zulu.51.rugby brothers
Amawele adlala i-rugby
Elinye lidlalela amaBulls, elinye amaSharks, kodwa enza okufanayo – sikwethulela amawele aseSA adlala i-rugby
BONA ZULU – September 2007
Bahlose
lukhulu
indaba ngu-ERNEST MOTEBEJANE
ABAFANA bakwaNdungane bakhule bedlala i-rugby hhayi ibhola. Kwakuhlale kukhulunywa nge-rugby njalo ekhaya lakubo eMthatha. Nabo babelimala bahuzuke uma beqhakambisa ithalente labo enkundleni.
Kodwa okuka-Odwa Nzuzo no-Akhona Zilindlovu kwehluke kakhulu.
Abagcini ngokuba amawele – kodwa banethalente elifanayo.
Ithalente labo lagqama emva kweminyaka embalwa begadulisana nabanye abadlali enkundleni ewubhuqu befaka ama-try.
U-Akhona uqale ukudlala ngaphansi kwe-Eastern Province Rugby Union edlalela ama-Elephants. Wadlala emdlalweni weVodacom Cup beqhudelana ne-South Western District ngo-2003.
U-Odwa yena wabizwa yiBlue Bulls ngo-2004 bedlalela iCurrie Cup esigabeni esasibizwa ngeSuper 12 ngaleso sikhathi.
Umqeqeshi weBlue Bulls uHeyneke Meyer wabuye wabiza u-Akhona ukuba abajoyine.
U-Akhona wabajoyina u-Odwa ehlelwe yifomu yakhe kanti wadlala kahle njenge-winger emdlalweni owawuseLoftus Versfeld.
Izinwele eziphothiwe
“Angikaze ngisebenze ne-winger enjengaye. Uyagijima uyahlonipha. Uyazifeza izethembiso zakhe,” kusho uMeyer.
U-Akhona ubuye washintsha nemicabango yabanye.
“Ngangizizonda izinwele eziphothiwe,” kusho umlandeli wamaBulls ngesikhathi u-Akhona esisayinela igama lakhe emva komdlalo. Wayekhuluma ngesitayela esenziwe yile-winger sezinwele eziphothiwe.
“Kodwa ngiyasithanda manje. U-Akhona washintsha umcabango wami ngezinwele eziphothiwe,” kusho yena ehleka.
U-Akhona waqala ukudlalela amaBulls ngo-2006. Indlela adlala ngayo kweyeSuper 14 kulowo nyaka yathatha amehlo abakhetha abadlali bamaSpringbok wagcina ekhethiwe ukuze adlale eqenjini leBoks elalidlala neWallabies ePerth ngoNovember nyakenye.
Wabonga abamkhetha ngokufaka i-try.
Kulo nyaka udlale indima emqoka esiza amaBulls ukuze abe yiqembu lokuqala eSA ukuwina kwiSuper 14 emva kokushaya amaSharks eThekwini.
“U-Akhona usazithobile phezu kwemisebenzi engaka aseyenzile,” kusho u-Ian Swartz imenenja yamaBulls. “Sengike ngaya naye e-Australia naseNew Zealand kanti kumnandi ukusebenza naye.
“Ubukeka enekusasa eliqhakazile!”
Uyathembisa
U-Odwa, waqhubeka wazabalazela ukudlala kahle eseseThekwini.
Wadlaliswa kabi umdlali weNSW Waratahs eqala ukudlala kumaSharks kwi-2006 Vodacom Super 14 ephikelele ukuyofaka i-try yakhe.
U-Dirk Muir ongumqeqeshi wamaSharks omusha wamyekisa ukudlala njenge-winger.
Kodwa u-Odwa akazange aphele amandla. “Kwangithokozisa ukudlala kwifayineli yeVodacom Super 14 kulo nyaka,” kusho yena.
“Angizange ngidlale isikhathi eside kodwa okuncane engakwenza kwaba nomthelela empumelelweni yeqembu.” Wafaka enye yama-try enza ukuba amaSharks anqobe ngo-32-25 ngesikhathi edlala neBlues e-Auckland.
“Kufanele ngizame ukwenza okungcono kwiCurrie Cup. Anginaluvalo. Ngiyokwenza okungangamandla ami.”
Kwacishe kwafezeka isifiso sakhe sokudlalela amaBhokobhoko njengomfowabo u-Akhona emva kokukhethwa kwabo ukuba bayoziqeqesha naleli qembu eBloemfontein ngoJune.
“Ngelinye ilanga siyobonakala sobabili enkundleni sishaye
ijezi leqembu lesizwe,” kusho
u-Odwa. [z]
BONA ZULU – September 2007
