zulu.53.reading
Amandla olwazi
U-MOSES uyakuthanda ukufunda – uma afunda nabo bedlala ngesikhathi sekhefu, yena umthola ehleli ngaphansi kwesihlahla efunda incwadi. “Ngikukhonzile ukufunda ngoba kusho lukhulu empilweni yami,” kusho yena. Uneminyaka engu-11 kanti ufunda uGrade 4 epulazini eliseTzaneen eLimpopo.
Babili othisha kulesi sikole esinegumbi lokufundela elilodwa. Leli gumbi lisetshenziselwa ukufundisa uGrade 1 no-3, kanti izingane ezenza uGrade 4 no-6 zifundela ku-verandah. Kodwa uMoses Modau nezingane afunda nazo basenhlanhleni...
Isikole sabo sakhelene neMerensky High. NgoLwezine, abafundi baseMerensky badela ikhefu labo bathathe izincwadi e-library yabo baye esikoleni soModau bayobafundisa ukufunda izincwadi.
Abafundi baseMerensky – okungabafana namantombazane – basiza izingane ezincishwe amathuba. “Alukho uhlelo lokusiza olube nesasasa elikhulu kangaka esikoleni sethu,” kusho u-Ellen Labuschagne ofundisa eMerensky.
Ngo-2004, uMargaret Freestone onguthisha, noChristine Nel oyi-librarian kumasipala weGreater Tzaneen, babona isidingo sokuba kucijwe ikhono lokufunda kubafundi abasezikoleni ezisemapulazini. Baqala uhlelo lwe “Paired Reading” lapho izitshudeni ezifunda ezikoleni ezingamaModel C zazizofundisa khona izingane ezisezikoleni ezisemapulazini.
“Othishanhloko babewungabaza lo mbono ngoba lezi zikole zazingaxhumene kahle,” kusho uChristine.
Namuhla zingaphezulu kuka-200 izingane ezithola ukufunda ngenxa yalolu hlelo ezisezikoleni ezinhlanu ezisemapulazini.
INGANE ngayinye efunda esikoleni esisepulazini inikwa umfundi ozoyifundisa. Ofundisayo nomfundi bahlangana kanye ngesonto uma kuvalwe izikole kufundwe incwadi.
Ofundisayo ufunda aphimisele kulandele umfundi ogcina esefunda yedwa ngokuzethemba. Uma kukhona igama angalifundi kahle, omfundisayo uyamfundisa aze alisho kahle.
Le ndlela yokufunda yasungulwa nguDokotela uKeith Topping, weDundee University eseScotland, ngenhloso yokusiza abazali ukuze bacije abantwana behleli ngokunethezeka emakhaya abo.
“Lolu hlelo luyimpumelelo ngoba akugxekwa muntu kuphela nje abafundi bayakhuthazwa,” kusho uChristine.
Lolu hlelo lwaseTzaneen lwethulwa emhlanganweni weLibrary And Information Association Of South Africa owawuseNelspruit ngonyaka odlule. Lwaluyingxenye yezingxoxo emhlanganweni wamazwe ngamazwe wokuthuthukiswa kokufunda owawuseGent, eBelgium ngoDecember ngonyaka odlule.
LOLU hlelo alugcini ngokufundisa izingane zasemapulazini ukufunda kuphela kodwa lubuye lusize ngokuphucula ubudlelwane bezinhlanga ezihlukene nokuqonda abafundi bezinye izinhlanga, amasiko abo, ulimi abalukhulumayo kubonakale nezidingo zabo kwezezimali.
Ngesikhathi kubhalwa lolu daba, abafundi baseMerensky babeqoqa izingubo zokulala nezokugqoka emakhaya abo bezinika abafundi abantulayo abasezikoleni ezisemapulazini. Babuye babhake amakhekhe abawadayisa esikoleni sabo kuthengwe izincwadi ngemali etholakala lapho.
“Kuyintokozo ukuba yingxenye yalolu hlelo olusinika ithuba lokwenza umehluko,” kusho uPaula Ferreira-Jorge ofunda uGrade 12 eMerensky.
Kodwa zikhona izinkinga kanti enkulu kakhulu eyokushoda kwama-library.
“Ukuze konke kuhambe ngendlela, izikole ezithintekayo kumele zibe nama-library. Kusemqoka ukuthi izincwadi ezizotholakala kulawo ma-library zilungele izingane ngoba kusuke kungezokuqala ezinezithombe nezixoxa izindaba izingane ezithola ithuba lokuzifunda,” kusho uChristine.
Ngokusho kwakhe, lolu hlelo lusanda kuthola iminikelo yezincwadi ezisetshenziselwa ukuvula ama-library amancane ezikoleni ezisemapulazini eziyingxenye yalo.
“Sizama ngawo wonke amandla ukuqoqa izincwadi ezibhalwe ngolimi olukhulunywa yizingane sibuye senze nohlelo lwePaired Reading ngolimi lwazo - ikakhulu kuGrade 1 kuya ku-3. Ukufunda izincwadi ngolimi olwaziyo kulula futhi kuyazithokozisa izingane,” kusho uChristine.
U-Emily Lekodi unguthishanhloko e-Inzana Primary School, esinye sezikole ezisemapulazini ezizibandakanye kulolu hlelo. Uthi izingane sezilwenza umdlalo eziwudlala uma zisekhefini lolu hlelo.
“Mkhulu umehluko esiwubonayo ezinganeni. Abanye abafundi bagoduka nezincwadi bayofundisa izingane nabazali emakhaya. Okusho ukuthi sikhulu isibalo sabasizakala ngenxa yalolu hlelo,” kuqhuba yena.
Kuyinhloso yabalusungula ukulusabalalisa kwezinye izikole ezisemapulazini ukuze izingane ezingenazincwadi noma ezingakwazi ukuya ema-library zifunde ukufunda zikuthande.
“Kuyisifiso sethu ukubona leyo naleyo ngane iphila ngokufunda,” kusho uChristine Nel. [z]
NewsFirst
BONA ZULU – December 2006
Masifunde!
ezisemapulazini zifundiswa ukufunda…
Izinkulungwane zezingane ezifunda ezikoleni
indaba nguNEVILLE MAAKANA izithombe ngabeNEWSFIRST
NGENHLA: U-Christine Nel esiza umfundi e-Inzana. Obukayo ngu-Daniel Billiet imbongi yaseBelgium.
KWESOBUNXELE: Bamatasa bayafunda.
BONA ZULU – December 2006
NGENHLA: Kuyafundwa e-Inzana Primary School – lesi sikole sinegumbi lokufunda elilodwa.
KWESOBUNXELE: Izitshudeni zaseMerensky ezimbili (ezigqoke okuluhlaza) zikhuthaza umfundi wase-Inzana ngokufunda.
