zulu.457.yourlifeguide_legal
AZI AMALUNGELO AKHO
Kule nyanga: izinyathelo ezintathu okufanele uzithathe ukuqinisekisa ukuthi awuthathwa njengomuntu ongakhokhi kahle
SIZA! IGAMA LAMI LINECHASHAZI NGOKUNGAFANELE!
Sekuphele iminyaka engu-10 ngine-account esitolo sezingubo. Ngihlale ekhaya izinyanga ezine ngingasebenzi ngangakwazi ukukhokha nyanga zonke. Ngababhalela incwadi ngachaza ngesimo sami. Emva kwalokho umsebenzi ngawuthola ngakhokha isikweleti.
Maduze nje ngike ngazama ukuthenga ngesikweleti esitolo bathi igama lami lifakwe kane ohlwini lakwa-credit bureau lwabangakhokhi kahle kanti ngeke ngikwazi ukuthatha ngesikweleti. Ngachaza ukuthi isikweleti ngasikhokha kodwa nganganakwa.
Ngidumele futhi angiyithandi indlela engiphathwe ngayo. Ngabe kukhona engingakwenza ukuze ngigeze igama lami?
ISELULEKO SOFEZELA
Isitolo asikuphathanga kahle. Kodwa isenzo saso sijwayelekile. Ngenhlanhla, iCredit Act entsha ingasiza wena nabanye abafundi abanenkinga efana neyakho.
1 BABHALELE INCWADI
Bhalela isitolo nabakwa-credit bureau incwadi uchaze ngokwenzekile. Chaza ukuthi ukhokhile ucele ukuba igama lakho lifakwe ohlwini lwabakhokha kahle. Lokhu kwenze ngisho noma kungukuthi ubusuke wakwenza, emva kwalokho thumela izincwadi zakho ngeposi elirejistiwe ubeke amakhophi ezincwadi nobufakazi bokuthi uziposile.
Uzowadinga la makhophi ukuze uma kunesidingo abe ngubufakazi uma uthole impatho engakugculisi.
2 I-OMBUDSMAN
Sijwayele ukuzwa kukhulunywa nge "ombudsman" noma i -"ombud" kulezi zinsuku.
I-ombudsman ingukhomishana noma umuntu ojutshelwe ukuphenya izikhalo. Njengoba ihhovisi lakhe liqale ukusebenza ngoFebruary 2004, baningi abathengi baseSA asebesizakele - kanti okuhle wukuthi lolo sizo uluthola mahhala!
Noma ngubani angaluthola usizo uma isikhalo sakhe sincike kulezi zigaba ezilandelayo:
Uma i-credit bureau inombiko okungesiwo ochaphazela igama lakho.
Lokhu kwenzeka uma kungukuthi kwi-credit bureau uvela njengomuntu ongakhokhelanga isikweleti ayengakaze abe naso!
Kunombiko osuphelelwe yisikhathi ngaphansi kwegama lakho.
Ukwenza isibonelo, kungenzeka ukuthi isikweleti sakho usuqedile ukusikhokhela kodwa i-bureau ithi usakweleta.
Isitolo osikweletayo sinike i-bureau umbiko ongesilo iqiniso noma asikutshelanga ukuthi igama lakho lizofakwa ohlwini lwabangakhokhi kahle.
Awuyekanga ngamabomu ukukhokhela isikweleti (uphelelwe wumsebenzi, njengoba kwenzeke kulo mfundi) kodwa wabuye wathola amandla okukhokha.
Kukhona nezinye izigaba kodwa lezi yizona ezimqoka kakhulu.
3 XHUMANA NAYO
Ungakhohlwa wukuba ne-credit bureau reference number yakho uma usushayela i-Ombud ucingo kule nombolo: 0861-662-837, ungathumela ne-email ku-ombud@ombud.org.za.
Kukhona neWebsite ozothola kuyona izimpendulo uma unemibuzo usizakale uma unezikhalo. Itholakala ku- creditombud.org.za.
Khumbula - ngaphambi kokuxhumana neCredit Information Ombudsman, zama ukulungisa inkinga yakho ne-credit bureau. Izokusiza uma unesikhalo esizwakalayo. [z]
UTHINI UMTHETHO
IZINOMBOLO ZE-CREDIT BUREAU
Experian: 0861-105-665.
Compuscan: 0861-514-131.
XDS: 0860-937-000.
Consumer Profile Bureau: 0861-287-328.
Kredit Inform: 011-777-2700.
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legal Advice, Box 32083, Mobeni, 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
Senze yonke imizamo ukuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
