zulu.525.free
I-Froggie Plus – eyabanonyawo olukhulu!
Ukukalwa kwenzinyawo okwenziwa ochwepheshe bezinyawo kwaveza ukuthi u-30% wabesimame baseSA udinga izicathulo ezivulekile ezibalingana kahle.
Kwabesimame baseSA abangu-10, abangu-8 bagqoka izicathulo ezibampintshayo noma ezingazifanele izinyawo zabo, kanti u-80% wabo ukhala ngezicathulo ezenza babe namakhona.
Uchunge lweFroggie Plus lukunika isitayela esihle – iFlex Technology yalolu chunge yenza ukuba izicathulo zinyakaze nonyawo lwakho. Thembela kwezakwaFroggie – Zinhle – Zikuphatha Kahle!
UBONA unamapheya eFroggie Plus ayisikhombisa ophisana ngawo. Ipheya ngalinye libiza R570. Ukuze uthole elakho, bhala igama lakho, ikheli, usayizi wesicathulo nenombolo yocingo otholakala kuyona emini ukuthumele kuleli kheli: BONA/Froggie Plus Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe FROGGIE ku-35919.
BONA ZULU – May 2008
Ngabe ziphothene?
Ungavumi ukuba ukuphothana kwezinwele zengane kube yinkinga ngoba ikhona iJOHNSON’S® Baby NO MORE TANGLES® Spray. Yenzelwe ukuqaqa izinwele eziphothana uma zimanzi noma zomile ukuze zibhrasheke kalula, zisale ziwusilika, zicwebezela zizinhle.
Ithakwe ngeNO MORE TEARS® emnene emehlweni.
UBONA unamahampa angu-13 abiza R300 iyinye anemikhiqizo yeJOHNSON’S® Baby. Ukuze kutonyulwe igama lakho, thumela i-postcard enegama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini, kuleli kheli: BONA/JOHNSON’S® Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe JOHNSONS ku-35919.
® Umkhiqizo wakwaJOHNSON & JOHNSON © J & J (Pty) Ltd 2008.
IMITITILIZO
Isikhumba esicacile
I-Bio-Clear iluchunge lwemikhiqizo yokunakekelwa kwesikhumba ongayisebenzisa ebusweni nasemzimbeni eyenziwe osokhemisi ukuqinisekisa ukuthi ingeyekhwalithi, eliseqophelweni eliphezulu, iphephile iyasebenza.
Kulolu chunge kukhona iBio-Clear Herbal Tissue Oil, Pure Tissue Oil, Intensive Skin Repair Complex, Skin Toning Lotion, Acne & Pimple Cream, Purifying Face Wash, Vanishing Cream, Nourishing Cream for Ageing Skin & Wrinkles, Nourishing Cream with Aloe Vera, Tea Tree & UV Protection neHydrating Hand & Body Cream.
Sinamahampa angu-10 abiza R400 iyinye esiphisana ngawo. Thumela i-postcard enegama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini kuleli kheli: BONA/Bio-Clear Giveaway, P/Bag X1030 Lyttelton, 0140, noma uSMSe BIOCLEAR ku-35919. [z]
Isethi yokwangaphansi
Ungaphatheka kahle ubukeke kahle ngesethi yakwaTriumph yokwangaphansi. Ihlotshiswe ngeqabunga, inemigqa, iyanwebeka ukuze ikuphathe kahle kanti esiswini yenziwe ngendlela ekunika isiqiniseko sokuthi ihlala kahle.
Obhodisi batholakala ngosayizi abasukela ku-75B kuya ku-90DD kanti bakahle kwabanamabele amakhulu. Ama-panty atholakala ngo-S kuya ku-XL.
UBONA unamasethi angu-13 kabhodisi nama-panty okubiza R300 iyinye ophisana ngawo. Ukuze uzibeke ethubeni, thumela i-postcard enegama lakho, ikheli, inombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini nosayizi kabhodisi nowe-panty lakho kuleli kheli: BONA/Triumph Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe TRIUMPH ku-35919.
(Qaphela: AbakwaTriumph abanasiqiniseko sokuthi abafundi bazothola okusesithombeni nokusho ukuthi kungenzeka bathole okunye.)
Izipho zika-R15 790
Usuku lokuvala ngumhlaka:
30 May 2008
(I-SMS ngayinye ibiza R3.)
