zulu.454.health
Zazi
UNtombi weGenerations washaqeka kakhulu ngesikhathi ethola ukuthi unesifo sikashukela kodwa waba nenhlanhla kunabanye abathola ukuthi banalesi sifo sesidale umonakalo omkhulu empilweni yabo.
Iya kudokotela noma emtholampilo ucele ukuhlolwa uma unezinye zalezi zimpawu:
o Uhlale womele okuphuzwayo.
o Uhlale ukhathele.
o Kwehla isisindo somzimba.
o Ukweluma kwesikhumba.
o Inkinga yamehlo.
o Kuthatha isikhathi ukuthi kuphole uma uhuzukile.
o Izandla nezinyawo ezindikindiki
BONA ZULU - November 2005
Ezempilo
Lawula ushukela wakho
Balinganiselwa ezigidini ezintathu abantu abanesifo sikashukela eSA kanti oyedwa kwabayisithupha uba nezilonda ezinyaweni ngokuhamba kwesikhathi kube lukhuni ukuthi enze akuthandayo. Kodwa ezimnandi zithi sekukhona indlela entsha ezizokwelashwa ngayo lezi zilonda ezosiza ukuze ziphole. Nama-medical aid ayayimukela le ndlela.
IQINISO:
Imithambo yegazi emzimbeni womuntu ingaba amakhilomitha angu-128 000.
GREAT STOCK!
Ukucula kusiza inhliziyo !
NgokukaDr Arien van der Merwe onguchwepheshe kwezokulawulwa kokukhandleka kwengqondo, ungavumi ukuhlulwa abaculi be-kwaito nabacula ekhwayeni esontweni - phumuza inhliziyo yakho kanjalo nezinye izitho zomzimba ngokucula.
"Ukucula kwehlisa izinga lokukhandleka kwengqondo novalo okusho ukuthi cula noma nini uma uzwa kuthi cula," kusho uDr Arien. Ungacula umemeze noma uculele phansi, noma ucule buthule uma uthanda. Ungabuye uzidansele ngesikhathi ucula ukuze wehlise ukukhandleka kwengqondo!"
Hlala uphilile noPatricia McCracken
IQINISO:
Zivuselele!
Ngabe uzizwa uphelelwa umdlandla njengoba unyaka usuphela" Odokotela bengqondo bathi ungazivuselela ngombala o-orange ngoba ukhuthaza ukuzethemba, ukunike umdlandla nentokozo - usebenzise namuhla!
Zikhethele noma yini enombala o-orange.
Uma udla iwolintshi noma uphuza ingilazi ye-orange juice uzothola uVitamin C ovuselela ukusebenza kwamasosha omzimba ulwe nokukhathala.
Abantu abanezindlebe ezilengayo basengozini yokuphathwa yisifo senhliziyo..[z]
