zulu.481.cellphones
Indlela entsha yokulwa nobugebengu eSA
Ngabe usukhathele ubugebengu? Kukhona ongakwenza. Unaso isikhali sokulwa nezaphula-mthetho. Abantu abahlome ngama-cellphone nje kuphela abasiza ngokubamba izigebengu eziyingozi kulo lonke elaseSA
BONA ZULU - May 2008
U-BEN KHUZWAYO wayeshayela ephuma ePietermaritzburg ngesikhathi umshayeli wemoto yohlobo lweFord ephazamisa iVW Polo eyayiphambi kwakhe. Wabuka ngokumangala ngesikhathi iPolo iphuma emgwaqweni umshayeli wayo eshayeka kwi-windscreen.
I-Ford yayisingaphambi kukaBen. Inhliziyo yakhe yashaya ngamandla, wazama ukuyidlula le moto ukuze naye angenzeki isilo sengubo.
Wabona ukuthi kwakushayela owesilisa owayephuzile. Kwakungabonakali moto yamaphoyisa. U-Ben wathatha i-cellphone washayela amaphoyisa ucingo wawatshela indawo ayekuyona wawanika ne-number plate yeFord. Amehlo akhe akawasusanga kwiFord kwaze kwafika amaphoyisa.
Imoto yakhishwa emgwaqweni umshayeli wabanjwa waboshwa.
"Siyalubonga usizo lwakho," kusho iphoyisa kuBen. "Kukhona enye ingozi lo muntu ayidalile namuhla!"
Njalo ngenyanga abantu abanama-cellphone eSA bashaya izingcingo ezingu-50 000 bebika ngabashayeli abashayela bephuzile, ngokudayiswa kwezidakamizwa, ukugqekeza nokudunwa kwezimoto.
Amaphoyisa athi abasebenzisa ama-cellphone bangamehlo nezindlebe zawo.
Ukuxhumana
Cishe bonke abantu baseSA banama-cellphone kanti bayavuma ukuthi abalulekile alusizo.
Abatakuli bathembela kuma-cellphone asiza uma kunezikhukhula, ukuzamazama komhlaba, imililo neziphepho.
Amaphoyisa asebenzisa wona esikhundleni semisakazo ephathwayo.
Abantu bona bawasebenzisa uma bebika ngabashayela bephuzile noma ngezaphula-mthetho.
Esinye isibonelo. Ekuseni ngoJanuary, iTazz eluhlaza yayihamba iqondene netekisi eyayithwele abafundi.
Umshayeli weTazz wathatha isibhamu wavulela ngenhlamvu ebhekise kuleyo tekisi kwalimala kabi umfundi oyedwa.
Khona manjalo omunye umshayeli owayehamba ngemoto wathatha i-cellphone yakhe washayela amaphoyisa ucingo.
Owayedubula wanyamalala khona lapho. Emva kwalokho, izakhamizi zabona imoto eyayingenalo iwindi ipake egalaji.
Zakhumbula umbiko ezaziwuzwe phambilini lapho kwakukhulunywa khona ngemoto eyayingenawindi eyayishayelwa wumuntu odubule abafundi zase zibiza amaphoyisa.
Isigebengu saboshwa engakapheli amahora angu-18.
Ukugwema
Ama-cellphone angasiza nangokugwema ubugebengu kanti alusizo kakhulu kwabesimame uma beshayela behamba bodwa ikakhulu kusihlwa.
U-Grace Mhlongo une-cellphone ayiphiwa ngubaba wakhe uJacob mhla egubha iminyaka engu-24 azalwa.
"Uhamba kakhulu ngemoto. Thatha le-phone uyisebenzise uma udinga usizo," kusho ubaba wakhe.
Engakapheli amasonto amathathu uGrace ethole isipho sakhe, wayesendleleni elibhekise ekhaya ngesikhathi i-truck eluhlaza eyayinabalisa ababili izama ukumsika. Owayeshayela wayefuna ukumkhipha emgwaqweni.
Kwathi lapho isingaphambi kwakhe yahamba yagcwala umgwaqo izama ukumvimba.
U-Grace wayethi sekuphelile ngaye.
Emgwaqweni kwakucwebile kungekho moto. Wathatha i-cellphone yakhe washayela inombolo yezimo eziphuthumayo wabika inkinga ayebhekene nayo.
"Yehlisa umoya," kusho owaphendula ucingo. "Ungami, amaphoyisa asendleleni."
I-truck yama uGrace waphoqeka ukuba naye ame.
I-phone yakhe wayesayibambe ngesandla amehlo akhe ekumshayeli.
