zulu.474.yourstyle_ethnic
Isitayela sesintu
IFESHINI YAKHO
U-NELLY, ongumqondisi nomsunguli weMakalinda Clothing Designs, uthunga adayise izingubo zokuswenka nokungezona ezokuswenka esitolo sakhe esisePietermaritzburg, KwaZulu-Natal.
Usika ingqephu yabesilisa neyabesimame esesitayeleni kodwa exube okwesintu. Impumelelo kaNelly incike ekuthungeni ingqephu eyikhwalithi eyenziwe ngobuciko efanele umphakathi.
Uma ufuna ukwazi kabanzi ngengqephu yakhe shayela ku-083-941-0453 noma 033-398-5405. [z]
Sikwethulela
uNelly Mbongwa
umsiki wengqephu
Indaba: Thato-ya-Ona Lerefolo
Izithombe: Christopher Laurenz
Umkhangisi: Buhle Ndlovu
Iziphaqulo: Kirsty Turco
