zulu.48.yourstories_dating
UNGATHANDANI
NAMUNTU
SAHLANGANA esitolo eMalamulele eLimpopo. NgoFebruary, 2008 ngethembisa uTsakane umshado wavuma. Izinto zazihamba kahle ekuqaleni. Ngangineminyaka engu-28 futhi ngizinikele kakhulu ngoba ngangifuna umshado.
Emva kwalokho, zaqala izinkinga. Kwakuthi lapho ngimnike imali, athi ayanele. Njengoba ngangiyimenenja enkampanini yezokuvakasha, ngangingeke ngithi isimo sami sezezimali sasingesihle, kodwa ngangiqaphela kakhulu uma kuziwa ngasezimalini ngoba ngangifuna ukongela ikusasa lethu.
Ngangicabanga ukuthi uzoqonda ukuthi ngakha umuzi wethu futhi ngongela nelobolo. Kodwa ngicabanga ukuthi njengoba wayeneminyaka engu-21, izinga lokucabanga kwakhe lalingekho eqophelweni eliphezulu.
Kukaningi siba nezingxabano ngenxa yezezimali. Wayenokungidelela engishawoda ngisho naphambi kwabafowethu abadala. Ngamthatha ngamusa kuMfundisi wethu owafike wangicela ukuba ngimxolele - nami ngakwenza lokho.
Kwathi ngasekupheleni konyaka odlule, wathi useyangishiya. Saphinde sabuyelana ngoFebruary kodwa saphinde sehlukana futhi emva kokuxabana ngenxa yemali. UTsakane waqala ukufika endlini ebusuku angingqongqozele emnyango. Kwakuthi lapho ngingavuli, ashaye emafasiteleni, kuthi lapho futhi ngimziba ahlale emnyango ubusuku bonke alinde kuze kube yisekuseni ukuze akhulume nami.
Kwakuthi lapho ngenze iphutha lokushiya ifasitela livulekile, angene ngalo.
Ngelinye ilanga wazama ukuzibulala ngokuphuza umuthi wokwelapha ngokweqisa. Kwathi uma kungaphumeleli lokho, wathatha ibhande wathi uyozikhunga ehlathini uma ngingamamukeli futhi.
Angesatshiswa kalula, kodwa ngaqala ngakhathazeka ngicabanga ukuthi mhlawumbe ungenwe yimimoya emibi. Ngabona kungcono ukuba ngithole incwadi engivikelayo (protection order) emaphoyiseni. Afike angeluleka ngokuthi kungakuhle ukuba ngiyobikela nabadala abaphethe endaweni.
Abaphathi abadala basendaweni bambiza uTsakane bamtshela ukuthi ulahla amathuba okuba sibuyelane futhi bathi bazomkhipha inyumbazana uma bephinda bezwa izindaba ngaye.
Useyekile ukungikhathaza. Manje sengishaywa umoya kalula nakuba ngingakabi nesiqiniseko ngokuphelele ukuthi ngeke ngiphinde ngisamuzwa efasiteleni ebusuku.
Indaba: Ntokozo Maseko
UTHANDO LWAKHO
INDABA KANTAKO:
Wayebukeka engowesimame okahle ngesikhathi bebonana, kodwa waziphathisa okomuntu ongenwe amadimoni ngesikhathi uthando lwabo lungahambi kahle
INDABA KAKHENSANI:
Baba ngabangani kuqala, base beyathandana. Kwathi lapho uthando lwabo lungahambi kahle, waphoxa owesimame phambi komndeni wakhe
NGO-2004 ngathandana nomngani wami engangazi kahle ukuthi uyisoka kodwa ngoba sase singabangani isikhathi eside, ngacabanga ukuthi ngingamethemba lapho engiqinisekisa ukuthi yimi ngedwa kuyena.
Sathandana kahle kakhulu ekuqaleni. Njengoba saqale saba ngabangani, sase sedlulile ekwazaneni nokuyilapho kuba nokukhathazeka ukuthi lona omunye umuntu uzocabangani ngawe.
Ngangingumfundi yena engumethuli wezifundo enyuvesi yami, ngaleyo ndlela kunguye owakhokhela zonke izindleko. Wangithengela i-cellphone ebizayo nezingubo zokugqoka. Sasize sibe nezingubo zokugqoka ezifanayo. Sasizwana kahle kakhulu.
Emva kwalokho ngaqala ngasola ukuthi akumina kuphela owesimame empilweni yakhe. Ekuqaleni waphika ukuthi kukhona abanye athandana nabo.
Kodwa kwakulokhu kukhona into ezongenza ngikhathazeke nokuba ngimsole futhi. Emva kwalokho waqala wangitshela ukuthi wayengangikhohlisi.
Kwathi lapho ngiqala ukucabangisisa futhi ngimtshela ukuthi ngizomala uma eqhubeka nalokhu okubi ayekwenza, washintsha okwesikhashana. Kodwake akukho engingathi ngangikubona noma ngikuzwa okwakungenza ngicabange ukuthi ungenza isilima noma akaziphethe kahle.
Emva kwalokho, kwedlula emhlabeni u-anti wami engangimkhonze kakhulu. Ngisaxakwe yizindaba ezazikhungethe umndeni ngisazama ukubhekana
nazo - ngisesemanzini okushonelwa - ngathola ukuthi usethandana nomngani wami.
Ngamtshela ukuthi sekuphelile okusihlanganisile, kodwa lokho akuzange kumvimbe ukuba angihlukumeze. Ngesonto lokuzilela u-anti wami, wafika kagogo ezolanda i-cellphone nezingubo ayengithengele zona. Waphinde wangiphoqa ukuba ngibuyise ingxenye yemali ayisebenzisa kimina ngesikhathi sisathandana, kubandakanya nemali yeziphuzo ayezithengela abangani bami.
Wangitshela ukuthi uzothandana nanoma ngubani afuna ukuthandana naye nokuthi yimi engizohlupheka ngoba ngeke ngisayithola imali yakhe.
Ngethuka ngazibuza ukuthi ngabe sekwenzenjani kumngani wami"
Ngambuyisela yonke imali nakho konke angithengela kona kodwa ngamtshela ukuthi uyahlanya uma ecabanga ukuthi ngizokhokhela 'ingxenye yami' yezinye izindleko.
Ngisambona enyuvesi yami endala kodwa asikhulumisani. Yini engingayisho" Wenzisa okwengane encane efuna uyibuyisele amathoyizi ayo uma kukhona okungayithokozisi ngawe.
Indaba: Kamogelo Sebola
INDABA KANTAKO
(iyaqhubeka):
indaba kaKHENSANI
(iyaqhubeka):
Amagama alabo abathintekayo kulezi zigameko ashintshiwe.
