zulu.480.ffff invitational
I-WORKSHOP KA-SEPTEMBER
Joyina ithimba labeFood For Fun and Funds ufunde ukuzakhela imali ngokudayisa amakhekhe emicimbini eyehlukene, ezitolo nangokuziphilisa ngokudliwayo!
UBONA nabeFood For Fun And Funds bakumemela kwi-workshop yabo kaSeptember:
UFUNA ukuzenzela imali ngokudla? Ufuna ukufunda ukusebenzisa uthando lwakho lokubhaka wondle umndeni wakho? Joyina uBONA nabeFood For Fun And Funds kwenye yama-workshop abo athokozisayo.
Funda ukuthi kwenziwa kanjani ukudla okuzothandwa abantu, amakhekhe amnandi uphinde uzidobele amakhasimende ngale mikhiqizo efreshi ongazenzela yona ekhaya.
KUPHI:
E-Crown Reef Room,
Gold Reef City Casino, Joburg
USUKU: UMgqibelo, September 26, 2009
ISIKHATHI: Kubhaliswa ekuseni ngo-9.15
Uhlelo luqala ngo-10 ekuseni luphele ngo-4 ntambama
IMALI: R150 umuntu
Isihlangene neyokokubamba umoya lapho nifika, isidlo sasemini i-buffet nesikhwama sezipho zezinto zokubhaka ongazisebenzisa
uzibhakele ongakudayisa ekhaya!
Ukubhuka/Ukukhokha:
Shayela u-Annah kule nombolo: 086-010-5954 (Kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesine - 9 ekuseni kuya ku-4 ntambama;
NgoLwesihlanu kusukela ngo-9 ekuseni kuya ku-1 emini). Kufanele uyazi i-reference number yakho ngoba yiyo oyongena ngayo
kwi-workshop. Kufanele ukhokhe zonke izimali ezikhokhwayo
zingakapheli izinsuku ezingu-7 kusukela osukwini obhuke ngalo. Azikho izimali eziyobuyiselwa emumva.[z]
Ama-workshop ethu axhaswe ngabakwaNestlé nabeGolden Cloud,
abazimisele ngokwenza umehluko ezimpilweni zabantu bakuleli ngokubakhombisa ukuthi bangazakhela kanjani imali ngokudla.
I-workshop yaseThekwini!
Yiba yingxenye yabeGolden Cloud noBONA
kwi-workshop yethu yamakhekhe eThekwini.
USUKU: UMgqibelo, October 3 2009
KUPHI: E-Hilton Hotel, 12-14 Walnut Rd, Durban
IMALI: R150 umuntu
ihlangene neyokokubamba umoya lapho nifika,
ilantshi eyi-buffet nesikhwama esinezipho.
ISIKHATHI: Kubhaliswa ngo-9.15 ekuseni
Uhlelo luqala ngo-10 ekuseni luphele ngo-4 ntambama.
