zulu.475.yourman_motoring_2
Yinhle ifanele abantu abasha
Uzokuthokozela ukuyishayela kanti inendawo eningi yabomndeni wakho. Inazo zonke ezinye izinto ezengeziwe futhi nenani layo likahle. Engingathi akukuhle ngayo wukuthi ayijwayelekile lapha eSouth Africa
I-PROTON yinkampani yaseMalaysia ekhiqiza izimoto ezithengiswa kakhulu eSouth Africa. Enye yalezi zimoto yiPersona. Kule moto uthola ukwaneliseka ngaphezu kwezinye zezimoto ezibiza kakhulu. Inenjini engu-1,6-litre esebenza kahle kakhulu (njengoba kufanele ngoba iProton yiyo engumnini wemoto yomjaho iLotus). Iyi-five-speed ino-gearbox oyi-manual owenza amagiya ashintsheke kalula kunawezimoto ezibiza ngaphezu kwayo ngokuphindwe kathathu.
Ifika inabo bonke ubukhazikhazi nezinto zezokuphepha. Ngaphandle kwe-aircon, namafasitela asebenza ngogesi nomsakazo, iPersona inokukutshelayo ngokudleka kukaphethiloli ngosizo lwento esakhomphyutha, amalambu enkungu ngaphambili nangemumva, ukukhiyeka kwesicabha sizikhiya ngokwaso lapho ihamba kanye nokwangemumva okukutshela ngebanga lokupaka.
Izinto zezokuphepha zisezingeni eliphezulu - ama-airbag amabili ngaphambili nama-anti-skid brakes.
I-Proton Persona ibiza R155, 000 nje kuphela. Njengoba inebhuthi neminyango emine, kukhomba ngokusobala ukuthi ifanele umndeni omncane.
Uma ukhathazekile ngokuthi mhlawumbe yimoto engajwayelekile eSA, khululeka. Uchunge lwezimoto zeProton lulethwa kuleli ngabe-Associated Motor Holdings nokungabantu abanegalelo elikhulu embonini yezimoto lapha eSA.
Uma imoto uyithanda, yithenge![z]
Indaba: Gavin Foster
EZEZIMOTO
UYAYIDAYISA FUTHI-
Ngabe kubalulekile ukucabanga inani lemali imoto yakho ongayidayisa ngayo emva kokuyithenga- Lokho kuncika ekutheni wena uchithe malini nokuthi imoto uzoyigcina isikhathi esingakanani. Uma ufuna imoto endala engabizi kakhulu, imali oyidayisa ngayo ayibalulekile ukwedlula isimo sayo nokwethembeka kwayo. Akusikho ukuhlakanipha ukuyeka imoto ka-R30 000 ngoba uthi awuyithandi noma awuwuthandi umbala wayo.
Ngakolunye uhlangothi, uma uchitha R180 000 ngemoto entsha kungakuhle futhi ubheke nemali ongayithengisa ngayo.
Izimoto ezidayisa ubuthaphuthaphu uma zizintsha - cabanga iToyota Corolla noma iVolkswagen Golf - bazifuna kakhulu, kungakhoke iningi labantu elingeke limelane nazo ligcina ngokuthenga amasekeni asesimweni esihle.
Lokhu ungakusebenzisa ukuze kukuzuzise uma uthenga imoto eyisekeni. Obengumnini wayo myeke alahlekelwe yimali ukuze ubekeke ethubeni lokubuyelwa yimali yakho ngokukudayisela ngemali ephansi.
