zulu.466.toilet
Wakhela umphakathi amathoyilethi
Lona wesimame ozibandakanye kwezamabhizinisi, uvulela abanye besimame ithuba lokuzibandakanya embonini yokwakha - aphinde asize imiphakathi yasemaphandleni
INDABA NEZITHOMBE NGUNEVILLE MAAKANA
UCLIVE Mashele nsukuzonke uphuma ekhaya kwakhe eTzaneen ngo-5 ahambe 250km ngemoto eya emsebenzini.
Wanikwa inkontileka yokwakha izindlu zangasese ezingu-1 500 ezindaweni ezingu-21 ngaphansi komkhandlu waseVhembe emngceleni weSA neZimbabwe.
"Njalo ekuseni, ngihamba ngiye ezakhiweni ukuqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle," kusho yena.
Kule minyaka emibili eyedlule usakhele abantu abangaphezu kuka-10 000 izindlu zangasese ezweni lonkana. Uhlelo lwakhe lomsebenzi seluvulele abantu abangaphezu kuka-20 000 amathuba omsebenzi.
Ngo-2007 wawina iWomen In Water, Sanitation And Forestry Award ngokwakha kwakhe izindlu zangasese nokukhuthaza inhlanzeko.
Lo mklomelo kazwelonke uhlonipha abesimame abasebenza kanzima ukuthuthukisa izimpilo zabanye abantu.
"Lo mklomelo wangikhuthaza kakhulu ukuba ngisebenze kanzima ngokwedlulele ukuze ngisize ekwakheleni abantu bakithi impilo engcono."
Le ntokazi eneminyaka engu-41 yaselokishini eNkowankowa eduze kwaseTzaneen iyayithanda inselelo.
Namuhla inkampani yakhe iqashe abasebenzi abasebenza ngokugcwele abangu-26 basemahhovisi kanti igxile kakhulu ekuthuthukiseni umphakathi, ocwaningweni nasekulawuleni umsebenzi wokuhanjiswa kwendle.
Isiza futhi imiphakathi yasemaphandleni eyasuswa ezindaweni zayo ngenkani ngezikhathi zobandlululo, ukuze ikwazi ukufaka izicelo zokubuyiselwa kwayo imihlaba. Ngokubambisana neminyango kahulumeni, iphinde yethule ama-workshop okuqwashisa nge-AIDS ikhuthaze namakhono okuziphilisa.
Kunomncintiswano wezikole ezihlanzeke ukuzedlula zonke ezinye - i"cleanest school competition" nokungumncintiswano oxhaswe yinkampani yakhe uMashele.
"Imiklomelo isukela kumakhomphyutha kuya kuma-desk nasezihlalweni. Inhloso yawo wukukhuthaza izingane zesikole ukuba zinakekele indawo yazo."
Umsebenzi wakhe wokwakha izindlu zangasese wamzuzisa isheke lika-R12 000 kuNgqongqoshe uLindiwe Hendricks eGoli ngomhlaka 31 August ngonyaka odlule.
"Ngeke ukholwe ukuthi kukhona abantu abangakaze basebenzise izindlu zangasese empilweni yabo," kusho lo mama onezingane ezintathu ongusomabhizinisi.
"Kwadingeka ukuba siqashe abasebenzi bethu bezempilo ukuba bahambe baye emiphakathini bayofundisa abantu ngokubaluleka kokusebenzisa izindlu zangasese.
"Izindlu zethu zangasese zisebenziseka kalula kanti siphinde sifake nama-container amanzi kuzona ukuze abazisebenzisayo bakwazi ukugeza izandla.
UClive ukholwa wukuthi uhulumeni uvulela abesimame amathuba ukuze bakwazi ukungena kule mboni ebithathwa njengeyabesilisa.
"Ngalibamba ngazo zombili lelo thuba, ngakhoke ngingajabula ukubona abanye besimame benza lokho."[z]
BONA ZULU - May 2008
Izicabha ezibomvu zezindlu zangasese ezisanda kwakhiwa eduze komgwaqo wasemaphandleni.
ABANTUBAKITHI
UClivé Mashele esikhombisa umklomelo wakhe.
BONA ZULU - May 2008
