Zulu.476.toilet
Wakhela umphakathi amathoyilethi
Izicabha ezibomvu zezindlu zangasese ezisanda kwakhiwa eduze komgwaqo wasemaphandleni.
UCLIVE Mashele nsukuzonke uphuma ekhaya kwakhe eTzaneen ngo-5 ahambe 250km ngemoto eya emsebenzini.
Wanikwa inkontileka yokwakha izindlu zangasese ezingu-1 500 ezindaweni ezingu-21 ngaphansi komkhandlu waseVhembe emngceleni weSA neZimbabwe.
"Njalo ekuseni, ngihamba ngiye ezakhiweni ukuqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle," kusho yena.
Kule minyaka emibili eyedlule usakhele abantu abangaphezu kuka-10 000 izindlu zangasese ezweni lonkana. Uhlelo lwakhe lomsebenzi seluvulele abantu abangaphezu kuka-20 000 amathuba omsebenzi.
Ngo-2007 wawina iWomen In Water, Sanitation And Forestry Award ngokwakha kwakhe izindlu zangasese nokukhuthaza inhlanzeko.
"Lo mklomelo kazwelonke uhlonipha abesimame abasebenza kanzima ukuthuthukisa izimpilo zabanye abantu futhi wangikhuthaza kakhulu ukuba ngisebenze kanzima ngokwedlulele ukuze ngisize ekwakheleni abantu bakithi impilo engcono."
Le ntokazi eneminyaka engu-41 yaselokishini eNkowankowa eduze kwaseTzaneen iyayithanda inselelo.
Namuhla inkampani yakhe iqashe abasebenzi abasebenza ngokugcwele abangu-26 basemahhovisi kanti igxile kakhulu ekuthuthukiseni umphakathi, ocwaningweni nasekulawuleni umsebenzi wokuhanjiswa kwendle.
Isiza futhi imiphakathi yasemaphandleni eyasuswa ezindaweni zayo ngenkani ngezikhathi zobandlululo ukuze ikwazi ukufaka izicelo zokubuyiselwa imihlaba. Ngokubambisana neminyango kahulumeni, iphinde yethule ama-workshop okuqwashisa umphakathi ngobhubhane lwe-AIDS ikhuthaze namakhono okuziphilisa.
Kunomncintiswano wezikole ezihlanzeke ukuzedlula zonke ezinye - i"cleanest school competition" nokungumncintiswano oxhaswe yinkampani yakhe uMashele.
"Imiklomelo isukela kumakhomphyutha kuya kuma-desk nasezihlalweni. Inhloso yawo wukukhuthaza izingane zesikole ukuba zinakekele indawo yazo ziyigcine ihlanzekile."
Umsebenzi wakhe wokwakha izindlu zangasese yiwo owamzuzisa isheke lika-R12 000 kuNgqongqoshe uLindiwe Hendricks eGoli ngomhlaka 31 August ngonyaka odlule.
"Ngeke ukholwe ukuthi kukhona abantu abahluphekayo abangakaze basebenzise izindlu zangasese empilweni yabo," kusho lo mama onezingane ezintathu ongusomabhizinisi.
"Kwadingeka ukuba siqashe abasebenzi bethu bezempilo ukuba bahambe baye emiphakathini bayofundisa abantu ngokubaluleka kokusebenzisa izindlu zangasese.
"Izindlu zethu zangasese zisebenziseka kalula ekubeni kulula futhi nokuzihlanza," kusho yena. "Siphinde sifake nama-container amanzi ukuze abasebenzisa izindlu zangasese zethu bakwazi ukugeza izandla.
Njengoba emsebenzini wokwakha kusakhonya abesilisa, uClive yena ukholwa wukuthi njengoba uhulumeni evulela abesimame amathuba, lokho kungenhloso yokubasiza bakwazi ukungena kule mboni.
"Ngalibamba ngazo zombili lelo thuba, ngakhoke ngingajabula ukubona abanye besimame benza lokho."[z]
ABANTUBAKITHI
Ngifuna nabanye benze njalo
Lona wesimame ozibandakanye kwezamabhizinisi, uvulela abanye besimame ithuba lokuzibandakanya embonini yokwakha - aphinde asize imiphakathi yasemaphandleni
UClivé Mashele esikhombisa umklomelo wakhe.
Indaba nezithombe:
Neville Maakana
