zulu.478.J and J
B4305/11/08
uMKHANKASO I-johnson's® Baby
WEZINGANE EZIPHILILE
Ukukhuthazwa nokuklonyeliswa komama abanothando
Kwakumnandi kudelile ngesikhathi kulungiselelwa umcimbi wamafayineli eHealthy Baby Initiative. Lolu hlelo luneminyaka engu-10 kanti lwasungulwa abakwaJOHNSON’S® Baby bebambisene noMnyango wezeMpilo ukuze kukhuthazwe omama ukuba baqinisekise ukuthi izingane zabo zizithola zonke izidingo zempilo. Enye inhloso yalolu hlelo wukwazi nokuklomelisa omama abanakekela izingane zabo ngokomzimba, ngokomphefumulo nangokwengqondo. NgokukaKaren Hansen wakwaJohnson & Johnson, “Izingane eziphilile ziyisisekelo sesizwe esiphilile esizoba wusizo emphakathini. Akukuhle ukuthi singalibongi igalelo labesimame nelabahlengikazi ekukhulisweni kwabantwana.”
AMALUNGISELELO...
Imincintiswano ehlukahlukene okwakukhethwa kuyona umntwana ophilile yayibanjelwa kumaCommunity Well Baby Clinics ngo-August ngaphansi kwalezi zigaba zeminyaka: 0-6 months; 7-12 months; 13-18 months. Abafinyelela kuma-semi-final bakhethwa ukuze bathamele umcimbi wamanqamu.
AMAFAYINELI...
Lo mncintiswano wavalwa ngokubanjwa kwamafayineli ezifunda ayebanjelwe eGauteng, Western Cape naseKZN. Amajaji ayengabheki izingane ezinhle kodwa ayefuna ezithokozile eziphilile. Ukukhethwa kwazo kwakuncike ekhadini lasemtholampilo leRoad To Health, kubhekwa ukuthi ingane isiye kangaki emtholampilo, ukugonywa kwayo, ukuthola kwayo u-vitamin A kanye nesisindo kanjalo nempilo yayo. Amajaji ayethwele kanzima ngoba zonke izingane zaziphile kahle! Izingane ezawina kanjalo nomama bazo zathola imiklomelo ka-R20 000. Kuleyo miklomelo kwakukhona amahampa akwaJOHNSONS® Baby, amavawusha akwaPick n Pay, ama-pram, nama-cot nezihlalo ezinde. Kwabuye kwahlonishwa nabasebenza kumaCommunity Well Baby Clinics. U-Karen Hansen wathi, “Kube mnandi ukubona injabulo yomama neyabasebenzi basemitholampilo abawinile. Njalo ngonyaka ngiyagculiseka wumsebenzi womama base-Africa. Bawumgogodla ekunakekelweni komndeni, kanti lokho kuyisisekelo sesizwe esiphilile.”
U-Karen Hansen wakwaJ&J uneminyaka engu-10 ehlela le micimbi.
Usomahlaya ejabulisa izingane emcimbini waseThekwini.
UMnuz. Masilela, uMqondisi weMaternal And Child Health And Nutrition, eMnyangweni wezeMpilo eGauteng.
Ukukhethwa kwabawinile
emiCimbini yamaFayineli
Gauteng – Saul TsoteTsi Hall E-Sebokeng
11 September
Bangu-450 abantu ababeliqhamukisa eGauteng namaphethelo bethamele lo mcimbi. Zazingu-144 izingane ezaziliqhamukisa ezifundeni zaseGauteng eziyisithupha ezangena kumafayineli! Umphathi wohlelo, uBongi Selebeli – intokazi esakazela iLesedi FM – noNozimanga owayecula, babethokozisa izihlwele ngesikhathi amajaji ekhetha abawinile.
1st Winner 0-6:
Makhafula Boipelo Johanna, Boikhutsong Clinic eTshwane.
1st Winner 7-12:
Nkosinathi Selepe, Margaret Zuma Clinic Ekurhuleni.
1st winner 13-18:
Lesedi Mohapi, Lilian Ngoyi Clinic JHB Metro.
Cape Town – Bellville Civic Centre
3 September
Bangu-150 abantu ababekulo mcimbi owawuhlelwe kahle yiLa Leche League. I-Youth Group yaseHout Bay yenza into yamehlo ithokozisa abantu ibafundisa.
1st Winner 0-6: Julie Kierman waseWestridge Clinic.
1st Winner 7-12: Bianca Stellenberg waseStrand Clinic.
1st winner 13-18: Simon Peter waseStrandfontein Clinic.
Durban Final – Kwadukuza Town Hall
E-Stanger
29 August
Umphathi woHlelo uVicky Masuku woKhozi FM wayeluphethe ngobunono uhlelo. Lo mcimbi wavulwa nguNksz. Lenore Spies, iMenenja yezinhlelo kwi-Intregrated Nutrition And Women’s And Child Health eMnyangweni wezeMpilo eKZN.
1st Place Winner 0-6 months:
Ethandwa Nxumalo, eNseleni Clinic oThukela.
1st Winner 7-12 months:
Amahle Sokhulu, Kwadukuza Clinic Ilembe District.
1st Winner 13-18:
Sibusiso, Ndundulu Clinic Uthungulu District.
IZELULEKO ZOKUGCINA INGANE YAKHO IPHILILE
• Iya emtholampilo weCommunity Well Baby Clinic ongakini. Abasebenzi abazinikele baqeqeshelwe ukusiza omama ukuze bagade isisindo nempilo yezingane zabo baqinisekise nokuthi zithola yonke imigomo. Kule mitholampilo omama balulekwa ngokudla okunomsoco baxhaswe abahlengikazi.
• Qiniseka ukuthi ingane yakho ithola yonke imigomo ebhalwa kwiRoad To Health Card.
• Ukuncelisa kusiza ngokuvikela izingane ezifweni eziyingozi. Ubisi lwebele lugayeka kalula esiswini sengane kanti lwenza ukuba ikhule kahle.
• U-Vitamin A: uVitamin A umqoka kakhulu ezinganeni. Okusempeleni lesi sakha-mzimba sehlisa izinga lokufa kwezingane ngo-32%. Cela emtholampilo bakuchazele ngephilisi elibalulekile elino-vitamin A.[z]
Omama baseGauteng abawinile bethokozile.
Owawina umklomelo wokuqala uSimon Peter waseCape Town.
® Umkhiqizo wakwa © Johnson & Johnson (Pty) Ltd 2008
