zulu.547.generator
Uphenyo lukaBONA
UBUMNANDI bokuba nogesi ngaso sonke isikhathi bese kuyinto esiyijwayele - kodwa lokho kuphele emva kokuqalwa kohlelo lokucishwa kwawo ngezikhathi ezithile. Njengoba kubonakala ukuthi le nkinga isazophuza ukuphela, abathengi bazama ezinye izindlela ezingabasiza uma kuphele ugesi.
Ama-generator abukeka eyikhambi lokuxazulula le nkinga. Maningi asedayisiwe. Kodwa ngabe ingakusiza uma kuphele ugesi"
I-generator izisebenzela ngogesi wayo. Kodwa nawo uyingozi, okusho ukuthi kufanele uyisebenzise ngokucophelela. Baningi asebelahlekelwe yimpilo yabo ngenxa yokuyisebensiza budedengu.
"Kufanele sikhumbule ukuthi i-generator ikhipha ugesi kanti nayo ingakushokha njengogesi," kuxwayisa uBrian Bilton ongumeluleki kwa-Electrical Contractors Association.
"Ibalulekile indlela oshintsha ngayo izintambo zikagesi uma usebenzisa i-generator ukuze zingonakali kanti ukungazishintshi ngendlela kungabulala."
I-generator isebenza ngokushintsha amandla akhishwa yinjini esebenza ngo-petrol noma udizili abe ngamandla kagesi. Isebenza ngendlela efanayo nenjini yemoto egcwalisa i-battery yemoto.
Izinhlobo
Sinezinhlobo ezimbili zama-generator: sinaphathwayo, asetshenziswa kakhulu emakhaya abiza phakathi kuka-R1 800 no-R7 000; namakhulu axhunywa emakhebulini abiza phakathi kuka-R20 000 kuya ku-R100 000 nangaphezulu.
Ama-generator aphathwayo: Usayizi wamathange awo yiwona okhomba ukuthi azoduma isikhathi esingakanani nokuthi kufanele agcwaliswe nini. Ama-generator anomsindo kodwa ungcono umsindo kulawo asanda kwakhiwa.
Nakuba esinda, avame ukuba namasondo enza kube lula ukuwagudluza. Aziziningi izimpahla zikagesi ongazisebenzisa kulolu hlobo ngoba luncane alunamandla njengalawo amakhulu.
Uma uwathenga, khetha phakathi kwasebenzisa u-petrol noma udizili.
Asebenzisa udizili avame ukubiza kodwa ayonga uma usuwasebenzisa.
Lezi zinhlobo zombili zidinga ukuseviswa.
Abanye babona kungcono ukuxhuma aphathwayo emakhebulini kagesi - lokho kumele kwenziwe ngumuntu ofundele ukukhanda ugesi kanti kungabiza!
Ama-generator amakhulu: Anamandla kanti ungakwazi ukuwasebenzisa ezimpahleni eziningi zikagesi, asetshenziswa abanamabhizinisi ngoba ayabiza.
Ahlala exhunywe ekhebulini kagesi kanti kumele axhunywe wumuntu oqeqeshelwe ukwenza lowo msebenzi okufanele akunike isitifiketi esishoyo ukuthi umsebenzi wakhe uwenze kahle.
Izinga lamandla
Ngaphambi kokuthenga i- generator, bheka ukuthi yiziphi izimpahla zikagesi ozozisebenzisa kuyona ngoba leyo naleyo mpahla oyisebenzisayo ikhuphula izinga lamandla okusebenza kwayo.
Uma inamandla kakhulu ingasebenzisa izimpahla zikagesi eziningi. Lokho kukalwa ngama-kilowatts (kW), alingana no-1 000 watts i-kilowatt iyinye.
Izimpahla zikagesi ezishisisayo nezipholisayo zidla ugesi kakhulu. Njengoba iketela lidla u-2kW, i-air conditioner yona isebenzisa u-400kW noma ngaphezulu!
Amamitha kagesi akalwa ngama-kW/H, okuyinani lamandla impahla kagesi ewadla ngehora. Kodwa njengoba ezinye izimpahla zikagesi zidinga amandla athe xaxa uma zisaqala ukusebenza, zingadli kakhulu uma sezivele zisebenza, izimpahla ezinjengamafriji nemishini yokuwasha zingadla ugesi ngokuphindwaphindwe kathathu kunalowo eziwusebenzisa uma sezivele zisebenza.
Ezinye izibonelo...
Ifriji ene-freezer idla u-3kW uma isaqala ukusebenza idle u-1,2kW uma isisebenza. Umshini wokuwasha udla u-7,5kW uma uqala ukusebenza udle u-1kW uma ususebenza.
Ama-TV, amakhomphyutha nama-toaster akadli lutho uma esaqala ukusebenza kanti adla u-0,3kW, 0,7kW no-0,1kW ngokulandelana kwazo lezi zinto uma sezisebenza.
