zulu.514.yourfamily_child
Sixoxa nodado
Ngeke kube lula ukuba yingane, ikakhulu lapho wonke umuntu ekutshela ngokufanele ukwenze nokungafanele. U-chenna Igwe oneminyaka emihlanu waseGoli usinika umqondo wokuthi yena angayiphatha kanjani impilo yakhe
Uma ungatshela umama wakho ukuthi yini ofuna ukuyidla, yikuphi ukudla ongathi awufuni ukuphinde ukudla?
Angikuthandi ukudla okuyizikwele.
Ngabe umama wakho unolaka noma ukahle?
Umama wami ukahle ngoba akangithethisi ungiyisa e-casino ngifike ngidlale ama-games.
Kuzo zonke izinto umama wakho akutshela zona ukuba uzenze, yimuphi umsebenzi owuthandayo, ngani?
Ngithanda ukuxubha amazinyo ami ngoba kuwenza ahlanzeke.
Uyazi ukuthi yini i-pocket money?
Yep - eyokuthenga amathoyizi.
Imalini ocabanga ukuthi kufanele uyithole nsuku zonke?
Kufanele ngithole izimali eziwu-5 njalo.
Ungathenga ngayo amathoyizi?
Yebo ngingathenga amathoyizi ngezimali eziwu-5 enye ngiyinike umama. Ngiyathanda ukunika umama imali, ikakhulu uma engenayo imali ukuze athenge ukudla.
INGANE YAKHO
Uma ufuna ukuba "sikhulume" nentombazane noma nomfana wakho omncane, bhalela kuleli kheli: BONA/Kidspeak, Box 473014, Parklands, 2121. Sinike iminyaka yengane yakho ufake nesithombe sayo nenombolo yocingo esizokuthola kuyona emini.
IZELULEKO ZIKABABA ONGUSAZIWAYO
Ubaba ongusaziwayo uMandla M weqembu lomculo i-Gang Of Instrumentals usitshela ngathanda ukukufundisa ingane yakhe:
Sonke siyakwazi lokhu: ungaqophisani nabantu abadala
Njalo bingelela abantu ngenhlonipho
Njalo ubothi "ngicela" uthi "ngiyabonga"
Hlonipha uzithobe ezihlobeni zakho nakomakhelwane; ngamanye amazwi: yiba noBuntu
Imindeni yabansundu ivame ukuba mikhulu, ngakhoke kubalulekile ukufunda ukwabelana nabanye umuntu esakhula.
Yenza ikhaya lakho libe ngeliphephile enganeni yakho
Ngokwe-Website ye-childsafe.org.za iningi lokulimala lenzeka khona ekhaya. Nazi izeluleko zokwenza izingane zakho zivikeleke:
OKUJWAYELEKILE
Ngena ikamelo ngekamelo ubheke izinto eziyingozi ubone ukuthi uzomelana kanjani nazo. Ukwenza isibonelo: ungafaka amakhava amapulaki kuma-socket kagesi odongeni. Awabizi kanti futhi azokwenza ingane yakho ingakwazi ukushutheka kuwona izinto ezifana namapensela (noma iminwe yayo).
EKHISHINI
Ungayishiyi yodwa ingane yakho ekhishini uma upheka.
Sebenzisa amapuleti angemumva esitofu, uphendulele izibambo zamapani ngaphakathi.
Beka izinto ezinobuthi noma eziyingozi lapho ingane yakho ingeke ifinyelele khona. Kungakuhle uma kungaba yisekhabetheni elikhiyekayo.
I-LOUNGE/INDAWO OKUHLALWA KUYO
Sebenzisa ama-place mats esikhundleni sezindwangu zetafula izingane ezizidonsa kalula kuwe yonke into esuke ikhona.
Ungashiyi umentshisi nama-lighters noma kuphi.
Qiniseka ukuthi amatshali nokhaphethi akusheleli.
E-BATHROOM
Ungashiyi izingane ezincane zodwa kubhavu.
Njalo khipha amanzi kubhavu uma sewuqede ukuwusebenzisa.
Beka ama-razor, imithi yokwelapha nezinye izinto eziyingozi lapho izingane zingeke zifinyelele khona.
Vala ibhakede lamanabukeni ngesivalo esivalekayo, umnyango wase-bathroom uhlale uwuvalile.[z]
Nihlanganiselwe nguNtokozo Maseko
