ZULU.508.yourlifeguide_muthi
IMALI YEZIPOKI ingakwenza ISIGWILI"
Sibuza imibuzo eshisayo ezangomeni esezimnkantshubomvu
ABAFUNDI bethu abaningi ezweni lonke basibhalele befuna ukuxhunyaniswa nezangoma ezikwazi ukuthola "imali yezipoki" okuyimali eyagqitshwa kudala okumanje igadwe izipoki. Omunye wabafundi bethu usixoxele ngephupho ake waba nalo limkhombisa ukuthi imali yagqitshwa kuphi. "Ngiyakholwa ukuthi ikhona ngempela imali kuleya ndawo, kodwa angikabatsheli abanikazi bomuzi."
U-Archbishop Elias Mashike Pitsoane (72) nongumsunguli aphinde abe ngumholi webandla iBethlehem Apostolic uthi ayikho imali okuthiwa eyezipoki. Yimali eyagqitshwa obabamkhulu ngenxa yokuthi ayengekho amabhange ngezikhathi zabo.
"Kulabo abadinga usizo lwami lokuthola le mali ngiye ngibatshele ukuthi abathandaze kuMdali baphinde bacele nasemadlozini ukuba ababheke.
U-Archbishop Pitsoane ophinde akholelwe emakhambini uthi: "Khuluma nabo ngendlela ekahle bazoza kuwena ngephupho bakukhombise ukuthi imali ifihlwe kuphi." UMfundisi Timothy Maphosa osebe ngumphrofethi iminyaka engu-36, uyavumelana no-archbishop: "Imali egqitshiwe akusiyona eyezipoki kodwa ngeyabantu bakudala. Uqhube wathi uma unenhlanhla amadlozi akho azokutshela ukuthi imali ifihlwe kuphi." USipho Mndaweni, ongusihlalo weGauteng Traditional Healers & Faith Practitioners, uthi akulungile ukuthi kuthiwe le mali eyezipoki.
"Kwakuyimali yabantu lena," Ngokwejwayelekile yayibekwa emabhodweni amakhulu esiNtu ngoba enziwe ngensimbi futhi awagqwali bese igqitshwa emgodini ebusuku ukuze igcinwe kahle. USipho uqhube wathi, "uma lowo muntu oyisicebi, (umkhulu noma ubaba) enomuntu amethembayo emndenini, wayemtshela ukuthi imali igqitshwe kuphi. Kodwa uma kwakungekho muntu amethembayo, wayethula naleyo mfihlo aze afe."
Ukuzila ngaphambi kokuyofuna le mali kungenyusa amathuba okuthi uyithole, kusho ubaba uMndaweni esinye sezangoma engikhulume naso. "Akusiyena wonke umuntu ongayithola, kodwa kumele kube ngumuntu othenjwe ngamadlozi, ozolandela yonke imiyalo yawo!"
"Uma ngithi zila ngikhuluma ngokuzithiba kwezocansi nasophuzweni oludakayo."
"Akudingekile ukuba ungadli, kodwa kumele uqaphele izinto ozidlayo ube msulwa futhi uhlanzeke, nesangoma esikusizayo naso kumele sizithibe." Lena enye yezindlela esikhombisa ngazo ukuhlonipha amadlozi. "Empeleni konke okuphilayo kumele kuhlonishwe," kuqhuba uMndaweni. "
Uphinde wathi ngeke ukwazi ukuhlonipha amadlozi noNKULUNKULU wakho uma wehluleka ukuhlonipha abantu osondelene nabo. [z]
UKWELAPHA NGAMAKHAMBI
Uma ungeyena okhethwe ngamadlozi, ngeke
uyithole imali noma ngabe umba kangakanani!
EZEMITHI
ABANYE BACABANGANI
U-Julia Moremi oyiphoyisa, indaba yemali yezipoki uyichaza njengento "ewudoti" nakuba umngani wakhe ophinde abe nguzakwabo esanda kumtshela ngephupho lakhe lapho bona bobabili bebekhuphuka intaba beyokhipha imali kwi-ATM.
U-Lebo Makwe uthi waphupha ekhuphuka intaba noJulia nobaba wakhe ongasekho. "Ngesikhathi sesifika phezulu entabeni safica i-ATM uJulia wakhipha u-R76 000 kuyona. Angikholelwa emalini yezipoki kodwa uma sithandaza kakhulu amadlozi angasihlomulisa,"UBafana Ncube ongumsebenzi kwezomthetho uthi imali yezipoki yinto engekho leyo.
"Okungikhathazayo ukuthi abantu bamba imigodi emide emakhaya abo bafake izimpilo zabanye engozini. Akekho oseke wayithola imali yezipoki. Inkinga ukuthi ukumba umgodi omude emzini wakho kungenza indlu yamakhelwane wakho ibhidlike abantu balahlekelwe izimpilo zabo."
UMfundisi Mzwandile Nkwanyane uthi: "indaba yemali yezipoki iyinganekwane endala kumina. Akekho oseke weza nayo imali yezipoki wazosikhombisa njengobufakazi. Ngakho-ke, ayikho into enjalo."
