zulu.469.yourman_coaching
IZINYAWO ezimangalisayo
Uma ubaba efuna ukusiza indodana yakhe ekuthuthukiseni ikhono layo lokubamba ibhola eliza kuyona ngonyawo. Kufanele ayidlalele umculo, ngokusho kukaFana Tshabangu owayengunozinti we-Orlando Pirates. Uthi ukubamba ibhola ngendawo yonyawo engaphezulu kungelinye lamakhono anzima ukuwafunda. Kunzima kangangoba labo ababa ngochwepheshe kulokho, bagcina bezitholele ukubizwa ngamagama afana noStyles, Ace noma oProfessor. Labo abazithola bekhahlela ibhola ngombala womlenze baze babizwe ngezinkomo kuthiwe bangcono bayovimba emapalini.
OKUYISISEKELO
1 HLUKANANI ngebanga elingu-4m bese uphonsela indodana yakho ibhola. Qiniseka uliphonsa ngaphezulu kancane kwekhanda layo. Ingawasusi amehlo ayo ebholeni. Kufanele ilithinte ngaphambi kokuba lihlale phansi.
2 Zimbili izindlela zokwenza lokhu, okokuqala akagxume kancane, ame ngonyawo olulodwa bese esebenzisa olunye ukubamba ibhola.
3 Indlela yesibili, mayiye ngalapho kuphonselwe khona ibhola kungaba ngaphambili, emaceleni noma emumva. Akagobise umlenze owodwa bese ephakamisa omunye ukubamba ibhola ngonyawo.
4 Leli khono lifuna abantu abanezinyawo ezisheshayo emaqakaleni. Meluleke ngokuthi azifundise ahlale enyakazisa izinyawo zakhe, lokho ukuzilolonga angakwenza noma ngabe inini. Uma ngabe umfundisela egcekeni, khiphela phandle umsakazo umdlalele ama-CD awathandayo adanse, lokho kuyindlela emnandi yokufunda ukunyakaza ngokushesha. Futhi asikho isizathu sokuthi nawe ungadansi ngesikhathi usalungiselela ukumphonsela ibhola!
Indaba: Force Khashane
Izithombe: Peter Whitfield
Owayengumpetha womhlaba esibhakeleni "uBaby Jake" Matlala nendodana yakhe uMasego (12) ongumgadli eqenjini le-Robertsham Callies FC.
UKUQEQESHEKA EBHOLENI
Umculo nokudansa kungayisiza kanjani indodana yakho ekusebenziseni kahle izinyawo zayo enkundleni yebhola
Leli yikhono okufanele uziqeqeshe kulo. Ukukwazi ukubamba ibhola ngengaphezulu lonyawo kuzokuqinisekisa ukuthi indodana yakho ithatha iso labaqeqeshi. Ukungakwazi ukubamba ibhola ngale ndlela kuchaza ukulahla ibhola zikhathi zonke ubonakale njengomuntu oyinkomo.
IZELULEKO