Kwathi uma umshayeli ebona ukuthi uGrace ukhuluma ocingweni wahamba.
U-Grace wanikeza ayekhuluma naye ocingweni i-number plate yayo washayela imoto yakhe wahamba.
Wayengqangqa ngesikhathi eshayela ubaba wakhe ucingo.
"Umshayeli ubonile ukuthi ngishayela amaphoyisa ucingo lokho kwamsabisa," kusho yena kubaba wakhe esemchazela ngokumehlele. "Ngibonga kakhulu ngesipho ongiphe sona."
Ababehamba nge-truck bagcina beboshiwe.
Kuphephile
Ngesikhathi ama-cellphone efika, amaphoyisa ayenovalo lokuthi azokwenza ukuthi abashayeli bangashayeli kahle badale izingozi emgwaqweni.
Kungukwephula umthetho ukusebenzisa i-cellphone ushayela. Lokho kuyingozi. Kodwa uma uyisebenzisa ngendlela efanele, uyisebenzisela nezizathu ezizwakalayo - enza ukuba kuphephe emgwaqweni, ikakhulu aphephisa nabantu kwabashayela bephuzile.
Ngonyaka odlule, ngesikhathi uFreddie Mkhize eshayela eNyakatho yoGu lweKZN, wabona izikhangiso zohlelo lukazwelonke lokumpimpa abashayela bephuzile ubike noma kukhona inkinga emgwaqweni.
Uma abashayeli befaka izinombolo zezimo eziphuthumayo ezingcingweni zabo bangangena ngokushesha lapho besuke beshayela khona.
U-Freddie osebenza kumasipala waba nesifiso sokusungula uhlelo olufanayo esifundazweni sakhe.
Ngolunye usuku ngoMay nyakenye, wayehamba nendodana yakhe uVusi ngesikhathi elandela imoto eyayihamba igcwala umgwaqo.
"Asiyilandele," kusho yena kuVusi.
U-Freddie wathatha inumber-plate yayo washayela inombolo yomnyango wezokuthutha wabatshela ngemoto ababeyilandela.
Wayilandela yaze yama egalaji, lapho umshayeli wayo wabanjwa khona amaphoyisa ambopha. Wahlolwa kwatholakala ukuthi wayephuzile.
"Senze umgwaqo waba yindawo ephephile namuhla," kusho uFreddie kuVusi sebelibhekise ekhaya.
Zibanjwa oqotsheni
Ziningi izigebengu eziyingozi ezibanjwe oqotsheni ngenxa yosizo lwezakhamizi zaseSA ezinjengawe nami.
Ekuseni ngoDecember, uRobert Dlamini waya ebhange eyokhipha imali emshinini eVerulam.
Kwathi uma elunguza ngewindi wabona indoda eyayiphethe isibhamu ipequlula amashalofu okufakwa kuwona imali. Emva kwalokho izigebengu zaphuma ngomnyango ongaphambili zabaleka.
U-Robert wakubona ukubaluleka kokuba abavimbe laba balisa. Kwathi uma bengena emotweni, uRobert wabalandela eshayela amaphoyisa ucingo kwi-cellphone yakhe.
"Ngisemotweni yami ngilandela izigebengu ezimbili ezisanda kuntshontsha imali ebhange," kusho yena etshela obamba izingcingo eziphuthumayo owadlulisela umlayezo emaphoyiseni.
Kwaphela imizuzu embalwa uRobert ejaha imoto eyagcina isimdukele. Ekugcineni kwafika amaphoyisa.
"Asihambe," kusho iphoyisa ligibelisa uRobert emotweni.
Kwathi uma befika emgwaqweni onguthelawayeka bazithela ezigebengwini ezazikhonjwe elinye iphoyisa ngesibhamu.
"Yibo kanye laba," kusho uRobert emaphoyiseni.
Kwathi lapho uRobert esesemotweni yakhe, wabuka i-cellphone yakhe ngentokozo.
Wayeyithengele ibhizinisi lakhe. Wayengazi ukuthi ngelinye ilanga iyosebenza emva kokubanjwa kwezigebengu oqotsheni.
Kungenzeka ukuthi ubona sengathi akukho ongakwenza ekulweni nobugebengu. Kodwa kukhona, sebenzisa i-cellphone yakho! [z]
indaba nguNKOSAZANE SITHOLE ISITHOMBE NGU- ALEXIS DIACK
ZIBANDAKANYE
'Hey wena, uyabona sengibiza amaphoyisa!
BONA ZULU - May 2008
BONA ZULU - May 2008
Senze umgwaqo kwaba ngophephile ebusuku
