zulu.479.legendsjun
NGISHO noHastings Kamuzu Banda wayehlale ethi akazihluphi ngokwazi ngempela ukuthi usuku lwakhe lokuzalwa lunini. “Okubalulekile engikwaziyo nenginendaba nakho, wukuthi ngiyaphila.” Sekuze kwamukeleka ukuthi cishe wazalwa ngo-March noma ngo-April 1898 eKasungu okwakuyindawo eyayaziwa ngokuthi iNyasaland iphethwe iBrithani.
Ithuba lemfundo elamvelela walibamba ngezandla zombili. “Akukho nokukodwa kwemfundo engangifuna ukuba kungiphuthe. Amathuba ayengivelela ngangiwasebenzisa.”
Wayezoba nguthisha, kwathi ngo-1915 wabhala i-exam eyayihlungela ukuqeqeshwa ekolishi lothisha kodwa kwenzeka ayengakulindele.
Imibuzo yayibhalwa ebhodini. Kokunye kwakudingeka ukuba uBanda asukume ukuze akwazi ukubona ngoba wayesithwe ababengaphambi kwakhe. Owayeyi-invigilator, uMfundisi T. Cullen Young, wacabanga ukuthi uBanda uyakopela wase emnqabela ukuqhubeka ne-exam.
Kwaba yinto eyamphoxa kakhulu. Wathatha isinqumo sokuba ahambe ngonyawo eze eSouth Africa azoqhubeka nemfundo yakhe - wafike wafunda eLovedale Missionary Institution eKapa.
Uhambo olude
Wayephethe umkhonto omncane ayewenzelwe ngumkhulu wakhe, iwisa nosheleni abambalwa wanqamula ehlathini.
“Ngikhumbula ngikhathazekile izinsukwana ezimbalwa zohambo. Ngangikhumbula umndeni wami, kodwa ngiphokophelele ukuthola imfundo noma yingayiphi indlela,” kusho kukhumbula yena emva kweminyaka.
“Ngangingesabi. Noma kuphi lapho ngangihamba khona, ngangihlangana nabantu abanobubele. Ngangicela umsebenzi noma ngisize ngandlela thile ukuze ngikwazi ukuphila…”
Wayesehambe amakhilomitha cishe angu-700 – namasonto amane – ukulimala onyaweni kwamphoqa ukuba afune usizo lokwelashwa emtholampilo owawusendaweni okumanje isiyaziwa ngeHarare. Wafike wathola umsebenzi kulo mtholampilo.
Udokotela wakulo mtholampilo uMerritt Holly, wayithanda le ‘nsizwa’ eyayisencane ikhaliphile wayenza umsizi wakhe. Kulaphoke uBanda wanquma ukuba ngudokotela.
“UDkt Holly wangikhuthaza ukuba ngazi konke ngomsebenzi wodokotela,” kusho uBanda emva kwesikhathi.
Ngo-1917, umalume kaBanda wavakashela umshana wakhe. Wayesohambweni lwakhe ebange eSouth Africa, uKamuzu wamphelezela.
ESouth Africa uBanda wafike wasebenza ezimayini kodwa esazimisele ngokuthola imfundo enhle - kodwa manje wayesenephupho elisha.
“Ngangazi ukuthi kuzodingeka ngiyifulathele indawo yangakithi ne-Africa ukuze ngiyothola imfundo esile eMelika.”
Izwe labakhululekile
Ekugcineni, ngoJuly 1925, ngosizo lokuxhaswa imiphakathi yezenkolo waphumelela ukuyofundela ubudokotela ngenhloso yokuba aphinde abuyele ezweni lakubo ayosiza abantu bakhona.
Wafikela eLondon. “Ngafike ngama eduze kwethuna likaDavid Livingstone nokuyilapho ngamemeza ngathi: ‘Dkt Livingstone, yimina uKamuzu Banda ngiliqhamukisa eKasungu, eNyasaland. Ngiyobuyela emumva eNyasaland ngelinye ilanga ukuyothatha umsebenzi wakho. Ngiyethembisa.’
“Abantu bangibuka - kodwa kwakufanele ngenze leso sithembiso kuyena nokuyisithembiso engasigcina.”
UBanda wafika eNew York ekupheleni kuka-August wahamba waya e-Ohio, nokuyilapho ayeyophothula khona imfundo yakhe yase-high school. Wayeqhuba kahle kakhulu esikoleni.
“Kwengakufunda ngenkululeko nentando yeningi eMelika yinto engingazange ngiyibone yenzeka khona.”
“AbabengamaNegro babengaphethwe kahle kodwa okuxakayo wukuthi abantu bakhona abamhlophe babengiphethe kahle ngoba ngangehlukile emehlweni abo, ngingumAfrica.”
Kungesikhathi ayesefundela ubudokotela eNashville eTennessee lapho uBanda abona isehlakalo esasizomhlukumeza ngokomqondo impilo yakhe yonke - iqulu labantu libulala umlisa onsundu.
“Lo mlisa onsundu waseMelika bamshaya baze bamphanyeka esihlahleni ephanyekwa amalungu eKu Klux Klan.
“Angisoze ngikhohlwe yileso sehlakalo, ngisho nayindlela engaphatheka kabi ngayo.”
Ngo-May 20, 1937 eseneminyaka engu-39, uHastings Kamuzu Banda, MD, waqeda cishe ephezulu kunabo bonke ekilasini lalabo ayefunda nabo.
