zulu.1022.triviajul
IsiGodlo
BONA ZULU - July 2006
ELINYE lamabhilidi adume umhlaba wonke yiBuckingham Palace okuyindawo eyisiGodlo sobukhosi baseBrithani nesikhulu esisasebenza emhlabeni.
Njengoba kuyikhaya leNdlovukazi u-Elizabeth II, iBuckingham Palace yindawo yemicimbi kahulumeni neyasebukhosini baseBrithani kanjalo nendawo enkulu edonsa abavakashi.
Lesi siGodlo esaqala saziwa ngokuthi yiBuckingham House, sakhelwa i-Duke of Buckingham ngo-1703 sathengwa wuKing George III ngo-1762 njengendawo yakhe yokuhlala.
Sanwetshwa eminyakeni engu-75 eyalandela kanti kumanje sinamagumbi amathathu indawo eyigceke.
IBuckingham Palace yaba yisiGodlo sasebukhosini ngokusemthethweni ngesikhathi uQueen Victoria ethatha izintambo zokubusa ngo-1837. Ushintsho lokugcina olukhulu ukwenziwa kuyo lwenziwa ngeminyaka yo-1800, ngokwengezwa kwegumbi elikhulu elibheke entshonalanga nokususwa kwendawo yokungena uhulumeni iMarble Arch, yenziwa iHyde Park njengoba isinjalo namuhla.
Amakhasi kaBONA Athokozisayo
Funa igama
Thola amagama ngokufunda uye phambili, emuva, phezulu, phansi, uvundle. Kulayini ungazeqi izinhlamvu zamagama. Dweba isiyingi uzungeze igama ngalinye bese ulicisha ohlwini oluseceleni.
Omiyane baheheka kakhulu kubantu abasanda kudla ubhanana
I-praying mantis yisona sinambuzane kuphela esikwazi ukuphendula ikhanda laso!
Izingane zikhula ngoku-shesha entwasa-hlobo!
GREAT STOCK!
AmaMulti-Game
Ulimi lwakho iyona ndawo elapha ngokukhulu ukushesha emzimbeni wakho
UTHI UBUWAZI?...
Isisho sesiNgisi esithi "to get fired" (ukuxoshwa), sisukela kudala lapho kwakuthi abantu babengakudingi kodwa bengafuni ukukubulala, bashise umuzi wakho.
UTHI UBUWAZI?...
Zingaphezu kuka-50 000 izintaba-mlilo (earthquakes) emhlabeni wonke ngonyaka.
Thola ukuthi ulwazi kangakanani ulimi lwakho. Yisithombe esizokunika impendulo, negama lento oyibonayo?
GREAT STOCK!
u Igama elithi umnenke lisebenza cishe kuwo wonke amalungu eGastropoda nokungumndeni onamagobolondo asontekile. Amanye ama-gastropods, angenawo amagobolondo abizwa ngokuthi ama-slugs.
u Iminenke itholakala ezindaweni ezinamanzi afreshi, kuma-marine, nezindawo ezitshaliwe. Abantu abaningi bajwayele leyo etholakala ezweni kodwa iminenke ihlala emanzini.
u Iminenke ihamba njengezikelemu. Ikhiqiza okusanjimbilili nokuyikho okuyisiza ihambe kalula. Le njimbilili yenza kungabi lula ukulimala eminenkeni kanti futhi ixosha izinambuzane eziyingozi kuyo ezifana nezintuthwane.
u Uma izivalele ngaphakathi kwamagobolondo, ikhiqiza enye injimbilili evala imbobo yamagobolondo.
u Umnenke omkhulu kwetholakala ezweni yiGiant African Snail, cishe ongubude obungu-30cm.
Omkhulu kunayo yonke emhlabeni yiSyrinx aruanus, yasemanzini etholakala e-Australia. Amagobolondo asake abikwa ukuba nobude obungu-1m.
u Ngesikhathi umnenke ukhula, negobolondo liyakhula. Uma likhula kakhulu umnenke uvala enye ingxenye yalo bese kwengezeka enye ingxenye entsha.
IMINENKE
BONA ZULU - July 2006
Khwehlela! Khwehlela!
UTHULI lwase-Africa luhamba lunqamule i-Atlantic Ocean lulubangise eFlorida, eMelika. Lupheshulwa yimimoya eNorth Africa luhambe amamitha angu-6 100m.
Izilwane ezizalelayo azinazo izinkaba.
Amakhasi kaBONA Athokozisayo
Beka ngokuyikho
60 BONA ZULU - July 2006
Zingu-one million izintuthwane kuwowonke umuntu emhlabeni.
Hlela lawa magama ngendlela efanele
Imuphi umehluko phakathi kwe-Indian
ne-African
Elephant?
ZOMBILI lezi ndlovu ziyizinhlobo ezehlukene. I-African Elephant yinkulu ikhula ibe ngu-4m kanti inesisindo esingu-6 tons, ekubeni i-Indian Elephant, kwesobunxele cishe ingu-4 tons isisindo, ibe ngu-3,2m ukuphakama.
Izindlovu ezingama-Indian Elephants zinamagwagwa amancane - ezamaduna kuphela noma eziyizinkunzi ezihluma amazinyo ayizimponjwana, ekubeni ezingama-African Elephant zonke zinawo lawo mazinyo.
IN ENGLISH: species means "kind" or "sort."
Amanzi e-Angel Falls eVenezuela ahamba ibanga elingu-979m esuka phezulu, nokuyenza ibe yimpophoma ende kunazo zonke emhlabeni.
GREAT STOCK!
Umbungu uqala
ukuhluma ama-
fingerprints
esikhathini
samasonto
angu-18!
I-Panama Canal
UMSELE onqamula imikhumbi iPanama Canal ngomkhulu kunayo yonke emhlabeni. IsePanama eCentral America kanti uhlanganisa i-Atlantic nePacific Ocean.
Ukwakhiwa kwawo kwaba ngumsebenzi onzima kunayo yonke emhlabeni. Lo msele usiza imikhumbi ukuba ingahambi amabanga amade ezindaweni eziyingozi kodwa kunalokho inqamulele ibange eSouth America.
Nakuba abantu bacabanga ukwakha umsele wemikhumbi ePanama ngasekuqaleni kweminyaka yo-1500, kodwa imizamo yokwakhiwa kwawo, yaqala ngo-1880 ngaphansi kwabaholi baseFrance.
Le mizamo yehluleka, lo msebenzi waze waphothulwa yiMelika ngo-1914.
Ukwakhiwa komsele ongamakhilomitha angu-77 kwahlangabezana nezinkinga kubandakanya izifo nokungami kahle kwendawo.
Balinganiselwa ku-27 500 abasebenzi bakule ndawo abafa ngesikhathi wakhiwa.
I-Puzzle yezithombe
Yisithombe ngasinye esizokutshela ukuthi yini okumele uyibhale ezikweleni ezingenalutho
BONA ZULU - July 2006 61
