zulu.1279.muthi
ezemithi yesintu
IZANGOMA nezinyanga zikutshela amagama azokusabisa uma zifuna imali yakho ngokusho komunye umhlengikazi othi izangoma zithi amadlozi akhe afuna ukuba abe yisangoma.
"Sinazo izangoma zangempela lapha, kodwa ezinye zihlose ukwakha imali ngalolu bizo," kusho yena.
"Njalo uma ngiya esangomeni ngenkinga ephathelene nomsebenzi noma ngezinye izinkinga zami, sivele singitshele okunye nje."
Kudalwa yini lokho" "Sisuke sifuna ukungisabisa ukuze ngivume ukuthwasela ubungoma," kusho yena.
Kukhona ezibiza u-R10 000 uma zikuthwasisa. Kufanele-ke ukuba abafundi bethu bangabaze uma kuthiwa izinkinga zabo zidalwa wukungafuni ukuthwasela ubungoma.
"Ngineminyaka engu-22 kanti ngiba nenkinga uma ngisezinsukwini zami," kubhala owesimame waseNorth West Province.
"Ngopha kakhulu igazi lehle ngemilenze," kuchaza yena.
"Ziningi izinyanga esezingitshele ukuthi ngingasizakala uma ngivuma ukuba yisangoma."
Kodwa iyamhlupha indlela aphoqwa ngayo ukuba amukele lolu bizo.
"Kudalwa yini ukuthi amadlozi ami enze into efana nalena kimina"
"Ngezwa kuthiwa umama wayenesiphiwo sokwelapha kodwa wanqaba ukuba yisangoma. Ngabe ngijeziselwa lokho""
Kungenzeka ukuthi le nkinga ayidalwa wubizo...
Ukuze asizakale akazame umkhurushane nentolwane kuqala.
Makahlanganise lawa makhambi ndawonye awabophe ngokotini awabilise. Makaphuze uhhafu wengilazi kabili ngosuku isonto lonke. Okunye, makahlanganise isipuni salo muthi nephalishi alidle njalo ekuseni.
Omunye owesimame oneminyaka engu-66 uhlushwa amaphupho.
"Ngivame ukuphupha amanzi nezinyoka ezinkulu," kubhala yena.
Izinyoka ziyambiza zithi akangene emanzini.
Lawa maphupho akhe akhomba ngokusobala ukuthi unobizo lobungoma. Kufanele azame noma kanjani ukuthwasa.
Ukubangwa
"Ngidinga usizo lwakho ngoba nginenkinga yamadlozi ami," kubhala umfundi wesilisa.
"Umama wami nomkhulu bafuna ngiqhubeke ngenze umsebenzi wokwelapha ababewenza besaphila.
"Manje ngisejele kanti abathandazi bangitshela ukuthi umkhulu nomama abenze ukuba ngivalelwe ejele.
"Babuye bathi umkhulu uyathanda ukungisiza ukuze ngiphume ejele kodwa umama yena ufuna ngigqunywe khona."
Bobabili bayambanga.
"Kudalwa yini ukuthi bona bangafinyeleli esivumelwaneni mayelana nomsebenzi okumele ngiwenze"" kubuza umfundi.
Kuyenzeka ukuthi amadlozi alwe ebanga ukusebenzisa umuntu oyedwa.
Abadala emndenini kumele benze umsebenzi obizwa ngokuthi wukuphahla.
Uma benza lowo msebenzi bacela amadlozi ukuba angabangi umuntu oyedwa ekubeni bekhona abanye angakhetha kubona ukuba benze umsebenzi ofanayo.
Iqiniso lithi akusizo zonke izangoma ezisuke zidlala ngawe uma zithi izinkinga zakho zidalwa wukungafuni ukuba yisangoma.
Ukuthatha isinqumo sokwamukela ubizo lobungoma akusiyo into elula.
Kukhona isisho esithi: Umuntu osuke egqoke isicathulo esimpintshayo ozwa ubuhlungu.
Kodwa ungadeli ngokuzwa esangomeni esisodwa. Hamba uyozwa nakwezinye ukuthi inkinga yakho idalwa yini. Bheka nomlando womndeni wakini ukuze uthole ukuthi akekho yini owayeyisangoma kokhokho bakho. Lokho nje kukodwa kungenza ukuba usithathe kalula isinqumo... [z]
Ukuphendula ubizo
BONA ZULU - December 2007
nguFORCE KHASHANE
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: muthi@caxton.co.za
