zulu.509.motoring
EZEZIMOTO
ZIDLISA NGESITAYELA
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule sinihlolele ukusebenza kwezimoto ezinamandla ezinezinjini zohlobo lwe–V8 - kulokhu sizonicubungulela izimoto ezintathu ongazithengela ukuba kube ngezomndeni…
osihlaziyele nguGavin Foster
UKWENZA KWAYOIKHWALITHIINGEKANOKUSHO
56 BONA ZULU July 2008
I-Car Of The Year yakuleli ka-2008. Ngisanda kuhamba ngenye eThekwini isikhathi esingangesonto ngayithola kulula ukuphila nayo.
Inendawo evulekile, ine-on-board computer nendawo futhi ebanzi ongabeka kuyo izinto kwi-cabin.
I-Mazda2 inamandla kanti eyi-Individual yiyo ekungeyohlobo oluphambili efika isifakelwe konke okudingekayo.
Kukhona i-keyless entry, ama-windscreen wipers nama-headlights azikhanyela ngokwawo lapho kudingeka, i-six-shooter CD/radio sound system i-one-jack ye-portable MP3 player nama-airbags ayisithupha.
Kumnandi ukuyishayela - kanti ayibizi lokhu okubabazisayo.
AMAQINISO
UHLOBO LWENJINI: Iyi-four cylinder in-line transverse 16 valve
USAYIZI WENJINI: 1 498cc
UPHETHILOLI: 43 litres/580km
ESIKUTHANDILE: Ukwenza kwayo, ikhwalithi, okukanokusho okufakiwe, kanti ibiza ngaphezulu kancane kunemali oyikhokha njengeVAT kweyangenyanga edlule yohlobo lwe Range Rover.
ESINGAKUTHANDANGA: Akukho
INANI: R158 995
OKWETHU
ISITAYELAAYIBIZI
I-Opel Corsa ikhombisa okukhulu ukuthuthuka kusukela endleleni eyayiyiyo ngeminyaka yo-1980 ize ibe yilena eyiyo namuhla - inendawo eyanele, isesitayeleni, iphephile inakho konke ongakucabanga kukamama, ubaba nezingane ezimbili.
Ingahamba ngesivinini esingafinyelela ku-170km/h. Iyonga futhi kuphethiloli njengoba ithatha amalitha angu-5,52 ngamakhilomitha angu-100km, ishaye cishe ngaphezu kuka-800km ngamalitha angu-45.
AMAQINISO
UHLOBO LWENJINI: Iyi-four-cylinder in-line turbodiesel
USAYIZI WENJINI: 1 248cc
UPHETHILOLI: 45 litres/800km
ESIKUTHANDILE: Isesitayeleni, yonga imali, isemgangathweni, iyi-six-speed gearbox.
ESINGAKUTHANDANGA: Ayinamandla emagiyeni aphansi.
INANI: R156 760
UKWENZA KWAYOINANI
I-Livina MPV (multi-purpose-vehicle) yafika kuleli ngasekupheleni konyaka odlule - ingeyezinhlobo ezimbili - zombili zisebenzisa injini efanayo i-1,6 litre engine – i-five-seater engayihlola nende engu-seven-seater - yiGrand Livina yabantu bemindeni emikhulu.
INissan inendawo enkulu ngaphakathi kanti ihamba kahle iyabambelela ekubeni imali yayo ayiyimbi kakhulu - iLivina 1,6 Visia ibiza nje kuphela R115 550.
Uma uyiqhathanisa nochunge lweToyota Avanza, izihambela yodwa phambili. Ikhwalithi yayo ingcono kunaleyo yeToyota - iNissan inamandla athe xaxa ngo-20%.
AMAQINISO
UHLOBO LWENJINI: Iyi-four-cylinder in-line transverse 16 valve
USAYIZI WENJINI: 1 598cc
UPHETHILOLI: 52 litres/550km
ESIKUTHANDILE: Indlela eyenza ngayo, ngeke uyikhalele imali yakho. Ngeyekhwalithi
ESINGAKUTHANDANGA: Ukuphinde uyidayise.
INANI: R115 550
BONA ZULU July 2008 57
