zulu.483.yourman_motoring
Isilwane somhlola!
Akekho noyedwa ongeke akuqaphele uma uhamba ngeChrysler 300C Touring Hemi
NGESIKHATHI siyishayela, okokuqala esakuthanda ngale moto eyi-station wagon ye-Chrysler V8 saloon ibukeka ibiza kunalokhu eyikho. Ibiza R469 900 kanti futhi ingcono kakhulu kunalezo ezinye ezibiza R200 000. Izinto esizithandile ngale moto:
1 UZIZWA NJENGENKOSI.
I-leather ne-walnut engaphakathi ziyenza ibe sezingeni eliphezulu kanti futhi inezinto ezifana nezihlalo ezifudumala ngogesi ezikhavwe nge-leather, umsakazo osezingeni eliphezulu, ama-headlight washers, i-traction control nama-anti-skid brakes.
Kukhona nama-parking sensors akhalayo uma kukhona into ozoshayisana nayo.
2 INE-CRUISE CONTROL
Uma usuphumile edolobheni, uvele uvule i-switch ye-cruise control - ukwenza isibonelo, mhlawumbe ufuna ihambe ngo-110 km/h bese wena uyahlala uthokozele ukuzihambela kwayo. Ungasusa izinyawo zombili kuma-pedal imoto izozihambela ngokukhululeka usuku lonke ngesivinini osikhethile.
Uma kwenzeka uzithela kwi-traffic ehamba kancane, ama-sensors emoto yakho ayakutshela ikhomphyutha bese iyayivala ngenhloso yokuba ihambe ngezinga elivikelekile kwezinye.
Uma ama-sensors ezwa ukuthi indlela ngaphambili ivulekile akukho okuyivalile, okusebenzelana nekhomphyutha okukuphethiloli kuyibuyisela kulelo jubane obukade ulikhethile.
Konke lokhu kwenzeka ngaphandle kokuba wena unyathele amabhuleki noma i-accelerator.
3 INAMANDLA IYAGIJIMA
Kumnandi ukushayela iChrysler uma kunguwe ozishayelelayo.
U-"300" osegameni leChrysler uchaza
u-300 horsepower okungamandla ayekhiqizwa wuhlobo lwayo lokuqala ngo-1955.
Namuhla i-300C ikhiqiza amandla amaningi - 340 hp, noma 250kW nokungamandla aphindwe kabili kwaweBMW 320.
Ijubane layo lifinyelela ku-250 km/h.
Qaphela, le moto iyawudla uphethiloli - cishe idla amalitha angu-19 ebangeni elingu-100km. [z]
Indaba: Gavin Foster
EZEZIMOTO
HLAKANIPHA NGOPHETHILOLI
Wonke umuntu uzimisele ngokonga uphethiloli ngalezi zinsuku. Lokhu kwakha umqondo ikakhulu uma uthenga imoto entsha. Kungani uthenga imoto ebiza R200 000 ezokudla R1 500 ngenyanga ngophethiloli ekubeni ungasebenzisa imali efanayo ngemoto enhle engakudla imali eyingxenye yaleyo ngophethiloli" Uma sekuziwa ngasezimotweni ezingamasekeni, kufanele uhlakaniphe ngophethiloli.
Njengoba bonke abantu befuna izimoto ezisebenzisa uphethiloli omncane lokho kusho ukuthi izimoto ezingamasekeni zingakongela kakhulu.
Ungathenga imoto eyisekeni mhlawumbe ngo-R150 000 ewudlayo uphethiloli ekubeni imoto esebenzisa uphethiloli omncane eyisekeni ingabiza R200 000.
Wonga R50 000. Ake sithi usebenzisa R1 000 ngophethiloli ngenyanga. U-R50 000 owongile, ungakhokha izindleko zikaphethiloli ngaphezu kweminyaka emine.
