ZULU.506.stars_2
Okushiwo yizinkanyezi zakho
BONA ZULU - August 2006
Umsebenzi: Sebenzisa amathuba azokubeka esimweni esingcono. Sebenzisa ikhono lakho ukhombise ukuthi kukhona okwaziyo.
Impilo: Ukuhlangana nabanye kungaba yinto enhle kodwa bheka okudlayo.
Imali: Yenza okuzokungenisela imali.
Uthando: Unogazi kanti uzothola abazokuthanda.
Umsebenzi: Ungabi namahloni okucela usizo kwabamabhizinisi ukuze uphumelele.
Impilo: Ukhululekile emphefumulweni.
Imali: Uzokwazi ukuhlela isimo sezimali ngenxa yenhlanhla ezokwehlela.Uthando: Uma kungekho muntu othandana naye, uzomthola ozomuzwa ngaphakathi.
Umsebenzi: Zethembe uthathe izinqumo ukuze uqhubekele phambili.
Impilo: Gada isisindo sakho! Zivocavoce ngokwanele.
Imali: Uzofeza iphupho lakho ngemali ozoba nayo.
Uthando: Kuhle othandweni ngoba uyazethemba ugculisekile.
Umsebenzi: Yisikhathi sokukhombisa ukuthi uhlome ngani.
Impilo: Yidla kahle uzivocavoce.
Imali: Hlola isimo sakho sezimali - qiniseka ukuthi unemali eyanele oyibekayo.
Uthando: Yisikhathi esihle sokwakha ubudlelwane obungapheli.
Umsebenzi: Yisikhathi esikhuthazayo uma ugaqele esinye isikhundla. Ziqhakambise.
Impilo: Qaphela ungenzi okuzokugulisa.
Imali: Ungazithola usunenkinga yemali - gembula ngokucophelela.
Uthando: Uthando lwenu luzothatha elinye igxathu. Bekezela umthande owakwakho.
Umsebenzi: Uzothola izeluleko ezinhle kubantu abaphumelelayo.
Impilo: Uzophila kahle. Qhubeka uzivocavoce ngokwanele.
Imali: Ungabi budlabha emalini. Beka imali ezokusiza uma uyidinga.
Uthando: Yisikhathi esihle kwabathandanayo. Uma ungawedwana, uzomthola owakho.
Umsebenzi: Ungaxhumana nabazokuchushisa kokwenzayo. Hlolisisa izinjongo zakho.
Impilo: Uzovuselelwa wukuthula ekhaya nasemsebenzini.
Imali: Kukuhambela kahle ngasemalini kodwa qaphela ungayimoshi.
Uthando: Mzwele umcabangele othandana naye.
Umsebenzi: Inkampani yakho iyathuthuka ngakhoke lindela izinguquko.
Impilo: Uzophatheka kahle empilweni ngalesi sikhathi.
Imali: Kuzoba ngcono ngasemalini. Yisebenzise ngobuhlakani.
Uthando: Chitha isikhathi sakho nothandana naye ukuze nifundane kahle.
Umsebenzi: Kuhamba kahle emsebenzini. Lindela ukukhushulelwa kwesinye isikhundla noma ukukhushulelwa imali.
Impilo: Qaphela ukudla okudlayo...
Imali: Sebenzisa imali ezintweni ozidingayo enye uyonge.
Uthando: Kuvunguza umoya omuhle phakathi kwenu.
Umsebenzi: Lindela izinguquko emsebenzini. Khombisa ukuthi uzijwayela kalula.
Impilo: Thokozela impilo nomdlandla onawo.
Imali: Sebenzisa ithuba lokuphucula isimo sezimali.
Uthando: Xhumanani ngendlela efanele umthande umuntu othandana naye.
Umsebenzi: Xhumana nozakwenu ukuze uphumelele.
Impilo: Shaywa wumoya uphumule. Ungavumi ukugqilazwa umsebenzi nezinkinga zakho.
Imali: Cela izeluleko uzisebenzise.
Uthando: Umatasa kulesi sikhathi kanti nizozitika ngobumnandi nothando nesithandwa sakho.
Umsebenzi: Ugqozi wukhiye wokuvula lapho ufuna ukungena khona. Khululeka ngemibono yakho.
Impilo: Uzovuseleleka ngokwengqondo nangokomzimba ngenxa yokuphila kahle.
Imali: Bhekela imali yakho uyonge.
Uthando: Ungabi namahloni okuzethula kombone wamthanda.[z]