Ngaphambi kokuthenga i-generator ephathwayo, yenza ucwaningo kuqala uthole izeluleko zokuthi yiziphi izimpahla zikagesi ongazisebenzisa kuyona.
Lezo zeluleko ungazithola kumdayisi onegama elihle. Yithenge esitolo esaziwayo esizokusiza uma uhlangabezana
nezinkinga. [z]
BONA ZULU - March 2008
Phuma ebumnyameni
Ngabe i-generator noma okunye ongakusebenzisa uma kuphele ugesi kungakusiza" UBONA usibhekela ukuthi yini engakusiza kule nkinga...
indaba nguLEE CURRIE
BONA ZULU - March 2008
u
t
I-wattage ichaza izinga lamandla akhishwa
yi-generator
Bhajethela i-generator yakho
Amandla ayo ("usayizi" we-generator
Ibiza
Izinto engasebenza kuzona
1,3kW
isukela ku- R1 800
1 x 60W i-globe; 1 x iTV; 1 x ifriji
3,5kW
isukela ku- R4 500
4 x 60W i-globe; 1 x iTV; 1 x ikhomphyutha; 1 x ifriji; 1 x umshini wokuwasha
6kW
isukela ku- R6 000
6 x 60W i-globe; 1 x iTV; 1 x ifriji; 1 x i-air conditioner; 1x ikhomphyutha; 1 x i-toaster; 1 x umshini wokuwasha
8kW
isukela ku- R7 000
6 x 60w i-globe; 2 x amaTV; 1 x i-toaster; 2 x ama-airconditioners; 1 x i-heater
Lo mhlahlandlela wamanani siwuthole kwaMica, eKZN kanti sishicilele lolu daba usaqondile.
BONA ZULU - March 2008
Okunye ongakuse-benzisa
Ama-battery: Iningi labafundi bakaBONA likhule kusetshenziswa ama-battery ezimpahleni zikagesi ugesi ungakabi khona. Le ndlela isiphucuke kakhulu
kanti ishibhile kunama-generator - kodwa ayizilungele izimpahla ezidinga ukushisa ezinjengama-toaster nama-microwaves.
Bheka i-Intellipower yakwaTedelex ezitolo ezidayisa izimpahla zikagesi. Uma igcwaliswe kahle, ungakwazi ukuyisebenzisa ezimpahleni eziningi zikagesi ezinjengamaTV, amakhomphyutha, amaDVD nokunye amahora ayisithupha kuye kwayisishiyagalombili.
Lolu hlobo lwama-battery lubiza phakathi kuka-R4 600 kuya ku-R6 500, kanti ungakhokha u- R12 000 ngohlobo ongaluxhuma ebhodini ekhanyisayo ekhaya lakho (DB board). Aluwubangi umsindo, ungalusebenzisa ngaphakathi endlini kanti aludingi kuseviswa njengama-generator.
Ama-battery asebenza kahle uma zimbalwa izinto ezixhunywe kuwona.
Izibani: Bheka izibani ezigcwaliswa uma kukhona ugesi zikhanye ngokwazo uma ugesi uphelile. Zisiza ngokwehlisa umthwalo kwi-generator ngoba zisebenza ngokuzimela. Zibiza phakathi kuka-R100 no-R700, kuye ngekhwalithi nosayizi wazo.
Ugesi welanga: Izibani ezisebenza ngogesi welanga kumele zibekwe ngaphandle ukuze zigcwaliswe yilanga emini zingeniswe endlini uma sekuphele ugesi.
Uma ufuna amanzi ashisayo, ungafaka i-geyser esebenzisa amandla elanga ophahleni. Ibiza u-R6 000 kuya ku-R28 000, kuye ngosayizi wethangi layo.
Ukupheka ngaphandle kukagesi: Nisayikhumbula i-hotbox" Isekhona kanti seyenziwe kangcono kunakuqala!
Leli bhokisi liyi-container egxishwe amakhushini ane- polystyrene. Okudingeka ukuba ukwenze wukubilisa ukudla esitofini imizuzu embalwa bese ufaka ibhodwe ebhokisini. Ukudla kuvuthwa ngaphambi kwehora elilodwa noma amabili.
Likahle ekuphekeni irayisi, iphalishi, izitshulu nokunye ukudla.
Ibhokisi elifana naleli lenziwa abesimame baselokishini laseKyamandi eWestern Cape kanti litholakala kwaSalathiso Hot Boxes ngo-R120 (kanye nemali yokuliposa engu-R30, uma uhlala ngaphandle kwaseCape Town).
Leli bhokisi lihambisana nemithetho yokusetshenziswa kwalo namaresiphi. Ngeminye imininingwane shayela ku-021-712-6424; email: wwalton@sybaweb.co.za.
KHUMBULA!
Ungayisebenzisi ngaphakathi endlini i-generator ephathwayo ngoba ikhipha i-carbon monoxide enganuki eyingozi uma
uyihogelile.
