zulu.529.Kedebone
BONA ZULU – October 2006
indaba nguDOUG GORDON
izithombe ngu-IVAN NAUDE
i-makeup nezinwele: FAITH SEUOE
izindlela zokuhlela: MARINA WALSH
(Isithombe sekhava – i-top: Ruby In The Dust; umgexo: Jane Bedford Beads; amacici: Attitude.)
“Ngizwana nokubukeka kanje uma ngingadlali - mina nodadewethu sinama-waistcoats amaningi anjena!” (I-top ne-waistcoat: Foschini; i-jean: ekaKede; izicathulo: Europa Art; amacici: Attitude.)
KWAPHELA iminyaka emithathu ubuso bakhe bubonakala kuSABC 1 azisa izigidi zabalandeli bakhe ngezinhlelo abangazibuka. Manje useyadlala kanti akazimisele ngokubheka emuva.
“Kwafika isikhathi sokuba ngiqhubekele phambili,” kusho uKedebone Mkhabela. “Kuyingozi ukuhlala emsebenzini owodwa kwiTV. Ugcina usuyisicefe kubabukeli.”
Ngeke aba naleyo nkinga njengoba esedlala kwiMuvhango kuSABC 2 lapho edlala khona indawo yommeli kaDoobsie onguKatleho ozama ukusiza ikhasimende lakhe ukuze libe negama ebhizinisini lakwaMukwevho-Sasko.
Kukhona nodaba lwemali yefa eyisigidi samarandi okumele aluxazulule.
Abalandeli balo mdlalo bazokuthokozela ukubona lezi zintokazi ezisezincane ezinekhono nesibindi zidlala ndawonye.
UKedebone wavuma ukuthi wayenovalo ngosuku lokuqala lokubonakala kwakhe kwiMuvhango. “Nganginovalo lokuba phakathi kwabadlali abangosaziwayo kanti ngake ngafikelwa umqondo wokucasha lapho kushintshelwa khona.”
Waba novalo kakhulu lapho sekumenyezelwa ukuthi sekuyisikhathi sesidlo sasemini. “Ngangingazi muntu,” kusho yena. “Ngangithi ngizoba yinkomo edla yodwa.”
Kodwa lokho akwenzekanga. UKhabonina Qubeka (uDoobsie) noKedebone babesohlwini lwababegaqele ukuthatha indawo kaKhanyi Mbau ngesikhathi kufunwa ozodlala indawo kaDoobsie.
“Kwaphumelela uKhabonina kanti ngathenjiswa ukuthi ngizoyithola nami eyami indawo kwiMuvhango,” kusho uKedebone.
“Ngangingazi ukuthi ngizodlala indawo yokuba ngummeli. Nginomoya ophansi kanti ukuba ngummeli akungifanele,” kusho yena.
UKEDEBONE uneminyaka engu-26 kanti uthi nguConnie Masilo- Ferguson omkhuthazayo, naye owaqala ngokusakaza wazakhela igama kwiGenerations.
Esafunda e-high school eNelspruit, uKedebone wayevame ukubukela uConnie eshayela uhlelo olwalukuTV4 kanti emva kokuqeda u-matric amabombo wawabhekisa eGoli.
Kwakungu-1998 ngesikhathi uSABC 1 esethulela abethuli bezinhlelo abasha abahle emkhankasweni wawo weSimunye.
UKedebone waqala ukuzicijela ukuqokwa emzuliswaneni wesibili wokuhlolwa kwabethuli bezinhlelo kuSimunye ngokudansa emakilabhini abuye acule.
“Ngangidansa nodadewethu uFlorence kanti ziningi izigameko esedlula kuzona ukuze sizakhele igama embonini yezomculo,” kusho yena.
“Sasicula no-Ishmael. Mina ngadansa nakwi-video yengoma kaThembi Seete ethi Sure Ntombazana ngesikhathi esekwiYizo Yizo.
“Ayekhona nama-shows ayengakhokheli njengoba amabhendi ayesitshela ukuthi kumele sibonge ukuthi kukhona esikwenzayo ngoba sithola ulwazi.
“Kwakungelula kodwa saba nesibindi sazimisela ukuze siphumelele.”
Ngo-2002 wathola ucingo olwamjabulisa edansa emcimbini wokuvulwa kweWorld Summit For Sustainable Development eGoli.
“AbeSABC 1 bangishayela ucingo bangitshela ukuthi ngisohlwini lwababezokwethula izinhlelo zabo,” kusho yena.
“Lokho kwakuzowenza umehluko empilweni yami. Ngaleso sikhathi uConnie wayedlala indawo kaKarabo kwiGenerations. Inhloso yami enkulu kwakungeyokudlala.”
Sekukaningana uKedebone ehlangana noConnie Masilo. “Unobubele uyakwazi ukusiza umuntu kanti nami ngiyazama ukuzehlisa,” kusho uKedebone.
UBUHLE bomuntu yibona obusemqoka kakhulu kwiTV kanti yize noma uKedebone ebalwa kulabo bantu abahle, akazithwele.
“Kunethimba lochwepheshe abasicwalayo,” kusho yena. “Uma udlala akufanele uzithwale ngenxa yobuhle bakho.
“Uma ngingekho estudiyo ngigqoka ama-jean namateku. Uma ngihlangana nomuntu engingamazi e-mall ngiyamnika indawo yakhe.
“Singaxoxa ngomsebenzi wami kodwa angikhulumi ngokuthinta impilo yami.
“Ayikho into engiyifihlayo kodwa angithandi ukudalulela abantu engingabazi izindaba zami.”
UKedebone akakashadi kanti uyavuma ukuthi angathanda ukuthola abantwana ngelinye ilanga. Akukaze kubhalwe ngempilo yakhe emaphepheni.
“Abantu bathi akulula ukuxhumana nami kodwa lokho akusilo iqiniso,” kuchaza yena. “Angibhemi, angiphuzi kanti ngigxile emsebenzini wami.
“Uma ngingazinakekeli abantu ngeke bangihloniphe. Angizwani noku ‘khishwa’ kanti angizwani nabesilisa abangiyenga ngemali nezimoto.
“Abesilisa abaphumelelayo nabazithembayo abanasikhathi sokukhuluma ngalezo zinto.” [z]
Ungummeli ongabhedelwa uma edlala kodwa sibona olunye uhlangothi lwakhe uma engasadlali kanti akazwani nabesilisa abamyenga ngabanakho
Kumnandi ukuphumelela
UKedebone akazithwele
UKede uba novalo uma ephakathi kwezihlabani asebenza nazo – “angizwani nabesilisa abangiyenga ngemali nezimoto.” (I-top, umgexo namacici: Ruby In The Dust.)
BONA ZULU – October 2006
