo noma kudokotela.
I-meningitis iyingozi, idinga ukuqikelelwa kangangoba ngisho namahora ambalwa angenza omkhulu umehluko. Ukwelulama kuncike eminyakeni yengane, emandleni okuqina komzimba ekuzivikeleni nokushesha kokwelashwa.
n Mumps. Lesi sifo sivame ezinganeni zeminyaka ephakathi kwengu-5 nengu-9. Ungasithola ngamathe, ngamafinyila aloyo esimphethe.
Impawu: Siqala ngemfiva, ikhanda nobuhlungu bomzimba.
Izimpawu ezilandelayo wubuhlungu bendlebe, ukuvuvukala kwezindlala zamathe, emva kosuku noma ezimbili.
Siyingozi kangakanani" Udinga okokuqeda ubuhlungu nemfiva uphuze kakhulu okuluketshezi
Ungayisebenzisi i-aspirin.[z]
BONA ZULU - February 2006
nihlanganiselwe nguPRIMROSE WILLIAMS
isithombe ngabeGREAT STOCK!
BONA ZULU - February 2006
Hlakanipha, bagome
Izifo eziningi zezingane zingavikeleka ngokugonywa. Kungakho kubalulekile ukuqiniseka ukuthi ingane yakho ithola umgomo wayo ngesikhathi.
Uma izingane zigonywa kwakheka ama-antibodies alwa nokufa okuthile. Uma zingagonywa, zihlangana nalokhu, zingagula zibe nezinkinga noma zife.
Ezifweni eziningi, ukugonywa komuntu oyedwa kugwema izifo nasemphakathini ngoba kwehla amathuba okubhebhetheka kwazo.
Khumbula ukuthi ungayinika ingane yakho isipho sempilo - ngokuyigoma ukuze uvikele izifo eziyingozi. Umjovo kungenzeka ube buhlungu kancane, kodwa lobo buhlungu bungcono kunokuba ube nengane egula kakhulu.
Abazali nothisha bangadlala indima ebalulekile ekuvikeleni izingane ekutheni zigule.
Njengoba izifo eziningi zisabalala ngezandla ezingcolile, indlela engcono yokugwema lokhu wukugeza izandla ngaphambi nangasemva kokudla, emva kokusebenzisa indlu yangasese, emva kokufinya, emva kokukhwehlela, ukuthimula, emva kokuthinta udoti noma ukudla okungaphekiwe, emva kokudlala noma ukuthinta isilwane esifuywayo, emva kokudlala emnyango, emva kokugibela i-school bus noma itekisi noma ufika ekhaya uphuma endaweni yomphakathi nanoma ingane ibona ukuthi izandla zayo zingcolile.
Izingane azifundiswe ukuvala umlomo namakhala uma zikhwehlela noma zithimula zisebenzise ama-tissue ziwalahle emva kwalokho.
Izingane kufanele zifundiswe futhi ukungasebenzisi ikamu elilodwa, izixubho noma izingubo zokugqoka.
Uma ugunyazelwe ukusebenzisa ama-antibiotics, asebenzise uze uwaqede ukuze kunciphe amathuba okuba amagciwane angabe esezwela kuma-antibiotics.
