zulu.494.abortion
Nakuba ukukhishwa
kwezisu kusemthe-
thweni eSA,
imitholampilo ekhipha
izisu ngokungemthetho
iyanda - ikhipha
ama-poster
ezikhangiso zayo
ezigcwele kulo
lonke idolobha.
Izichibiyelo ezizo-
kwenziwa
kulo mthetho
zizokwenza ukuba
kube lula ukukhi-
shwa kwezisu, kodwa ngabe amanto-
mbazane amancane asezoyeka ukubeka impilo yawo engozini"
Sivakashele umtholampilo abathi 'uphephile awunabuhlungu' ekukhipheni izisu
BONA ZULU - March 2008
indaba nguNTOKOZO MFUSI/MERCURY
Kukhishwa izisu ngokungemthetho
EMVA kwezinsuku ezintathu ngishayela izinombolo ezimbalwa zezingcingo engangizibona kuma-poster edolobheni zikhuluma ngosizo oluphephile lokukhishwa kwezisu, mina nozakwethu savakashela i "surgery" eyayilokhu ibalulwa njalo uma sibuza ngezindawo zokukhishwa kwezisu.
Sasizohlangana nomlisa esatshelwa ukuthi wu "Doctor Issa" ngayizolo, saba nolukhulu uvalo ngesikhathi singena kwi-lift kwelinye lamabhilidi eTheku.
I-lift yakhuphuka yaze yafika lapho sasiya khona esitezi sesikhombisa. Sayibona ne-room esasiqonde kuyona. Kwakungasekho ukubuyela emumva.
Sasesaba. Kwadingeka ukuba ngizenze intombazane eneminyaka engu-20 enamasonto ayisithupha ikhulelwe efuna ukukhipha isisu ngaphambi kokuba bazi abazali. Uzakwethu wadlala indawo yokuzongimisa isibindi."
Sase sesizongena e-surgery ngesikhathi sihlangana nomndeni owawuphuma phakathi.
Umlisa engacabanga ukuthi ngubaba wayelandelwa wumkakhe nendodakazi yabo eyayingendala kuneminyaka engu-18. Yayihamba kancane ngemumva kubonakala ukuthi akuhambeki kahle.
Ngezwa kugxabha isisu lapho ngibona ukuthi abazali bathatha amadodakazi abo bawayise kule mitholampilo yokukhipha izisu engaphephile futhi engekho emthethweni.
Ukuthula
Isithombe enganginaso ngesimo le ndawo esasizoyifica ikusona sashabalala sesingena egumbini elalisanda kupendwa, nelanga lingena ngamawindi. Lalilihle linezimbali namaphephabhuku okufunda.
Abanye esabafica lapho kwakungugogo owayehamba nomzukulu wakhe. Sahlala eduze kwabo sabingelelana ngokwesaba.
Emva kwemizuzu embalwa yokuthula, ugogo wabuza uzakwethu ukuthi ucabanga ukuthi kuzokuba yimalini.
Uzakwethu wathi sitshelwe ukuthi kungu-R600. Wabe esebuza kugogo ukuthi umlethelani umzukulu wakhe kule ndawo kunokuthi amyise emtholampilo wakwaMarie Stopes.
"Ngezwa ukuthi kuyabiza," kusho ugogo.
Nathi sathi sizwe kanjalo.
Kwaphinda kwathuleka kwaze kwezwakala yena ugogo ekhala ngokuthi uyaxakeka ukuthi asinakiwe ngani.
Ugogo wabuye wathi udokotela wayenenye intombazane ngaphakathi.
Ukuhlolwa
Kwafika ithuba lethu lokuba singene kudokotela. Sangeniswa owesilisa ngaphakathi lapho kwakukhona izitulo ezintathu ezimnyama wasicela ukuba sihlale kuzona.
Ngamkhumbuza ukuthi yimi lo owenze i-appointment. Ngamtshela ukuthi ngizihlole ekhaya ukuthi ngikhulelwe yini.
Wavula i-drawer wadonsa izinto zokuhlolela ukukhulelwa ezimbili. Wabuza ukuthi iyiphi engayisebenzisa, ngavele ngakhomba engiyithandayo. Ngangikhethe eyiyo njengoba athi: "Leyo test ayishayi eceleni."
Wathi akufanele ngikhathazeke ngoba yonke into izohamba kahle.
Ukubiza
Uzakwethu wabuza ukuthi kuzokuba yimalini. UDkt Issa wathi R600.
Waphendukela kimina wangibuza ukuthi ngilitshelile yini isoka lami ukuthi ngikhulelwe.
Ngamtshela ukuthi ngilitshelile kangangoba asisakhulumisani ngoba ligxeka mina ngokukhulelwa.
UDkt Issa wavuma ukuthi yebo kwakuyiphutha lami ngoba angisebenzisanga ikhondomu.
Ngambuza ukuthi uzokwenzani noma uzonginikani. Wathi uzonginika iphilisi okuzodingeka ukuba ngiliphuze phambi kwakhe. Emva kwemizuzu engu-20 ngase ngingaphuma ngihambe.
