ZULU.464.muthi
nguFORCE KHASHANE
ABANTU abanandaba nokuchitha imali ngesikhathi sikaKhisimusi. Imali yakho isebenzise ngobuhlakani, ungayilahli emagundaneni. Ukudlala ngemali kufana nokuyidabula uyilahle.
Ngiphawula ngamagundane ngoba esinye isifundiswa esesiphelelwe wumsebenzi sabuza sathi: "Ngicela ukwazi ukuthi ngabe izimanga ziyenzeka yini empilweni yomuntu ngosizo lwamagundane aletha imali eningi ngoba ngifuna ukuya kwabazongisiza!"
Ngabe akukwethusi ukuzwa isifundiswa sonke sicabanga ukufaka imali yaso entweni engacacile kanje"
Kodwa akusona sodwa kuphela, bakhona nabanye abathembele entweni efile neyindida njengalena yamagundane.
"Ngifuna izimpuku (amagundane) ezithengiswa ezindaweni ezithile eThekwini," kubhala omunye umfundi wasePort Elizabeth.
"Ngabe la magundane angakwenza isicebi""
Abafuna ukuzama izindlela eziwumbhedo njengalezi kufanele bathole isifundo kokwehlela omunye umfundi.
"Ngangidinga imali ngabona isikhangiso somunye umuntu owelapha ngamakhambi owayethi angabasiza abantu abanenkinga yemali.
"Ngasiphendula leso sikhangiso sakhe wathi kufanele ngithenge 'amagundane emali' amabili ngoba elilodwa ngeke lisebenze."
Amabili abiza u-R1 700. Wayithola imali wahamba waya eMthatha lapho kuhlala khona lona owelaphaya.
Esefikile watshelwa ukuthi olaphayo uzokwenza imigilingwane ethile ukuze amagundane aqale ukwenza umsebenzi wawo.
Ngalokho kwakuzodingeka ukuba akhokhe u-R5 000 ngaphezulu.
"Ngayiboleka kumama leyo mali," kusho owesimame.
Umama wakhe kwadingeka ukuba aye edolobheni ukuze ahlangane nolaphayo amnike imali.
Wamthembisa ukuthi indodakazi yakhe izothola umvuzo omuhle.
"Emva kokuba sengimkhokhelile wathi sesiyobonana ngosuku olulandelayo ukuze enze izinto zakhe anginike namagundane.
"Kodwa osukwini olulandelayo washaya ucingo wathi idlozi lakhe alivumi ukumnika imvume yokuba anginike amagundane nokuthi angelaphe."
Nakuba lo wesimame ayeseqala ukusola ukuthi kukhona okushaya amanzi, walindela eMthatha ebheke ukuba idlozi "likhulule" ongumelaphi.
Umelaphi akazange aphinde axhumane naye.
Ekugcineni, waphindela ekhaya ngoba nemali yayisimphelela.
"Kwakuthi uma ngimshayela ucingo angihleke, aluvale," kusho umfundi.
"Uma kwenzekile saxhumana, wayevele abe nolaka angidelele."
Imali eyakhokhwa ngumfundi ayikaze ibuye.
"Iyangigulisa yonke le nto," kusho umfundi.
"Angilali ebusuku ngicabanga ngayo. Okungikhathaza kakhulu wukuthi le nyanga isaqhubeka idlala ngabantu."
Qaphelani "oklebe" abafuna ukuceba ngani.
Badlala ngani ngoba bazi ukuthi nifuna imali, ngeshwa, imikhuba enjengalena ijwayelekile emsebenzini wokwelapha kanti iyasithunaza isithunzi sabelaphi.
Kungenzeka ukuthi laba bantu abazi lutho ngokwelapha nangobungoma.
Ngisho noma ngabe uyifuna kangakanani imali, ungalokothi uthathe imali yakho yebhonasi, yempesheni noma oyithole emva kokuphelelwa umsebenzi uyinike izinswelaboya.
Kudlalwa ngani kanti futhi ningalahlekelwa yimali yenu!
Ningavumi ukwenziwa iziwula! [z]
26 BONA ZULU - December 2006
Ezemithi yesintu
Qaphelani abanilutha ngamagundane
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: forcek@caxton.co.za
