zulu.484.sy
Uya kude!
WAYEGQOKE i-jean, eshaye iT-shirt namateku amhlophe nesigqoko seKangol esiyisitayela saselokishini ngesikhathi emisa imoto yakhe e-grey yohlobo lweBMW ngaphambi kwaseJohannesburg Central College nokuyilapho efundisa futhi eqophela khona.
“Mfowethu kunjani?” kusho yena elula isandla exhawula. “NginguSy Ntuli. Lapha kulapho ngisebenzela khona ngiqamba umculo wami. Kodwa ngesinye isikhathi “kuvele kucime izibani!”
Kunzima ukukholwa ngoba uSy Ntuli akusiye umculi we-jazz owawina umklomelo kuphela, kodwa futhi unguthisha womculo ohlonishwayo nongumhlaziyi wezinto ezithinta impilo.
Kodwa le nsizwa yaba yisihlabani somculo ngengozi.
Kwakuse-University Of Zululand, nokuyilapho abhalisela khona iziqu zemfundo.
“Kwase kuphele isonto ngiya kuma-lectures ngesikhathi siba nohambo lokubona i-campus,” kusho kukhumbula uSy. “Ngesikhathi sifika egumbini lomculo, ngezwa uMthunzi Namba noJabu Hlongwane bedlala ingoma engangiyithanda ngaleso sikhathi kaJoe Cocker ethi Up Where We Belong.
“Ngaso leso sikhathi ngaqonda kumphathi walowo mnyango ngabuza ukuthi ngingabhalisa yini.
“Kwaphela iminyaka emibili yonke ngingabatsheli abazali bami ukuthi ngenza izifundo zomculo, ngoba ngesaba ukuthi ngeke bahambisane nalokho.
“Kwathi lapho ngibatshela, ubaba wangeseka kodwa umama wangayizwa kahle le ndaba.
“Ngisho nodadewethu nabafowethu bethuka kakhulu.”
Nakuba eseke wawina omunye wemiklomelo womculo we-jazz kuleli, ukubeke kwacaca ukuthi akafuni ukuthathwa njengomculi we-jazz kuphela.
“Ungasho ukuthi cishe u-60 percent womculo wami uyi-Afro jazz kuthi omunye u-40 percent kube yi-Afro pop,” kuchaza yena.
“Umculo wami uchaza iminyaka yami. Ngiyazama ukuvala igebe phakathi kwe-jazz ne-pop.
Ucula ngezinto ezenzeka empilweni kanti engomeni ethi Uyivila, unxusa abantu ukuba bayeke ukuba amavila kodwa baqale kubekhona abazenzela kona.
“Njalo uma ngibuka iTV ngiye ngibone abantu befuna lokhu nalokhuya ngibone ukuthi lapha ezweni lethu sisabuswa wusiko lokuthanda ukwenzelwa. Lento yimbi!”
Uma engekho estudyo okaMphemba ufundisa umculo eJohannesburg Central College, nokuyilapho sekuphele iminyaka emihlanu ekhona.
Ngesikhathi simbuza ngenhloso yakhe enkulu empilweni uthe: “Ukuthungatha amakhono omculo abengeke atholakale!” [z]
Ithuba alithola ngengozi yilo eselakhele uSy Ntuli udumo kwezomculo…
BONA ZULU – May 2006
Indoda ye-jazz
indaba nguTEDDY GOMBA
isithombe nguMUSA HLABANE
