Zulu.463.10ques
IMIBUZO
ka-Robert "Madluphuthu" Marawa
Ungumethuli wezinhlelo zezemidlalo kwiTV othandwayo eMzansi
1. Yikuphi owawukwenza kahle useyingane"
Ukuba namahloni. Amahloni nami sasingamathe nolimi.
2. Wawunjani kwezemidlalo"
Ngangikuthanda ukugijima kowamabanga amade nowokuqwala izintaba, ngigijima nakwi-800m.
E-high school ngangingukapteni weqembu lokuqala le-basketball iminyaka emibili, ngaqhubeka ngayomela iNatal Midlands.
Ngadlala futhi eqenjini lesibili
le-rugby noBobby Skinstad. Enyuvesi ngangidlala kwiligi yangaphakathi - ebholeni nakwi-basketball - naweke uyazibonela.
3. Waqala nini ukubonana nabesimame ngakwezothando"
Abesimame kufanele babonwe njalo othandweni, ngisho ngabe ukuyiphi iminyaka. Ha ha! Empeleni angisakhumbuli. Ngicabanga
ukuthi ngathola uthando okokuqala ngisese sikoleni nokuyilapho ngangibona ukuthi ngizoshada naye.
4. Wawunayo indlela yokweshela"
Kwakungukuthenga oshokoledi abafana namaCrunchies namaLunch Bars - babesiza kakhulu. Kwakudingeka ube sezandleni zayo intombi ungakancibiliki.Ngangingenawo amazwi engangiwasebenzisa, ngicaphuna ezingomeni zoLuther Vandross, James Ingram, Teddy Pendagrass nabanye umculo wabo owawungasiza ezincwadini zothando.
5. Ngabe ukhona othandana naye manje"
Yebo - ngithandana nomsebenzi wami. Ngiyethemba ngizomfuna maduze engizothandana naye.
6. Igama likaMadluphuthu liphuma kuphi"
Liphuma othandweni lokudla uphuthu.
7. Bakubiza ngokuthini ekhaya"
Bangibiza ngoThemba. Kudala kwakufanele ube negama lesikole nelasekhaya, ngaleyo ndlela uRobert kwaba yilona gama lami lobugqila.
8. Ngubani umuntu wezemidlalo omnene osuke wahlangana naye"
Baningi - ngingabala uTiger Woods, Serena Williams, Maria Mutola, Frank Fredericks, Baby Jake Matlala. Bonke banobuntu - ngisho nomongameli abane bezwe lethu emva kwenkululeko.
9. Yini ekuthokozisa kakhulu nge-2010 Fifa World Cup"
Ukubaluleka kwale midlalo kuyoqala ukugxila ezingqondweni zabantu uma isifikile. Ngithokoziswa abadlali abaphambili emhlabeni abazokuza lapha nanethuba lethu njengesizwe lokukhombisa umhlaba wonke amagugu ethu.
10. Uma ungashintsha umsebenzi, yini ongayenza"
Wukuba ngumshayeli wezimoto zomjaho!!![z]
Nihlanganiselwe nguNtokozo Maseko
SIXOXA NESIHLABANI
