zulu.444.yourlifestyle_health
I-Cholera
1 IYINI? I-cholera wuhlobo lohudo oluyingozi olubulalayo. Uyithola ngokuphuza amanzi angcolile anendle nomchamo. I-cholera ungayithola nangokudla izithelo nemifino egezwe ngamanzi angcolile.
2 WAZI KANJANI UKUTHI UNAYO? Ukhishwa yisisu ukhiphe into emanzi, bese uyaphalaza, kuphume amanzi amaningi emzimbeni.
Lesi sifo siba mandla kakhulu ezinganeni, ebantwini abadala nakwabavele begula noma abangondlekile kahle.
3 KUDALWA YINI UKUTHI I-CHOLERA ITHATHWE "NJENGESIFO ESIYINGOZI"? Uma singelashwanga lesi sifo, uhudo nokuphalaza okudalwa yi-cholera kwenza uphelelwe amanzi. Umzimba wakho uphelelwa yizo zonke izakhamzimba ozidingayo ukuze uphile kahle - emva kwalokho umzimba uyoma. Ungafa ngokushesha ubulawe yi-cholera.
4 YELASHWA KANJANI? Ukwelashwa kwayo kuya ngokuthi imandla kangakanani. Uma isisu singakukhiphi kakhulu ungagwema ukuphela kwamanzi emzimbeni ngokusiza umzimba ukuze ungomi. Ungaphuza ingxube ozenzele yona (bheka ebhokisini), noma uyithenge ekhemisi.
Abantu asebephelelwe amanzi kakhulu kufanele baye emtholampilo ngokushesha.
Baphuzise ingxube yamanzi ngesikhathi usabaphuthumisa emtholampilo kuze kube bafakwa i-drip banikwe namaphilisi awumjovo azobaphephisa.
Ungazami ukuphalaza uma une-cholera ngokwesexwayiso soMnyango wezeMpilo nokuThuthukiswa koMphakathi - lokho kuyingozi kakhulu.
Gwema neziphuzo ezihlohlozayo ezinjengeCoke.
5 UNGAYIGWEMA KANJANI I-CHOLERA? Akusiwe osuke uyimbangela yokuthi amanzi abe yingozi uma uhlala endaweni okubheduke kuyona i-cholera. I-cholera ingabheduka uma indawo iminyene noma uma kushoda ingqalasizinda yokuthuthwa kwendle.
Ongakwenza wukuvikela umndeni wakho ngokuqinisekisa ukuthi awusondeli emfuleni noma emanzini angcolile. Okumqoka kakhulu, qiniseka ukuthi amanzi owasebenzisayo ahlanzekile.
6 UWAHLANZA KANJANI AMANZI? Lokhu ukwenza ngokubilisa amanzi noma uwafake isihlanzi esinjengeJik.
Elitheni yamanzi faka uhhafu we-teaspoon leJik uwayeke imizuzu engu-30 ngaphambi kokuwasebenzisa.
Emanzini angamalitha angu-25 faka i-teaspoon leJik, govuza uwayeke amahora amabili ngaphambi kokuwasebenzisa. (Qiniseka ukuthi isitsha esinamanzi sihlanzekile asifakwanga amakhemikhali ayingozi.)
Khumbula: izithelo nemifino kufanele kugezwe ngamanzi ahlanzekile. [z]
Indaba: Tania Sandberg
Ikhambi elisebenzayo uma une-cholera eligwema ukuphela kwamanzi emzimbeni elengxube eyisipesheli oyithaka ekhaya.
Khumbula: le ngxube ayithathi indawo yokwelashwa okuthola emtholampilo noma esibhedlela.
Faka ama-teaspoon kashukela angu-8 nengxenye ye-teaspoon kasawoti elitheni yamanzi abilisiwe - hlanganisa.
Abadala bangawaphuza kaningi ngokuthanda kwabo lawa manzi kodwa baqiniseke ukuthi baphuza okungenani izinkomishi ezimbili emva kokuya endlini yangasese.
Izingane zingawaphuza lawa manzi (ziphuzise uhhafu wenkomishi ngesipuni njalo emva kokukhishwa yisisu). Kodwa njengakuzo zonke izifo eziyingozi, izingane kumele ziphuthunyiswe kudokotela noma emtholampilo.
EZEMPILO
INGXUBE YOKWELAPHA ONGAZENZELA YONA
Izinto eziyisithupha okufanele uzazi ngalesi sifo esibulalayo