Ngathi ngiyesaba uma kwakuzokuba buhlungu.
Wathi kuzokwenzeka ngizwe sengathi ngifuna ukuya endlini encane kodwa futhi ngingathuswa amahluli egazi amnyama aphumayo.
Wathi akekho ozokwazi ukuthi kukhona into eyenzekile - ngisho nabazali bami imbala.
Ayikho emthethweni
Samtshela ukuthi sizobuya uma sesithole imali.
U-Issa wathi emva kokuthatha iphilisi kufanele ngibuye emva kwezinsuku ezimbili ngizokilinwa mahhala.
Akashongo ukuthi lokho kuhambisana nani.
Saphuma ngokushesha ebhilidini sesaba ngisho ukuphefumula saze safika emsebenzini.
Ayikho into ebuhlungu njengokwazi komuntu omusha ukuthi ukhulelwe.
Owesimame oneminyaka engu-22 owakhuluma nathi futhi ongathandanga ukudalulwa, wasitshela ukuthi wasikhipha kanjani isisu eminyakeni emine eyedlule esese-high school.
Nakuba aya kwi-private doctor kodwa namanje lokho kusamhlukumeza emqondweni uma ekucabanga.
"Ngangesaba kangangoba angizange ngilitshele isoka lami," kusho yena.
Uthi uma kwenzeka ezithola ebhekene nesimo esifanayo manje, angaqoma ukuba aye kweminye yemitholampilo yokukhipha izisu engekho emthethweni kunokuba aye eMarie Stopes noma kwekahulumeni.
Lokho kungenxa yokukholwa wukuthi mancane amathuba okuba abanye abantu bazi ukuthi usebenzise indlela engekho emthethweni.
"Ingozi ikhona, kodwa ukwesaba - nesifiso sokukwenza kube yimfihlo - nokukwenza ukuba kubekhona isidingo sokuphuma kuleyo nto. Umphumela walokhu uwucabanga ekugcineni."
Inkinga yokwanda kwalezi zindawo ayikho eThekwini kuphela. EPitoli ngonyaka odlule umtholampilo wokukhipha izisu ongekho emthethweni watholakala usebenza eduze koMnyango kaZwelonke wezeMpilo.
Baya ngokwanda abantu ababika lolu sizo olungekho emthethweni emadolobheni amaningi lapha eSA, kusho uJock Strachan ongumkhulumeli wemitholampilo yakwaMarie Stopes eSA.
"Sekuya kuba yinkinga enkulu. Sesenze omkhulu umsebenzi wokuqwashisa umphakathi ngokungaphephi kwalezi zindawo zokukhipha izisu."
Kuyesabisa
Emkhankasweni wokukhuculula eGoli ngoJanuary, bangu-11 abantu abenza lo msebenzi wokukhipha izisu ngokungekho emthethweni ababoshwa ezibhedlela zokuzenzela.
Amaphoyisa edolobheni ayesembhidlangweni wokukhuculula esusa ama-posters ezingela 'odokotela' ababenamathelisa amapheshana okukhangisa ngomsebenzi wabo ezigxotsheni zikagesi nasemarobhothini.
Izindlu ezisemabhilidini asenkabeni yedolobha laseGoli zaguqulwa zenziwa izindawo zokwelapha ezingekho emthethweni nokuyilapho kwatholakala amabhokisi anamaphilisi okuqhuba lo msebenzi, amakhondomu asesebenzile namagilavu, amanye anegazi.
Iningi lababoshwa laliliqhamukisa e-Uganda naseMozambique.
Lokhu kwakuhlangana nophenyo lwaseThekwini. Zonke izinombolo zocingo esazithola kuma-poster kwakungezabantu bokuhamba.
Okunye wukuthi, ezintathu zezinombolo kwezingu-10 esazishayela zakhombisa ngokusobala ukuthi babengawushayi mkhuba umthetho ovimbela noma ngubani ukuqhubeka nokukhipha isisu emva kwamasonto angu-20. Babezishaya isifuba ngokuthi bakhipha izisu ngendlela "ephephile futhi ngelanga elifanayo" ngisho ezinyangeni eziyisithupha noma eziyisikhombisa umuntu ekhulelwe.
Ngesikhathi udokotela ebuzwa ukuthi usikhipha kanjani isisu, wathi unika isiguli sakhe okuphuzwayo - emva kwalokho wangafuna ukudalula eminye imininingwane.
Kwethusa kakhulu ukucabanga ngalokho okusuke kuphuzwa," kusho uJock Strachan wabeMarie Stopes.
Wengeza wathi nakuba izimali zabeMarie Stopes zibiza kakhudlwana kunalezo zalabo abenza lo msebenzi ngokungekho emthethweni, kodwa benza konke okusemandleni ukugcina amanani ekahle.
Kodwa le mitholampilo nezikhungo zikahulumeni zinosizo olungekho kulezi zindawo - isiqiniseko sokuphepha nokunakekelwa okusezingeni lochwepheshe.[z]
BONA ZULU - March 2008
u
t
BONA ZULU - March 2008
Ukucabanga ngalokhu okusuke kuphuziswa isiguli, kuyethusa kakhulu