Wayesefuna ukubuyela ekhaya azosiza abantu bezwe lakhe kodwa watshelwa ukuthi izikhulu zaseBrithani ngeke ziyamukele imiphumela yemfundo yakhe.
Ethola lokho kuphoxeka, wabhalisa enyuvesi yase-Edinburgh, eScotland lapho ahlala khona iminyaka emithathu nohhafu esebenza ngenkulu impumelelo ukuze izikhulu zaseBrithani ziyamukele imiphumela yemfundo yakhe.
Ngo-1941 wathola iziqu ezazimgunyaza ukusebenza njengodokotela ngaphansi kweBritish Empire kodwa wanikwa isikhundla sokuba yi-junior medical officer eNyasaland. “Lokhu kwakwehlisana isithunzi, kodwa kwangenza ngabona ukuthi into abayifunayo abamhlophe wumAfrica ofundile.”
Izinzululwazi zakwelase-Africa nabaholi baqala bahlangana njalo emzini kaDkt Banda - abaholi abafana noJomo Kenyata, Julius Nyerere, Kwame Nkrumah, Kojo Botsio nabanye. UBanda naye ngokwakhe waba yilungu eliqavile le-Nyasaland African Congress.
Ngenxa yokwentuleka kobuholi obuqotho, kuningi okwenza iCongress ingasimami.
Ngokwakwenzeka, umbono kaBanda kwakungukuthi: “Abamhlophe beningizimu yeRhodesia banenhloso yokusebenzisa umnotho wokumbiwa phansi njenge-copper nezithukuthuku zabantu bakithi eNyasaland ukuze bazakhele (abamhlophe) ‘izulu labo elincane’ lapha e-Africa.”
Ngesikhathi kusungulwa iCentral African Federation ngo-August 1953, uDkt Banda wasuka eBrithani eseyohlala eGold Coast (manje osekuyiGhana): “Ngangingeke ngiqhubeke nokusebenza njengodokotela ezweni elalingenandaba nabantu okwakufanele libavikele.”
I-Kwacha!
Waphinde wawenza umsebenzi wobudokotela. Kodwa iCentral African Federation yayisezinkingeni nokwathi ekuqaleni kukaMarch 1958 wathola amasamanisi aphuthumayo. Waqokwa njengosihlalo weNyasaland African Congress nokwadingeka ukuba abuyele ekhaya.
Noma kuphi lapho ayehamba khona kwakuzwakala abantu bethi “Kwacha! Kwacha! Kwacha!” (okusho inkululeko).
Wakhankasa ephikisana neCentral African Federation, eyahlakazwa ngo-1963, waholela leli lizwe enkululekweni waliqamba igama elithi Malawi - nokuyigama alikhetha emva kokubona i“Lake Maravi” emephini endala yesiFulentshi.
Wazakhela udumo kwabaningi ngamasudi akhe ayisitayela saseNgilandi angama-three-piece ayemesha amadukwe kanye neshoba ayeliphatha.
Wakhombisa ukuthi uyindoda edida abaningi.
Ngo-1971 wazigcoba njengomongameli ongephikiswe wazibukela phansi izidingo zokwakhiwa kwemigwaqo, izikhumulo zezindiza, izibhedlela nezikole eMalawi.
Waphinde washaya umthetho wokulawula indlela yokugqoka ezweni lakhe kubandakanya nalabo abangabavakashi - abesimame bengavunyelwe ukufaka izingubo ezimfishane eziveza amathanga nezinwele ezinde zingavunyelwe kubantu besilisa - wawubanjwa uphoqwe ukuzigunda ngokubonelela kwezikhulu zamaphoyisa emngceleni.
UBanda nguyena kuphela umholi wase-Africa owayesebenzisana neSouth Africa ngezikhathi zobandlululo.
Ngaso leso sikhathi wayehamba phambili ekulweleni amalungelo abesimame wasungula iChitukuko Cha Amai m’Malawi, nokuyinhlangano eyayikhuthaza abesimame ukuba benze kangcono emfundweni nakuhulumeni nokuba badlale indima enkulu emphakathini wabo, emabandleni nasemindenini.
UBanda wedlula emhlabeni esesibhedlela saseSouth Africa ngo-1997.
“UHastings Kamuzu Banda kwakuyindoda emadodeni, indoda eyayingakuvumeli ukwehluleka,” kusho uDkt Donal Brody onguchwepheshe wezomlando futhi omazi kahle uBanda.
“Ngumuntu owayengezwani nento enganiki mqondo - ekukhuthaza njalo ubuhlakani.”[z]
BONA ZULU – June 2006
UHastings Kamuzu Banda
Umsunguli weMalawi nomlisa owaguqula isimo se-Africa eseNingizimu…
indaba nguWALTON GOLIGHTLY
isithombe ngabeGREAT STOCK!
Udokotela owayelungile
Abangani bakhe
Kwethusa ukuthi uMfundisi Young, owakhipha uKamuzu kwi-exam wazenza umngani wakhe. Kwenye yezincwadi uYoung azibhala wathi:
“Kumngani wami uHastings Banda owayenenhliziyo enhle ngokwanele wakwazi ukuxolela isenzo esasingesibo ubulungiswa esenzeka kuye eminyakeni cishe engu-40…”
BONA ZULU – June 2006
u
t
Ngesinye isikhathi wayedida abaningi
